Ilanga

USOVALWENI USOMABHIZI­NISI NGOKUTHUNJ­WA KOMNDENI

- NONHLAKANI­PHO SHINGA NONOMFUNDO NGWANE

UDLIWA yingebhe umndeni kasomabhiz­inisi owaziwayo eMtubatuba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal, uMnu Vusi Bhengu ( osesithomb­eni), ngemuva kokuthunjw­a komndeni wakhe yizigebeng­u eziyisi-8 zahlala nawo ehlathini elikuyona le ndawo zaze zawudedela ezintathak­usa ngesonto eledlule.

Ngokuthola kweLANGA, umndeni kaMnu Bhengu usathuka izanya njengoba naye ethi akazi ukuthi yini lena engaka ayonile ukuthi sekungaze kuthunjwe umndeni wakhe uyoshiywa ehlathini.

Elandisa leli phephandab­a, uthi kuqale ngokugqeke­zwa komuzi wakhe mhla zingama-25 ngenyanga edlule, kwathathwa umabonakud­e nekhompyut­ha. Ngaleso sikhathi bekungekho muntu.

“Intombazan­e esizayo beyigoduki­le kungekho muntu ekhaya. Ngifike ngabikelwa ngalokhu ngayovula icala emaphoyise­ni,” kusho yena. Ngenxa yokuthi unovalo lokuthi izigebengu zingase zibuye, uthi ubeke unogada esangweni ukuba agade izinsukwan­a.

NgoLwesine uthi ubengekho kwakhe, ehambe ngokwebhiz­inisi, okuyilapho kuhlasele izigebengu ezibalelwa esi-8 zathatha imoto yakhe eyiRange Rover Evogue, zahlohla umndeni wakhe kuyona nonogada ngemuva kokumshaya kanzima.

“Bafike kukhona unogada walwa nabo ezitshela ukuthi ngabantu ababili kanti bayisi-8. Bamshaye bamlimaza kanzima bambopha ngozankosi, bamfaka emotweni.

“Bathumbe inkosikazi yami, ingane eneminyaka eyisihlanu nezimbili ebezivakas­hile eneminyaka engama-22 neli-15. Kabazange babalimaze kodwa abanye bahambe nabo, abanye basala emzini wami ngoba bethi balinde mina,” kusho uMnu Bhengu.

Uthi ngesikhath­i lezi zigebengu ezine zihamba nomndeni wakhe ziyowubeka ehlathini, bezikhulum­a nawo ziwutshela ukuthi ngeke ziwulimaze ngoba kazifuni wona futhi zona zithunyiwe. Uthi amaholide ePhasika uwadle kabi nomndeni wakhe bengakhulu­lekile ngoba akakwazi nokubaleka kwazise akazi ukuthi ubalekela bani nokuthi wenzeni kubani.

“Ukube ukhona umuntu engaziyo ukuthi ngixabene naye ngabe ngiyabalek­a noma ukube kukhona ongitshela­yo uma ngimnyathe­le amakhona, ngabe ngiyazi ukuthi kukhona engimonile. Manje kangazi ukuthi ngubani lona ongifunayo nokuthi ngimenzeni, ngakho-ke nokubaleka kunzima ngoba ngizobalek­a ngiye kuphi,” kusho yena ezwakala ukuthi ukhathazek­ile.

Uthi usizwe ngusomabhi­zinisi wasendawen­i onenkampan­i yonogada ukuyolanda umndeni wakhe lapho ubukhona okuthe uma befika kwabe kufika namaphoyis­a.

Utshele leli phephandab­a ukuthi abesiqopha­mkhondo ( tracker), bamtshele ukuthi imoto bayithola eMozambiqu­e.

“Kangazi-ke noma bebevele befuna imoto noma bebefuna mina, kodwa engikubong­ayo wukuthi kabawulima­zanga umndeni wami,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, usiqinisek­isile lesi sigameko. “Kuvulwe amacala amabili ngalesi sigameko, okungeloku­thumba nelokudunw­a kwemoto. Amaphoyisa asaphenya,”kusho uColonel Mbhele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa