Amaloli ambeke esicongweni
Ukweswela imali yokufunda yikona okumfake umdlandla wempumelelo
UKUSHIYA phakathi enyuvesi ngenxa yokweswela imali yokufunda kakuzange kumthene amandla uMnu Sandile Ntuli (37), osengumnikazi wenkampani enkulukazi yamaloli ezinze ePinetown.
UMnu Ntuli ungumnikazi weBanokwakha Logistics enamaloli angaphezulu kwangama-30, amanye awo athutha amalahle emayini yasoKhukho oNdini, abe nama- waterkan aqashwe wumasipala ukuthuthela umphakathi amanzi namanye donsa izinqola ezinde ( horse and trailer) aqashwa yizinkampani ezinkulukazi ukuthutha umkhiqizo wazo uya emazweni angaphandle okubalwa kuwo iMozambique, iZambia ne-Angola.
UMnu Ntuli uthi ukungaziqedi iziqu zakhe ze-Engineering e-University of Cape Town, yikhona okumenze wagcina esengusomabhizinisi ovelele kwezokuthutha.
“Ngingene ebhizinisini ngingenawo umqondo wokwehluleka ngoba bengizitshela ukuthi uma ngithi ngiyehluleka, ngizokwenzani kwazise kangifundile. Beyingekho enye indlela ngaphandle kokuba ngiphumelele.
“Lo msebenzi wamaloli usaphethwe kakhulu ngabamhlophe, lokhu okwenza kube lukhuni satshe ukuthola inkampani ezokwethemba ikunike umsebenzi. Le nselelo kangiyithathanga njengesithiyo endleleni yami kodwa ngibone kuwudonga okumele ngilubhodloze,” kusho uMnu Ntuli ngokuzethemba.
Uma ungena ekomkhulu lale nkampani, ukhangwa ngamaloli amakhulu nemishini esetshenziswa uma kwakhiwa imigwaqo igcwele igceke. Uma usungena ngaphakathi ehhovisi, kulenga inqwaba yezitifiketi ezitholwe yile nkampani ngokushaya into ecokeme kulo msebenzi.
Kunobuxhakaxhaka bamakhamera obenza bakwazi ukubona iloli noma kuthiwa liseZambia, belibuka ekhompyutheni lisuka lize liyothulula lapho lithunywe khona. Babona ngisho nokuthi umshayeli uhleli nobani kulelo loli.
UMnu Ntuli uthi bekungelula eqala. Uqale ngeloli elilodwa ebelilidala ethole umsebenzi wokuthutha ilahle ngaphansi kwenye inkampani ebinikezwe lo msebenzi. Leli loli elilodwa uthi lithenge amanye amathathu, agcina esemane esebenza kuyona le mayini.
“Bekusenzima kakhulu ngalesi sikhathi njengoba besisebenzisa amaloli amadala, efa njalo. Kuthe lapho sesithi izinto ziyalunga, saxoshwa sonke ebesingama- sub contractor. Siqale phansi sizama ukufaka amaloli kabusha kule nkampani, kwagcina kulungile.
“Kudingeke ukuba ngithenge amaloli amasha ngase ngicela iThala ukuba lingisize. Ngempela bangiboleke u-R27 million okuyiwona engithenge ngawo iningi lamaloli asebenza kule mayini. Kule mayini yasoKhukho kulapho esinomsebenzi omningi khona njengoba sinamaloli ali-12 athutha amalahle, imishini egugula umgwaqo, eyokugandaya nethwala amanzi. Izisebenzi zethu ezikule mayini zingama-44, zisebenza ubusuku nemini,” kusho uMnu Ntuli.
Uthi ngowezi-2015 amalahle ake angenza kahle ezimakethe, umsebenzi uhamba kancane. Ngaleso sikhathi kudingeke ukuba bacabange ukuthi yini enye abangeyenza, base bethenga amaloli adonsa izinqola ezinkulu athutha impahla. Njengamanje banamaloli ali-16 alolu hlobo ahambela amazwe ahlukene.
Uthi ngokukhula komsebenzi, ube esesebenzisana nomunye usomabhizinisi omnyama naye onebhizinisi lamaloli.
Utshele ILANGA ukuthi uma izinto sezixakile, osomabhizinisi bezinye izinhlanga sebefuna ukudla umsebenzi wakhe, uye asizwe yiJaji Sipho Ngwenya leNgonyama Trust noNgqongqoshe wozokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala.
Uthi uma kunentsha efuna ukungena ebhizinisini, mayihluze imiqondo yayo, igxile kulokho ephokophele ukukwenza.
“Indlela eya empumelelweni kayilula, kodwa kuyafikeka uma uzosusa konke okukuphazamisayo ugxile kulokhu okuzophumelelisa iphupho lakho. Ukuvaleka kwerobhothi kakusho ukuthi sekufanele ucishe imoto, upake kodwa kusho ukuthi zilungiselele ngoba lizovuleka noma kunini uqhubeke nohambo lwakho,” kusho yena.
Inkampani yakhe isize abesifazane abali-12 abebebhuquza emakhaya, yabafundisa ukushayela, kumanje ibaqashile bangabashayeli bamaloli.