Babhikishele isiteshi esivalwayo
Amaphoyisa athi lokho kakusilo iqiniso
UGCWALE umgwaqo ngoLwesihlanu umphakathi waKwaHlomendlini, eMandeni, wamasha uhambisa uhlu lwezikhalo emaphoyiseni akule ndawo ukhala ngokungasebenzi kwawo.
Lo mphakathi ubuvutha ungabaselwe, ukhala ngamaphoyisa asesiteshini iNewark, uthi kawanamsebenzi walutho njengoba izigebengu zizicanasela kodwa kujike kuthuleke sengathi kakwenzekanga lutho.
Phakathi kwezigameko umphakathi wakule ndawo okhala ngazo, wukubulawa kwabantu, wukugqekezelwa nokudlwengulwa kwabesifazane - kuthiwa lezi zinto ziyenzeka kodwa kakuboshwa muntu.
Umphakathi ukhala nangebanga olihambayo uma uya kulesi siteshi njengoba engekho ngisho amatekisi aya kusona, kumele uqombole ngezinyawo udabule ehlathini ukuze ufinyelele kusona.
Uthi kwesinye isikhathi uke ufike kulenga ingidi esiteshini, amaphoyisa engabonwa nangokhalo. Emashini, amalungu omphakathi abephethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi amaphoyisa mawahlukane nokupaka izimoto zomsebenzi emajoyintini nasezintombini.
UMnu Bheki Nkabinde, ongumholi emphakathini, uthi sekufike lapho bekhathala khona ngamaphoyisa akule ndawo angenandaba nempilo yabantu. Uthi sekukaningi bezama ukuxazulula le nkinga kodwa lutho.
“Abantu bayaphela endaweni bebulawa yizigebengu, kodwa amaphoyisa azithela ngabandayo. Ngikhuluma nje, ngempelasonto bekufihlwa omunye umama walapha endaweni ogencwe yizigebengu zibamba inkunzi emzini wakhe, namanje kusathulekile, kakuboshwa muntu. Uke uye esiteshini samaphoyisa ebusuku uyovula icala, ufike kulenga ingidi esangweni amaphoyisa engekho.
“Emhlanganweni esibe nawo namaphoyisa, umphathi wawo ubikelwe ngalokhu wasitshela ukuthi isizathu sakho wukuthi kusuke kukhona iphoyisa elilodwa (ngaphakathi), amabili engaphandle. Kuyasixaka ukuthi isiteshi esingaka singasebenza amaphoyisa amathathu kuphela ebusuku. Ngaphandle kwalokho, ibanga esilihambayo lide uma uya emaphoyiseni.
“Esikufunayo wukuba kubenesiteshi esiwumahamba-nendlwana eduze nomphakathi ngoba lesi sikude,” kusho yena.
UMnu Sipho Magwaza, oyikhansela kule ndawo, uthi naye sekungaphezu kwamandla akhe yingakho eweseka umphakathi uma uhambisa uhlu lwezikhalo. Ukufakazele ukuthi kulesi siteshi kuke kusebenze amaphoyisa amathathu kuphela ebusuku.
“Ngicabanga ukuthi uma bengandisa isibalo samaphoyisa kungaba ngcono ngoba mancane lawa asebenza lapha kanti indawo ayisebenzayo inkulu.
“Okunye okuhlupha umphakathi wukuthi amaphoyisa asebenza kulesi siteshi ngawomdabu waseNdiya okwenza kube lukhuni ukuxhumana nawo ngoba abantu abaningi balapha endaweni kabakwazi ukukhuluma isiNgisi.
“Kokunye umuntu uye ahluleke ngisho ukubhala isitatimende, icala ligcine liphelile kungaboshwanga muntu,” kusho yena.
Uveze ukuthi bangaphezu kwesihlanu abantu asebebulewe yizigebengu kule ndawo kanti amacala okugqekeza uthi alinganiselwa ema-50.
Kuke kwasuka isidididi ngesikhathi kungacaci ukuthi ngubani ozokwamukela uhlu lwezikhalo njengoba umphakathi ubungayizwa eyokuthi ulushiye emaphoyiseni akule ndawo.
Lugcine luthathwe nguMnu Thobani Ngidi obeqhamuka eHhovisi likaNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi KwaZuluNatal, uMnu Mxolisi Kaunda.
Umphakathi unikeze iziphathimandla izinsuku ezingama-21 ukuba ziphendule ezikhalweni zawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe kakulona iqiniso ukuthi isiteshi siyavalwa ebusuku.
Uthe lesi siteshi sinesibalo esanele samaphoyisa kanti uma umphakathi unezikhalo kumele uzidlulisele kumphathi (wesiteshi).
Utshele ILANGA ukuthi ngeke akwazi ukudalula isibalo samaphoyisa asebenza kulesi siteshi ngezizathu zokuphepha.