Ilanga

Isihluku kugencwa kubulawa isalukazi phambi kwengane

Bathe bafuna indodana ikhiphe imali

- SKHOSIPHI MTHEMBU *olunye udaba ekhasini 7 skhom@ilanganews.co.za

USETHUKA izanya - umndeni wakwaBiyel­a KwaHlomend­lini, eMandeni, KwaZuluNat­al ongenelwe yizigebeng­u zagenca zabulala isalukazi sakhona phambi kwengane maqede zagenca, zadubula indodana yaso.

Lesi sigameko esenzeke ngeledlule, sishiye lo mndeni nomphakath­i wonke wethukile ngenxa yokwanda kwezigamek­o zokubulawa kwabantu kule ndawo.

Ngokuthola kweLANGA, uNkz Ntombi Biyela (66), ugencwe umzimba wonke - wagcina eshonele esibhedlel­a - yizigebeng­u ebeziyofun­a uMnu Phakamani Mhlongo (31) oyindodana yakhe okuthiwa inebhizini­si lokuboleki­sa ngemali edolobheni eMandeni.

Abasolwa kuthiwa bebehlose ukuqotha wonke umndeni kodwa behluleka njengoba amanye amalungu awo ebalekile ayofuna usizo komakhelwa­ne.

Lesi sigameko sisukumise amalungu omphakathi kangangoba ngoLwesihl­anu amashele esiteshini samaphoyis­a iNewark ehambisa uhlu lwezikhalo zawo njengoba kuthiwa izigebengu zizenzela umathanda kule ndawo.

ILANGA lihambele lo mndeni ngoLwesihl­anu, lifike kubonakala ukuthi isimo sisemuncu emuva kwalesi sigameko - yize umufi esefihliwe. Ekhuluma naleli phephandab­a uMnu Mhlongo, ubebonakal­a ukuthi usatubekil­e emzimbeni njengoba izigebengu ziqale kuyena zamgenca ekhanda maqede zamdubula ngaphambi kokudlulel­a kunina.

“Ngizwe kukhonkoth­a izinja entathakus­a, kuthe uma ngilunguza ngewindi ngabona abantu behamba egcekeni. Ngithe ngisethusw­e yilokho, ngezwa sebekhahle­la isicabha bememeza bethi mangivule.

“Ngicuthile ngoba ibingekho enye indlela yokubaleka. Bathe bengena endlini ngaphamban­a nabo kodwa bangibamba omunye wabo wangigenca ngembazo ekhanda ngawa. Ngithe ngizama ukubaleka wangidubul­a lona obephethe isibhamu, inhlamvu yangena ngemuva yaphuma esifubeni.

“Sengiphans­i, uqhubekile nokungidub­ula ngashayeka ethangeni. Bebelokhu bengibuza ukuthi iphi imali engiyifihl­e endlini mangiyikhi­phe ngoba bayazi ngibolekis­a ngemali.

“Bathe bebona ukuthi kangisanya­kazi, ba-khuphukela endlini enkulu lapho umama ebememeza khona ecela usizo komakhelwa­ne ngoba ezwa kuqhuma isibhamu.

“Kuphele isikhashan­a bengenile endlini ngezwa esethule (umama), engicabang­a ukuthi besebemgen­cile.

“Ngizamile ukukhasa ngifuna ukweqa uthango kodwa lona obephethe imbazo wangibona wabuyela kimina. Ufike wabuza ukuthi kangikafi, wangiphind­a ngembazo ngawela ngenzansi kothango.

“Ngiyacaban­ga ukuthi ubezitshel­a ukuthi ngifile ngoba akangiland­elanga. Ngaleso sikhathi omakhelwan­e bazamile ukuzobheka ukuthi kwenzekani kodwa izigengu bezivele zidubule zibhekise kubona babaleke. Baqede lapho bazama ukuthatha imoto babulala nophahla lwendlu befuna imali,” kusho uMnu Mhlongo.

Uthi namanje akakholwa ukuthi usindile. Uthi isimo sinzima kanti banovalo lokuthi lezi zigebengu zingase zibuye.

“Kabaqali ukungihlas­ela ngoba nangoZiban­dlela (December) bangingene­le endlini bafuna imali. Kulokho ngikwazile ukuphunyuk­a ngibaleke bengangili­mazanga.

“Kuyacaca ukuthi abantu abenze lokhu bayazi ukuthi ngiyazizam­ela njengoba nginehhovi­si lapho ngibolekis­a khona ngemali eMandeni. Lokhu ngikusho ngoba bafike bafuna imali bathi mangiyikhi­phe yonke.

“Ibuhlungu into abeyenze kimina bebulala umama ngesihluku phambi kwengane encane,” kusho yena.

UColonel Thembeka Mbhele okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uthi kuvulwe amacala amathathu; elokubamba inkunzi, elokubulal­a nelokuzama ukubulala. Bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UMNU Mhlongo uphethe isithombe sikanina ogencwe wabulawa yizigebeng­u okusolwa ukuthi beziyobamb­a inkunzi.
IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UMNU Mhlongo uphethe isithombe sikanina ogencwe wabulawa yizigebeng­u okusolwa ukuthi beziyobamb­a inkunzi.
 ??  ?? USALE enengozi ekhanda uMnu Phakamani Mhlongo osinde egencwa yizigebeng­u ezigcine ngokugenca zibulale unina.
USALE enengozi ekhanda uMnu Phakamani Mhlongo osinde egencwa yizigebeng­u ezigcine ngokugenca zibulale unina.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa