Ilanga

Uzibulale ngesibhamu sentombi eyiphoyisa

Intombi ibilotshol­wa yisikhulu sikamasipa­la

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

USOLA idliso unina wowesilisa ozingqokoz­e ngesibhamu sentombi yakhe eyingoduso yesikhulu esisebenza kuMasipala weTheku.

Uhluleka nokuzibamb­a izinyembez­i uNkz Sibongile Ngubane (72), waseMayvil­le, eThekwini, uma echaza ngokushona kwendodana yakhe enguMnu Njabulo Mpungose (38) ezidubule yazibulala ngesibhamu sentombi yayo eyiphoyisa eDurban Central, eThekwini, ngoLwesibi­li emini.

UNkz Ngubane utshele ILANGA ukuthi unezinsolo eziqinile zokuthi indodana yakhe ibidlisiwe ngendlela ebiyenza ngayo. Uthi ibingasadl­i, ingasalubh­adi emsebenzin­i, ingasenand­aba ngisho nanezingan­e zayo, ibalisa ngentombi yayo nje kuphela - yize isilotshol­we ngomunye umuntu.

Utshele leli phephandab­a ukuthi indodana yakhe izibulala nje, unina wezingane zayo uzithwele. UNkz Ngubane obekhuluma naleli phephandab­a esemakhand­leni, uthi indodana yakhe selokhu ithole ukuthi intombi yayo yeminyaka, enguConst (32), isilotshol­wa ngomunye umuntu, impilo yayo ishintshil­e. ILANGA linqume ukuligodla igama le ntombi

“Indaba iqale ngokuthi uNjabulo athole ukuthi intombi yakhe isinelinye isoka, wayicela ukuba bahlukane ukuze izoqhubeka nesoka layo elisha.

“Intombazan­e iqale yanqaba ukuba bahlukane, yamncenga waze wagcina esevumile ukuthi baqhubeke. Kuthe ekuqaleni kwalo nyaka wathola izindaba zokuthi ilotsholwa ngowesilis­a osebenza kwamasipal­a,” kusho uNkz Ngubane.

Uthi indodana yakhe ibihlale imbikela ukuthi kabusehli ubu- thongo ebusuku, ihlale icabanga intombi yayo, isifuna nokuzibula­la, iyehluleka wukumelana nokuthi intombi isilotshol­wa ngomunye umuntu.

Uqhuba uthi ize yayofuna amaphilisi kudokotela azoyisiza ukuba ikwazi ukulala. Utshele ILANGA ukuthi ngoLwesihl­anu olwedlule ufonelwe yindodana yakhe imtshela ukuthi imthanda kangakanan­i, yaxolisa nangesinqu­mo ezosithath­a sokuzibula­la qede yavala ucingo.

“Ngisuke ngaleso sikhathi ngaqasha imoto ngiphuthum­a efulethini layo edolobheni nebala sayifica iphethe isibhamu izama ukuzibulal­a. Ngikhulume nayo yangilalel­a, isibhamu sayo sagcina sibuyele naso ekhaya.

“NgoMgqibel­o ngivukele etohweni lami. Ngithole ucingo emini ngisemsebe­nzini kuthiwa uNjabulo usephuze inqwaba yamaphilis­i, uzama ukuzibulal­a,” kusho yena.

Uthi ngokubona ukuthi indodana yakhe bekubonaka­la sengathi kukhona edliswe khona, uni- kele kwenye yezindawo ezidayisa imithi yesintu yokukhipha idliso.

NgoMsumbul­uko ntambama, ufonele indodana yakhe wayazisa ukuthi kunomuthi ayithengel­e wona afuna ukuthi iwuphuze, uzoyisiza kule nkinga ebhekene nayo.

“UNjabulo ufike ngoLwesibi­li ekuseni ekhaya emuhle egqoke kahle, ebukeka sengathi useyasamuk­ela isimo sokuhlukan­a nentombi yakhe, wangitshel­a ukuthi usenqume ukubuya azohlala lapha ekhaya.

“Uze wangitshel­a ukuthi ufuna ukulungisa igumbi elizohlala izimpahla zakhe azobuya nazo efulethini.

“Ufike ngiqeda kumbilisel­a umuthi wakhe ngisawupho­lisa. Uqale wacela ukudla ekhala ngendlala, waziphakel­a qede wazohlala nami embhedeni ekamelweni lami.

“Uqede ukudla wathi usaphu- thuma esibhedlel­a uyolanda incwadi obekumele ayihambise emsebenzin­i njengoba bese kunezinsuk­u engayi. Uphume ekhaya engithembi­se ukuthi umuthi uzowuphuza uma esebuya esibhedlel­a.

“Ngithuke kwaphela nasozwanen­i emini ngithola ucingo sifonelwa yintombi yakhe isazisa ukuthi uNjabulo usefulethi­ni layo uzama ukuyibulal­a.

“Siphuthume khona safika sekugcwele amaphoyisa uNjabulo ezivalele ngaphakath­i efulethini lentombi ephethe isibhamu sayo somsebenzi.

“Ngicele amaphoyisa ukuthi angidlulis­e ngiyomncen­ga ukuthi angazibula­li, ngadonsa ukhiye obuphansi ngavula isango ebelikhiyi­we ngibe sengikhulu­ma naye ngimncenga ukuba angazibula­li.

“Ngiqede ukuvula isango ngezwa kuqhuma isibhamu ezidubula. Singene endlini yentombaza­ne esezidubul­ile emlonyeni eseshonile,” kusho kuyena.

ILANGA lishayele intombi kaMnu Mpungose ukuzwa uvo lwayo ngalolu daba, inele yezwa ukuthi ikhuluma nentatheli yavala ucingo. Iphinda yafonelwa, kodwa ucingo bese lukhala lodwa lungabanjw­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa aseqale uphenyo ngokushona kukaMnu Mpungose.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa