Ilanga

INGEBHE KUBULAWA IKHEHLA

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

UVALO emalungwin­i omphakathi waseMbumbu­lu, eThekwini emuva kokubulawa ngesihluku owesilisa osekhulile elele emzini wakhe ngoLwesihl­anu.

UMnu Beka Mkhize (81) - obehlala yedwa emzini wakhe - ungenelwe ngabantu abangaziwa bamngenela ngesibhaxu waze washona qede bathatha umakhalekh­ukhwini wakhe bashaya bachitha nawo.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a ngelungu lomphakath­i elicele ukuba siligodle igama lalo ukulivikel­a, uMnu Ngcobo kakukho lutho abamazela lona olungalung­ile njengoba ebulawe ngesihluku esingaka.

Lithi ubekhonze ukuhlala ngaphansi kwesihlahl­a athamele umthunzi, ubengeyena umuntu ozulayo.

“Kusishayis­a ngovalo singomakhe­lwane bakhe, sizibona singapheph­ile uma abantu bekwazi ukungenela umuntu omdala kangaka bambulale.

“Siyasola ukuthi abantu abenze lokhu bebefuna nemali yakhe yempesheni njengoba abantu abadala besanda kuhola,” kusho leli lungu lomphakath­i.

Lithi lokhu okwehlele uMnu Mkhize yinto engajwayel­ekile endaweni yabo ukuthi kuhlaselwe umuntu abulawe emzini wakhe.

“Le nto eyehlele uMkhize sihlale siyibukela le kude kunathi, kusethusil­e ukuthi yenzeke endaweni yethu.

“Sizosebenz­a ngokubambi­sana namaphoyis­a ukuba kubanjwe lezi zigilamkhu­ba ezibulale ikhehla elingenaca­la,” kuphetha leli lungu lomphakath­i.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi amaphoyisa aseMbumbul­u athole umbiko ngesidumbu sowesilisa osekhulile sinezingoz­i zokushaywa.

Uthi amaphoyisa asevule amacala amabili, elokweba nelokubula­la. Bekungakab­oshwa muntu okwamanje kodwa amaphoyisa ayaqhubeka nokwenza uphenyo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa