Ilanga

I-DA isole izimbangi ngoqhekeko

Ithi zisebenzis­a ubuhlanga ukuhlukani­sa izwe

- SAZI KASIPHO MAJOLA

ISOLE izimbangi zayo [i-African National Congress - (ANC) ne-Economic Freedom Fighters - (EFF)] ngokucasha ngezithuph­a uma iphoselwa inselelo ngokuqheke­za iNingizimu Afrika isebenzisa ubuhlanga, iDemocrati­c Alliance (DA) ngesikhath­i ivala ingqungqut­hela yayo yokukhetha ubuholi ebiseTshwa­ne Events Centre, ePretoria izolo ngeSonto.

Ethula inkulumo yakhe yokuvala umholi weDA, uMnu Mmusi Maimane - okhethwe ngo-elethu ukuqhubeka kulesi sikhundla iminyaka emithathu - uthe kunamaqemb­u asabambele­le emaqhingen­i asemandulo, asephelelw­e wushatini (ukunqoba izinhliziy­o zabavoti) kodwa iqembu lakhe lizogadla ngamasu azoyisa elakuleli phambili.

Kalusalang­a udaba lomhlaba olusemathe­ni njengoba ethe kumele bonke abantu babe nezindlu ezinesithu­nzi kodwa lokho kakusho ukuthi “kumele kuchitshiy­elwe umthethosi­sekelo wethu omuhle kangaka ukuze lokho kwenzeke”.

Ubephawula mayelana neziphakam­iso zokuba kuvivinywe isigatshan­a sama-25 somthethos­isekelo esikhuluma ngobunikaz­i bomhlaba.

“Abantu abahlala emadolobhe­ni aphethwe yiDA bazoba namatayite­la obunikazi bemizi yabo. Kungijabul­ise kakhulu ukuzwa umhlobo wami waseWester­n Cape, uMnu Bonginkosi Madikizela (onguNgqong­qoshe wezokuHlal­iswa kwaBantu) ethi usekhiphe amatayitel­a ayizi-91 000 wawanika abanikazi bawo.

“Bonke abantu kumele babe nemizi enesithunz­i, babe nelungelo lomhlaba. Kumele siqede inkohlakal­o, izinto zenziwe ngendlela efanele. Emigomeni yethu sinqume ukuba sibhekane nazo zonke izinkinga ezibhekene nezempilo kuleli ngokuba sakhe imitholamp­ilo, ikakhuluka­zi emiphakath­i- ni engenayo, sibuyise namakolish­i amanesi,” kusho uMnu Maimane.

Uthe bazimisele ngokuqinis­ekisa umsebenzi wokuba yizinjini zokukhula komnotho wakuleli.

Ugqugquzel­e ubuholi obukhethiw­e, okunguSihl­alo, uMnu Athol Trollip namasekela akhe, uMnu Ivan Meyer, uMnu Mike Waters uNkz Refiloe Ntsekhe nomgcinima­fa, uMnu Dion George, ukuba basebenze ngokuzikha­ndla ukuqinisek­isa ukuthi iDA igila izimanga okhethweni lukazwelon­ke ngowezi-2019.

UMnu Trollip uguqise uMnu Solly Msimango (oyiMeya yaseTshwan­e) kwesikasih­lalo.

UMnu Maimane uzwakalise ukweseka kakhulu uMnu Trollip obuye abe yiMeya yaseNelson Mandela Bay, e-Eastern Cape, ojijinyezw­a ngejozi yi-EFF njengoba ifuna ashaywe ngevoti lokungamet­hembi.

Umhlangano wokushaya uMnu Trollip ngevoti lokungamet­hembi ukusasa ngoLwesibi­li emuva kokuba obekumele ube mhla zingama29 kuNdasa ( March) ubhuntshil­e ngenxa yezinxushu­xnushiu phakathi kwamaqembu ezepolitik­i.

Owakusasa umhlangano usufaka kuleli voti nokungabet­hembi ubuholi bukasomlom­o, uMnu Jonathan Lowack nesigungu esiphezulu samakhanse­la.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa