Izinsolo ezishaqisayo kubulawa ummeli
Ubephenya udaba olubucayi
ZIYAQINA izinsolo zokuthi ukubulawa kommeli owaziwayo waseThekwini, uMnu Thamsanqa Wilson Ndwandwe (46), kuhlangene nomsebenzi wokuphenya ngamathenda, abekwenzela elinye lamabhange aseNingizimu Afrika.
Kuthiwa uphenyo abephezu kwalo beluzovundulula amanyala abengagcina eholele ekubeni kuboshwe abathile abathinteka kula macala. UMnu Ndwandwe udutshulwe wabulawa ngoLwesine ebusuku ngezithuba zele-19h30 washonela khona lapho.
Udutshulwe amahlandla ayisi-8 ngaphandle komuzi wakhe osendaweni yabadla izambane likapondo eLa Lucia, eThekwini.
Lo mmeli, ongowokuzalwa KwaNongoma, KwaZulu-Natal - kodwa obesenomuzi eThekwini ngenxa yomsebenzi - ushiye inkosikazi yakhe nabantwana babo abathathu.
Kuthiwa sekwenzeke lesi sigameko, ukwazile ukufonela indodana yakhe ebingaphakathi endlini eyazisa ukuthi usedutshulwe ngabantu angabazi.
Kubikwa ukuthi indodana ifike ngemuva kwendaba, eseshonile. Selokhu kuzwakale izindaba zokushona kukaMnu Ndwandwe, sekunamahemuhemu azwakalayo ngokushona kwakhe njengoba kuvela nezindaba zokuthi kunabanye abasondelene naye kakhulu abasolekayo ngokubulawa kwakhe, kodwa okusalindwe uphenyo lwamaphoyisa.
Yize amaphoyisa engakayitholi imbangela yokubulawa kukaMnu Ndwandwe, kodwa ayanda amahlebezi okuthi lo mmeli ubebandakanyeka ekwenzeni umsebenzi wokuphenya ngokunikezelwa kwamathenda ngelinye lamabhange.
Ngokuthola kwaleli phephandaba ngemithombo esondelene nomndeni kamufi - ecele ukuba singayidaluli - kuningi okushayisa amakhala ngokubulawa kwakhe njengoba kunezinsolo zokuthi kukhona necala elinzima ebelikhona phakathi kwakhe nomunye wesilisa oke wasebenzela lo mmeli.
Baxabene ngemuva kokuba uMnu Ndwandwe ethole ukuthi lona wesilisa webe amafayela athile enkampanini yakhe wabe esemxosha qede wamvulela icala.
Kuthiwa icala likaMnu Ndwandwe nesisebenzi sakhe elivulwe ngowezi-2013, bekulindeleke ukuba liphothulwe maduze.
Umthombo uthi uma leli cala belimlahla lona wesilisa, ubezolahlekelwa ngokuningi okuthinta umsebenzi wakhe.
“Inkinga wukuthi uNdwandwe ubevele enza amacala anzima nokwenza kube nabantu abaningi abangaba ngabasolwa njengoba kukhona lolu phenyo (lwebhange).
“Iseyindida indaba yokushona kukaMnu Ndwandwe ngenxa yokuthi sekunabantu abaningi abanukwayo, abanye abasondelene naye," kusho lo mthombo.
Kuthiwa ngosuku abulawe ngalo, uchithe isikhathi eside ehleli ehhovisi lakhe, kungavumi ukuba agoduke. Umthombo uthi uMnu Ndwandwe uze wasuka ehhovisi lakhe sekuyoshaya ihora lesi-7 okungaphelanga sikhathi esingakanani kwabe sekuzwakala izindaba zokubulawa kwakhe.
ILANGA liyile emzini kaMnu Ndwandwe emuva kokuzwa ukuthi sekufike abomndeni wakhe bephethe incwadi yefa, bephoqa inkosikazi kamufi ukuba ayofihlelwa kubo KwaNongoma kodwa lalelwa ukuxoxa nenkosikazi yakhe.
Lifike kunkanise amaphoyisa ngaphandle namalungu omndeni abemi izixongololo egcekeni. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokubulala, amaphoyisa aphansi phezulu nophenyo.