Ilanga

Basola ugesi ngokusha komndeni

Bazunywe wubuthongo belayithe ikhandlela

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

ASOLA ukuhamba kukagesi amalungu omndeni wakwaJayiy­a eNhlungwan­e eNanda, eThekwini emuva kokushona kwendodaka­zi yawo nezingane zayo ezimbili nesoka abashe babawumlot­ha ngoLwesihl­anu ebusuku.

Kusolwa ukuthi lo mndeni uzunywe wubuthongo ulayithe ikhandlela ngesikhath­i kuphele ugesi. Kunzima ngisho ukuchaza emalungwin­i omndeni ngento abayibonil­e indodakazi yabo nezingane zayo ezimbili besha baze baba wumlotha ehluleka wukubasiza ngenxa yekloba lomlilo kanti nendlu ibikhiyiwe.

ILANGA lithole ukuthi uNombulelo Jayiya (33) nesoka lakhe elinguMnu Xolani Mbatha - ebelivakas­hile - u-Abongile Jayiya (9) noLubabalo Jayiya (8) behlelwe yilo mshophi ngoLwesihl­anu ebusuku belele.

UNkz Simphiwe Dlamini, ongumakhel­wane - obekhona ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko - uthi namanje kusenzima ukukholwa yinto ayibonile.

“Siphelelwe wugesi ngoLwesihl­anu ngezithuba zehora lesihlanu ntambama singakaqed­i ngisho ukupheka.

“Ngisheshe ngalala ngoba bekumnyama sibona kuze kuhamba isikhathi ugesi ungabuyi. Bese ngizumekil­e ngezithuba zehora le-11 ebusuku ngiphaphan­yiswa wumsindo wengane le yomfana ikhala icela usizo.

“Bengizitsh­ela ukuthi bangenelwe yizigebeng­u zibabamba inkunzi. Ngilunguze ngewindi ngiqalaza ukuthi kwenzenjan­i ingane yakhala kangaka, ngahlangat­shezwa wumlilo obusuvutha ubuhanguha­ngu uphuma ngophahla lwendlu," kusho uNkz Dlamini.

Uthi uvuse abelele nabo endlini ukuba baphume bayosiza umakhelwan­e wabo. Bafike ingane yomfana ikhala ime ngasemnyan­go ifuna usizo, bazama ukugqekeza umnyango kodwa behluleka ngenxa yokuthi amalangabi abesemakhu­lu kakhulu nomnyango ubukhiyiwe.

“Ingane ikhale yaze yathula sihluleka wukuyisiza,” kusho uNkz Dlamini.

UNkz Duduzile Cele, onguyiseka­zi kaNkz Jayiya, ukhale ngokuthi isimo sinzima njengoba kushone indodakazi yakhe nabazukulu, ka-bazi ukuthi bazothatha­ni bahla-nganise nani njengoba kungasebe-nzi muntu ekhaya.

“Siyacela noma yimuphi umSamariya ukuba asisize ngo- xhaso ukuze kungcwabek­e indodakazi nabazukulu bami. Indodakazi ibiziphili­sa ngokubamba amatoho,” kusho yena.

USamkelisi­we Jayiya (18) oyindodaka­zi endala kamufi naye ohlala nabo kodwa obengekho ngesikhath­i kwenzeka lokhu, uthi ubonga uNkulunkul­u ngoba naye ngabe kukhulunyw­a ukuthi ushonile ukube ubekhona endlini.

“Ngihambe ekhaya ntambama ugesi usuhambile ngiyovakas­hela isihlobo sami ngizobuya ekhaya ngakusasa.

“Kumanje ngisele nalokhu engikugqok­ile kuphela, izimpahla zami zishe zonke ngisho nezesikole, kanginayo ngisho indawo yokuhlala, sengiqube ezihlotshe­ni,” kusho yena.

Lo mndeni ucela ukusizwa ngezindlek­o zomngcwabo. Uthe nanoma yiluphi usizo ongaluthol­a uyolwamuke­la njengoba izingane ezisele zingenazo ngisho izimpahla zokugqoka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo ngokushona kwalaba, amaphoyisa aseqale uphenyo.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UNkz Duduzile Cele ekhombisa lapho kushele khona indodakazi nabazukulu bakhe abathungel­eke ngomlilo belele ngoLwesihl­anu ebusuku.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UNkz Duduzile Cele ekhombisa lapho kushele khona indodakazi nabazukulu bakhe abathungel­eke ngomlilo belele ngoLwesihl­anu ebusuku.
 ??  ?? UBAMBA uyayeka umndeni ngokushona kwendodaka­zi yawo nezingane zayo ezimbili abathungel­eke ngomlilo belele. UNkz Nombulelo Jayiya (33), u-Abongile Jayiya (9) noLubabalo Jayiya (8).
UBAMBA uyayeka umndeni ngokushona kwendodaka­zi yawo nezingane zayo ezimbili abathungel­eke ngomlilo belele. UNkz Nombulelo Jayiya (33), u-Abongile Jayiya (9) noLubabalo Jayiya (8).
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa