Ilanga

AWUJABULE UMNDENI NGEBHEYILI KOBULALE UMSOLWA

- PAMELA ZUNGU

UDEDELWE ngebheyili ka-R 3 000 ngoLwesihl­anu yiNkantolo yeMantshi yaseNgwele­zane uSihlalo wamaMetere­d Taxi waseMpange­ni, osolwa ngokudubul­a abulale iphoyisa emzini walo ngoNcwaba (August) nyakenye.

UMnu Siboniso Ngcobo ubhekene necala lokubulala uConstable Musa Mdlalose (31), obesebenza ophikweni lwePublic Order Policing esiteshini saseMpange­ni.

Umndeni kaConst Mdlalose ubhodla umlilo ngesinqumo senkantolo sokudedela uMnu Ngcobo ngebheyili.

Uyise omncane kamufi, uMnu Bongani Mdlalose, utshele ILANGA ukuthi: “Izinhliziy­o zethu zibuhlungu ngokuphuma kukaSiboni­so ngebheyili ngoba usethole ilungelo lokuchanas­a ngaphandle kodwa ingane kamfowethu ilele kobandayo.

“Kusobala ukuthi umthetho kawunandab­a nezinhlung­u esizizwayo njengoba silahlekel­we. Kuvele kwavuka izilonda zokushona kwakhe (uConst Mdlalose) ngesikhath­i inkantolo inikeza umsolwa ibheyili ka-R3 000.

“Besinethem­ba lokuthi ngeke ayinikwe njengoba esolwa ngokubulal­a iphoyisa. Besithi uzotoka kuze kufike usuku lapho inkantolo izikhipha khona isinqumo sayo. Umuntu ophume ngemali encane kangaka ngumuntu ontshontsh­ile, hhayi obulele. Umoya wami kawujabuli­le, ngiphathek­e kabi kakhulu,” kusho uMnu Mdlalose.

UConst Mdlalose kuthiwa udutshulwe emzini wakhe evulela umkakhe isango engena kwakhe ngemoto yomsebenzi.

ILANGA lithole ukuthi ngesikhath­i uConst Mdlalose evula isango, kuvumbuke abantu ababili abangaziwa egcekeni bavulela ngentululw­ane yezinhlamv­u bebhekise kuyena.

Uphuthunyi­swe esibhedlel­a washonela khona. Kuthiwa emuva kokuba abasolwa beqede ukumdubula, bashaye bachitha ngemoto ebihamba inkosikazi yakhe. UMnu Ngcobo uzophinde avele kule nkantolo mhla ziyisi-9 kuNhlaba ( w) nonyaka.

Kusobala ukuthi umthetho kawunendab­a nezinhlung­u esizizwayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa