ABANTU BAYABHUBHA YINTELA KULELI
KAKWETHUSI ukuthi imibiko mayelana nophenyo oluhlose ukuthola ukuthi kungasebenza yini ukuba iWestern Cape, ifake intela kaphethiloli yayo yodwa nje njengesifundazwe - phezu kwefakwe wuhulumeni kazwelonke ka-22 cents eqale ukusebenza kule nyanga - ihetshezwe kabi ngabantu bakulesiya sifundazwe.
Phela abantu bathwele kanzima njengoba kusanda kunyuswa nentela yentengo ( value-added tax - VAT) isuka e-14% iya e-15%.
Ngaphandle kwentela yentengo, nentela egadla eholweni imba eqolo, okungenza ukuba emndenini lapho abashadile omunye ehola u-R40 000, omunye ehola u-R20 000 ngenyanga, bengagcina bekhokhe intela elinganiselwa ku-R20 000.
Ohola u-R40 000 angakhokha intela ewu-R7 436 eholweni lakhe, mhlawumbe kube wu-R4 000 oya esikhwameni sempesheni, atshale u-R2 000 wokwenzela ukuba intela ingamshayi kakhulu emalini yakhe uma esethatha umhlalaphansi - kuncike ekubeni bayonga ngayiphi indlela imali.
Lo muntu-ke ukhokha no-R3 600 ngenyanga kwi- medical aid, nokhoke okunenkece ebuyayo kubaqoqi bentela ngenxa yayo. Oka-R20 000 ukhokha u-R2 000 esikhwameni sempesheni no-R1 000 wokwenzela ukungalinyazwa yintela emalini yakhe uma esethatha umhlalaphansi.
Uzobe esekhokha u-R1 947 wentela ngenyanga kusukela ngoNdasa (March) nonyaka. Laba abashadile bazokhokha intela ka-9 378 emaholweni abo. Zonke-ke lezi ezinye izintela eziqhamuka emaceleni - kubalwa nenkulukazi kaphethiloli ewu-R5.40 - bazoqala bazikhokhe zibheke ngqo kwaSouth African Revenue Services (Sars), okungabaqoqi bentela.
Imvamisa imindeni eminingi esezingeni eliphakathi nendawo lempilo - enendoda nenkosikazi abasebenzayo - inezimoto ezimbili.
Ukuhlawumbisela nje, uma kuwukuthi imoto ngayinye ihamba ibanga eliyizi26 000km ngonyaka (oku-yibanga abanikazi bezimoto abavame ukulihamba ngokwezibalo ze-Auto Dealers Guide), besebenzisa i-10 litre likaphethiloli ukuhamba i-100km, lo mndeni uzokhokha u-R14 040 ngentela kaphethiloli ngonyaka noma u-R1 170, ngenyanga imoto ngayinye.
Nokho-ke kakuvamile ukuba zombili lezi zimoto zingafinyelela ezi26 000km njalo ngonyaka. Lokho kuzobe sekusho ukuthi lo mndeni ukhokha intela elinganiselwa ku-R12 000 ngenyanga.
Osebenzisa u-R25 000 ngegilosa, yizimpahla zokugqoka, wucingo, uthenga i-data, ukugunda, inyufomu yesikole, ukungcebeleka, ezokuphepha nokuhlanza indlu, ungakhokha intela elinganiselwa ku-R3 000 ngenyanga, okuzokwenza ilinganiselwe ku-R15 000 uma sekuhlanganiswa neyamaholo nophethiloli.
Nomasipala uzothatha imali yama-rate nokunye. Njengoba nasetshwaleni nogwayi intela inyukile, abaphuzayo nababhemayo, bazobhoboka amaphakethe, okungenza lo mndeni ukhokhe intela engaphezu kuka-R100 ngalokhu - okungenza ugcine ushoshela ku-R17 000 ekukhokheni intela.
Siba sibi kakhulu-ke isimo emndenini lapho kusebenza oyedwa kwabashadile, ehola imali elinga-niselwa ku-R60 000 ngenyanga, intela ayikhokhayo imba kakhulu eqolo, ingagcina inyuka ngoR3 000 kulo R17 000 okhokhwa ngababili abasebenzayo - ohola u-R40 000 no-R20 000 ngokwahlukana.
Cishe lena yiyona into eyenza abantu abaningi bakhale kakhulu uma uhulumeni uxhaphaza imali yabakhokhi bentela.