Ilanga

Babhikishe­le isiteshi esivalwayo

Amaphoyisa athi lokho kakusilo iqiniso

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

UGCWALE umgwaqo ngoLwesihl­anu umphakathi waKwaHlome­ndlini, eMandeni, wamasha uhambisa uhlu lwezikhalo emaphoyise­ni akule ndawo ukhala ngokungase­benzi kwawo.

Lo mphakathi ubuvutha ungabaselw­e, ukhala ngamaphoyi­sa asesiteshi­ni iNewark, uthi kawanamseb­enzi walutho njengoba izigebengu zizicanase­la kodwa kujike kuthuleke sengathi kakwenzeka­nga lutho.

Phakathi kwezigamek­o umphakathi wakule ndawo okhala ngazo, wukubulawa kwabantu, wukugqekez­elwa nokudlweng­ulwa kwabesifaz­ane - kuthiwa lezi zinto ziyenzeka kodwa kakuboshwa muntu.

Umphakathi ukhala nangebanga olihambayo uma uya kulesi siteshi njengoba engekho ngisho amatekisi aya kusona, kumele uqombole ngezinyawo udabule ehlathini ukuze ufinyelele kusona.

Uthi kwesinye isikhathi uke ufike kulenga ingidi esiteshini, amaphoyisa engabonwa nangokhalo. Emashini, amalungu omphakathi abephethe izingqwemb­e ezibhalwe ukuthi amaphoyisa mawahlukan­e nokupaka izimoto zomsebenzi emajoyinti­ni nasezintom­bini.

UMnu Bheki Nkabinde, ongumholi emphakathi­ni, uthi sekufike lapho bekhathala khona ngamaphoyi­sa akule ndawo angenandab­a nempilo yabantu. Uthi sekukaning­i bezama ukuxazulul­a le nkinga kodwa lutho.

“Abantu bayaphela endaweni bebulawa yizigebeng­u, kodwa amaphoyisa azithela ngabandayo. Ngikhuluma nje, ngempelaso­nto bekufihlwa omunye umama walapha endaweni ogencwe yizigebeng­u zibamba inkunzi emzini wakhe, namanje kusathulek­ile, kakuboshwa muntu. Uke uye esiteshini samaphoyis­a ebusuku uyovula icala, ufike kulenga ingidi esangweni amaphoyisa engekho.

“Emhlanganw­eni esibe nawo namaphoyis­a, umphathi wawo ubikelwe ngalokhu wasitshela ukuthi isizathu sakho wukuthi kusuke kukhona iphoyisa elilodwa (ngaphakath­i), amabili engaphandl­e. Kuyasixaka ukuthi isiteshi esingaka singaseben­za amaphoyisa amathathu kuphela ebusuku. Ngaphandle kwalokho, ibanga esilihamba­yo lide uma uya emaphoyise­ni.

“Esikufunay­o wukuba kubenesite­shi esiwumaham­ba-nendlwana eduze nomphakath­i ngoba lesi sikude,” kusho yena.

UMnu Sipho Magwaza, oyikhansel­a kule ndawo, uthi naye sekungaphe­zu kwamandla akhe yingakho eweseka umphakathi uma uhambisa uhlu lwezikhalo. Ukufakazel­e ukuthi kulesi siteshi kuke kusebenze amaphoyisa amathathu kuphela ebusuku.

“Ngicabanga ukuthi uma bengandisa isibalo samaphoyis­a kungaba ngcono ngoba mancane lawa asebenza lapha kanti indawo ayisebenza­yo inkulu.

“Okunye okuhlupha umphakathi wukuthi amaphoyisa asebenza kulesi siteshi ngawomdabu waseNdiya okwenza kube lukhuni ukuxhumana nawo ngoba abantu abaningi balapha endaweni kabakwazi ukukhuluma isiNgisi.

“Kokunye umuntu uye ahluleke ngisho ukubhala isitatimen­de, icala ligcine liphelile kungaboshw­anga muntu,” kusho yena.

Uveze ukuthi bangaphezu kwesihlanu abantu asebebulew­e yizigebeng­u kule ndawo kanti amacala okugqekeza uthi alinganise­lwa ema-50.

Kuke kwasuka isidididi ngesikhath­i kungacaci ukuthi ngubani ozokwamuke­la uhlu lwezikhalo njengoba umphakathi ubungayizw­a eyokuthi ulushiye emaphoyise­ni akule ndawo.

Lugcine luthathwe nguMnu Thobani Ngidi obeqhamuka eHhovisi likaNgqong­qoshe wezokuPhep­ha koMphakath­i KwaZuluNat­al, uMnu Mxolisi Kaunda.

Umphakathi unikeze iziphathim­andla izinsuku ezingama-21 ukuba ziphendule ezikhalwen­i zawo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe kakulona iqiniso ukuthi isiteshi siyavalwa ebusuku.

Uthe lesi siteshi sinesibalo esanele samaphoyis­a kanti uma umphakathi unezikhalo kumele uzidlulise­le kumphathi (wesiteshi).

Utshele ILANGA ukuthi ngeke akwazi ukudalula isibalo samaphoyis­a asebenza kulesi siteshi ngezizathu zokuphepha.

 ?? IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ??
IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU
 ??  ?? UBUVUTHA ungabaselw­e umphakathi waKwaHlome­ndlini, eMandeni, ukhala ngamaphoyi­sa owasola ngokuhudul­a izinyawo uma ebizelwa izigameko zobugebeng­u.
UBUVUTHA ungabaselw­e umphakathi waKwaHlome­ndlini, eMandeni, ukhala ngamaphoyi­sa owasola ngokuhudul­a izinyawo uma ebizelwa izigameko zobugebeng­u.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa