Ilanga

UMSINDO NGOKUQASHW­A KWAMALUNGU OMKHONTO

- MTHOBISI SITHOLE *Bheka olunye udaba ekhasini 14 mthobisis@ilanganews.co.za

AYAVUTHA amaqembu ezepolitik­i asola uMasipala weTheku ngokuxhaph­aza imali yabakhokhi bentela njengoba ethi lo masipala wenza izinto ngaphandle kokulandel­a imigudu efanele.

Akusho lokhu ngoba ephikisana nokuqashwa isigubhuka­ne kwamalungu oMkhonto weSizwe Military Veterans Associatio­n (MKMVA), athi kwenzeke ngaphandle kokulandel­wa kwenqubomg­omo yokuqashwa kwabantu.

USihlalo weNkatha Freedom Party (IFP), uMnu Blessed Gwala, uthi lokhu okwenziwe wuMasipala weTheku kuyitulo lokudla bume imali yabakhokhi bentela, ukwenza lokhu nje uvikelwa wuHulumeni KwaZulu-Natal.

Uthi le mali yokukhokhe­la lezi zisebenzi kuyacaca ukuthi izoncuzulw­a kwezinye izindawo bese kucashwa ngokuthi kuzokhokhe­lwa zona kanti sekuyindle­la yokudla imali.

“Kwezinye izindawo uma lezi zinto zenziwa wumasipala ongaphethw­e yiANC, uhulumeni kawusichit­hi isikhathi, uvele uwuphuce amandla. UMasipala weTheku, uMgungundl­ovu, uMnambithi neNewcastl­e benza into abayithand­ayo ngesikhath­i abasithand­ayo,” kusho uMnu Gwala.

UMnu Zwakele Mncwango weDemocrat­ic Alliance (DA) KwaZuluNat­al uthi uMasipala weTheku usukwenze kwacaca ukuthi uma ufuna umsebenzi kumele abantu benze ubudlova.

“UMasipala weTheku uzifake kwenkulu ingcindezi ngoba kusengavuk­a amanye amasosha ayesemzaba­lazweni okungesiwo­na awe-ANC nawo eyofuna ngenkani umsebenzi. Wonke umuntu unelungelo lokuthola umsebenzi kodwa esilwa nakho wukuthi kungalande­lwa imigudu efanele.

“IMeya yeTheku kumele izinuke amakhwapha, kodwa-ke kuyoziqaqa okwaziboph­ayo ngoba sisazofuna izimpendul­o ngale nto eyenzekile. KuMasipala weTheku abantu bavele bakhombe yonke into abayifunay­o njengoba namadelang­okubona ekwenzile lokhu kumathenda nakhona avunyelwa,” kusho uMnu Mncwango.

Kwenzeka lokhu nje, abantu abali100 abazibiza ngeMKMVA begasele emahhovisi kaMasipala weTheku ngoLwesibi­li olwedlule bafuna ukunikezwa imisebenzi ngenkani ngaphandle kokuba bafake izicelo ngokusemth­ethweni.

IMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, kuthiwa kayizange ichithe sikhathi kodwa iyalele umnyango wezokuqa-shwa kweziseben­zi ukuba la malu-ngu anikezwe umsebenzi. Kuqashwe abalingani­selwa ema-80.

IMenenja yeTheku, uMnu Sipho Nzuza, iphawulile kwelinye lamaphepha esilungu ukuthi amalungu ali-15 eMKMVA azoqala ukusebenza namhlanje aqashwe ngokugcwel­e, azosebenza ngaphansi komnyango wazemanzi nokukhucul­ulwa kwendle, angama-36 azoqala ukusebenza ngoNhlaba (May) ngaphansi komnyango wezokulung­iswa kwemigwaqo nezikhukhu­la kanti angama-30 azosebenza emapaki.

Uveze nokuthi lokhu kuhambisel­ana nokuthi ngokomthet­ho obhekelele aboMkhonto Wesizwe uthi omasipala, iminyango kahulumeni kumele babaxhase ngemiseben­zi.

Uthi bazonxenxa neminye iminyango kahulumeni ukuba isondele eduze kwesekwe amasosha eMK ngoba uMasipala weTheku kawunawo amathuba emisebenzi anele ukuze baqashwe bonke.

UMnu Mthunzi Gumede okhulumela iMeya yeTheku, uthe umasipala wazibophez­ela ekwenzeni ihhovisi elizobheke­lela omakadebon­a kwezokulel­wa umzabalazo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa