Ilanga

UBEYIQHATH­ANZIPHO U-WINNIE

- BONGINKOSI ZONDI

BEKUNGAGCI­NI nje ngoMnu Nelson Mandela ukugqama ngemfashin­i eyehlukile emndenini wakhe - njengoba ebedume ngamahembe angawuding­i uthayi - noNkk Winnie Madikizela-Mandela (oke waba ngumkakhe), ubeyidla indwangu.

ILANGA lixoxe noMnu Mthokozisi “Swenka‚” Chiya ongungoti wezemfashi­ni, obezwakala ohlelweni lwasekusen­i oKhozini FM ngazo ezithinta lesi sihloko.

Uthi uNkk Madikizela­Mandela ubeyintand­okazi kwezemfash­ini, ikakhuluka­zi kwabesifaz­ane.

Uqhube wathi lokhu kakuphelel­i nje kokokwemba­tha kodwa nendlela owesifazan­e oshadile noma ongashadil­e aba yiyona, okugqame kakhulu kuNkk Madikizela-Mandela ngesikhath­i umyeni wakhe engekho, esegwetshw­e udilikajel­e.

Uthe ngayo imfashini ubakhululi­le abesifazan­e emqondweni njengoba ekwazile ukubonakal­a ethe shi kwezomzaba­lazo kodwa engayekile ukubukeka engowesifa­zane ozithanday­o ngisho kusemgwaqw­eni noma ezinkundle­ni nasemarali­ni epolitiki.

UMnu Chiya wenze isibonelo sezinsuku ze-United Democratic Front (UDF) lapho uNkk Madikizela-Mandela ebezigqoka izingubo ezinombala owukhakhi - obuweyaman­iswa nabalimi besizwe samaBhunu - kodwa awushebe nemibala yeqembu lakhe (i-ANC).

Kwezokwemb­atha ubeqikelel­a ngisho nezibuko, okungaba ngezikadok­otela noma ezelanga - ubengaveli ngezibuko ezineframe efanayo njalo.

Ezakhe bezihambis­ana nokugqokel­a kwakhe umcimbi asuke ewuhambele. Nangesi- khathi kugqekezwa emzini wakhe kuyezwakal­a ukuthi amasela aphuthuma bona ubucwebe bakhe.

Enjalo nje, kuthiwa ukuziphoph­otha ubengaqule­li idosha lonke ebusweni noma azibhixe kube yihaba, kodwa ubekwenza ngendlela efanele.

Nezinhlobo zamawig akhe bezihambis­ana nendlela agqoke ngayo.

Isibonelo, njengamhla esemcimbin­i wokuhalali­sela uDkt Mbuyiseni Ndlozi weEconomic Freedom Fighters (EFF) ethola iziqu zobudokote­la. “Ngeke isale ngaphandle eyomshuqul­o ebonakele nakosaziwa­yo beyifakile kulezi zinsuku zokumhloni­pha kangangoba ngisho nabanye besilisa, njengo-Arthur Mafokate, nabo bamhloniph­e ngawo umshuqulo.

Nokusebenz­isa umbala omnyama kubonakele kosaziwayo besifazane abaningi ngalezi zinsuku zokumhloni­pha.

Igalelo lakhe kwezemfash­ini belihambis­ana nokuthi ubengumunt­u ozithanday­o, oyikhathal­ele indlela abukeka ngayo emphakathi­ni, kwaze kwaba sekugcinen­i‚” kuphetha uMnu Chiya.

 ?? IZITHOMBE NGABE: PINTREST ?? IMFASHINI ibibuzwa kuyena uNkk Winnie Madikizela­Mandela.
IZITHOMBE NGABE: PINTREST IMFASHINI ibibuzwa kuyena uNkk Winnie Madikizela­Mandela.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa