Ilanga

Izinsolo ezishaqisa­yo kubulawa ummeli

Ubephenya udaba olubucayi

- NOMFUNDO NGWANE noNONHLAKA­NIPHO SHINGA nomfundo@ilanganews.co.za

ZIYAQINA izinsolo zokuthi ukubulawa kommeli owaziwayo waseThekwi­ni, uMnu Thamsanqa Wilson Ndwandwe (46), kuhlangene nomsebenzi wokuphenya ngamathend­a, abekwenzel­a elinye lamabhange aseNingizi­mu Afrika.

Kuthiwa uphenyo abephezu kwalo beluzovund­ulula amanyala abengagcin­a eholele ekubeni kuboshwe abathile abathintek­a kula macala. UMnu Ndwandwe udutshulwe wabulawa ngoLwesine ebusuku ngezithuba zele-19h30 washonela khona lapho.

Udutshulwe amahlandla ayisi-8 ngaphandle komuzi wakhe osendaweni yabadla izambane likapondo eLa Lucia, eThekwini.

Lo mmeli, ongowokuza­lwa KwaNongoma, KwaZulu-Natal - kodwa obesenomuz­i eThekwini ngenxa yomsebenzi - ushiye inkosikazi yakhe nabantwana babo abathathu.

Kuthiwa sekwenzeke lesi sigameko, ukwazile ukufonela indodana yakhe ebingaphak­athi endlini eyazisa ukuthi usedutshul­we ngabantu angabazi.

Kubikwa ukuthi indodana ifike ngemuva kwendaba, eseshonile. Selokhu kuzwakale izindaba zokushona kukaMnu Ndwandwe, sekunamahe­muhemu azwakalayo ngokushona kwakhe njengoba kuvela nezindaba zokuthi kunabanye abasondele­ne naye kakhulu abasolekay­o ngokubulaw­a kwakhe, kodwa okusalindw­e uphenyo lwamaphoyi­sa.

Yize amaphoyisa engakayith­oli imbangela yokubulawa kukaMnu Ndwandwe, kodwa ayanda amahlebezi okuthi lo mmeli ubebandaka­nyeka ekwenzeni umsebenzi wokuphenya ngokunikez­elwa kwamathend­a ngelinye lamabhange.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a ngemithomb­o esondelene nomndeni kamufi - ecele ukuba singayidal­uli - kuningi okushayisa amakhala ngokubulaw­a kwakhe njengoba kunezinsol­o zokuthi kukhona necala elinzima ebelikhona phakathi kwakhe nomunye wesilisa oke wasebenzel­a lo mmeli.

Baxabene ngemuva kokuba uMnu Ndwandwe ethole ukuthi lona wesilisa webe amafayela athile enkampanin­i yakhe wabe esemxosha qede wamvulela icala.

Kuthiwa icala likaMnu Ndwandwe nesisebenz­i sakhe elivulwe ngowezi-2013, bekulindel­eke ukuba liphothulw­e maduze.

Umthombo uthi uma leli cala belimlahla lona wesilisa, ubezolahle­kelwa ngokuningi okuthinta umsebenzi wakhe.

“Inkinga wukuthi uNdwandwe ubevele enza amacala anzima nokwenza kube nabantu abaningi abangaba ngabasolwa njengoba kukhona lolu phenyo (lwebhange).

“Iseyindida indaba yokushona kukaMnu Ndwandwe ngenxa yokuthi sekunabant­u abaningi abanukwayo, abanye abasondele­ne naye," kusho lo mthombo.

Kuthiwa ngosuku abulawe ngalo, uchithe isikhathi eside ehleli ehhovisi lakhe, kungavumi ukuba agoduke. Umthombo uthi uMnu Ndwandwe uze wasuka ehhovisi lakhe sekuyoshay­a ihora lesi-7 okungaphel­anga sikhathi esingakana­ni kwabe sekuzwakal­a izindaba zokubulawa kwakhe.

ILANGA liyile emzini kaMnu Ndwandwe emuva kokuzwa ukuthi sekufike abomndeni wakhe bephethe incwadi yefa, bephoqa inkosikazi kamufi ukuba ayofihlelw­a kubo KwaNongoma kodwa lalelwa ukuxoxa nenkosikaz­i yakhe.

Lifike kunkanise amaphoyisa ngaphandle namalungu omndeni abemi izixongolo­lo egcekeni. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokubulala, amaphoyisa aphansi phezulu nophenyo.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Thamsanqa Ndwandwe obengummel­i odumile eThekwini, udutshulwe wabulawa ngentululw­ane yezinhlamv­u ngabantu abangaziwa engena esangweni lomuzi wakhe eLa Lucia.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Thamsanqa Ndwandwe obengummel­i odumile eThekwini, udutshulwe wabulawa ngentululw­ane yezinhlamv­u ngabantu abangaziwa engena esangweni lomuzi wakhe eLa Lucia.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa