LIHLEHLILE ELESIKHULU SE-ANC
LIHLEHLILE eNkantolo yamaCala obuGebengu obuPhathelene nezeMali, eJohn Ross, eThekwini icala likaMnu Mike Mabuyakhulu. UMnu Mabuyakhulu, oke waba ngungqongqoshe eminyangweni eyahlukene KwaZulu-Natal, usolwa ngohide lwamacala okubalwa kuwona awokweba, awenkohlakalo nawokukhwabanisa.
Ungomunye wabahola ithimba lobuholi besikhashana be-ANC KwaZulu-Natal kanti ubevele noMnu Desmond Khalid Golding, uMnu Walter Mkhize, uNkz Zandile Nonjabulo Mbongwe, uNkz Nothando Zungu, uMnu Mabheleni Ntuli, uNkk Nonhlanhla Brenda Ninela, uMnu Mzwandile Basil Ninela noNkz Ntokozo Ndlovu.
UMnu Mabuyakhulu kubikwa ukuthi uzinikele emaphoyiseni emuva kokuthola ukuthi usengumsolwa kula macala. UMnu Mabuyakhulu noMnu Golding bathole ibheyili ka-R50 000 kanti uNkz Mbongwe, uNkk Ninela noMnu Ninela banikwe eka-R30 000.
Kuzokhumbuleka ukuthi ibheyili kaMnu Mabuyakhulu inemidanti okubalwa kuyona nokuthi angaphumi KwaZulu-Natal engabikanga kwabomthetho. Amacala abathweswe wona kuthiwa asukela ekubhuntsheni kwekhonsathi yomculo iNorth Sea Jazz - ebihle- lelwe u-R28 million - obekubikwe ukuthi izokwenziwa eThekwini kepha imali yayo yamila izinyawo.
UMnu Mabuyakhulu nomndeni wakwaNinela bamelwe ngu-Adv Paul Jorgensen.
Icala lihlehlele umhla zinga- ma-22 kuNcwaba njengoba kulindeleke ukuba le nkantolo ikhiphe usuku leli cala elizongena ngalo eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Sebebonke abasolwa kula macala, kubalwa nezinkampani ezithintekayo, yilaba:-