Ilanga

ABANTU BAYABHUBHA YINTELA KULELI

-

KAKWETHUSI ukuthi imibiko mayelana nophenyo oluhlose ukuthola ukuthi kungaseben­za yini ukuba iWestern Cape, ifake intela kaphethilo­li yayo yodwa nje njengesifu­ndazwe - phezu kwefakwe wuhulumeni kazwelonke ka-22 cents eqale ukusebenza kule nyanga - ihetshezwe kabi ngabantu bakulesiya sifundazwe.

Phela abantu bathwele kanzima njengoba kusanda kunyuswa nentela yentengo ( value-added tax - VAT) isuka e-14% iya e-15%.

Ngaphandle kwentela yentengo, nentela egadla eholweni imba eqolo, okungenza ukuba emndenini lapho abashadile omunye ehola u-R40 000, omunye ehola u-R20 000 ngenyanga, bengagcina bekhokhe intela elinganise­lwa ku-R20 000.

Ohola u-R40 000 angakhokha intela ewu-R7 436 eholweni lakhe, mhlawumbe kube wu-R4 000 oya esikhwamen­i sempesheni, atshale u-R2 000 wokwenzela ukuba intela ingamshayi kakhulu emalini yakhe uma esethatha umhlalapha­nsi - kuncike ekubeni bayonga ngayiphi indlela imali.

Lo muntu-ke ukhokha no-R3 600 ngenyanga kwi- medical aid, nokhoke okunenkece ebuyayo kubaqoqi bentela ngenxa yayo. Oka-R20 000 ukhokha u-R2 000 esikhwamen­i sempesheni no-R1 000 wokwenzela ukungaliny­azwa yintela emalini yakhe uma esethatha umhlalapha­nsi.

Uzobe esekhokha u-R1 947 wentela ngenyanga kusukela ngoNdasa (March) nonyaka. Laba abashadile bazokhokha intela ka-9 378 emaholweni abo. Zonke-ke lezi ezinye izintela eziqhamuka emaceleni - kubalwa nenkulukaz­i kaphethilo­li ewu-R5.40 - bazoqala bazikhokhe zibheke ngqo kwaSouth African Revenue Services (Sars), okungabaqo­qi bentela.

Imvamisa imindeni eminingi esezingeni eliphakath­i nendawo lempilo - enendoda nenkosikaz­i abasebenza­yo - inezimoto ezimbili.

Ukuhlawumb­isela nje, uma kuwukuthi imoto ngayinye ihamba ibanga eliyizi26 000km ngonyaka (oku-yibanga abanikazi bezimoto abavame ukulihamba ngokweziba­lo ze-Auto Dealers Guide), besebenzis­a i-10 litre likaphethi­loli ukuhamba i-100km, lo mndeni uzokhokha u-R14 040 ngentela kaphethilo­li ngonyaka noma u-R1 170, ngenyanga imoto ngayinye.

Nokho-ke kakuvamile ukuba zombili lezi zimoto zingafinye­lela ezi26 000km njalo ngonyaka. Lokho kuzobe sekusho ukuthi lo mndeni ukhokha intela elinganise­lwa ku-R12 000 ngenyanga.

Osebenzisa u-R25 000 ngegilosa, yizimpahla zokugqoka, wucingo, uthenga i-data, ukugunda, inyufomu yesikole, ukungcebel­eka, ezokupheph­a nokuhlanza indlu, ungakhokha intela elinganise­lwa ku-R3 000 ngenyanga, okuzokwenz­a ilinganise­lwe ku-R15 000 uma sekuhlanga­niswa neyamaholo nophethilo­li.

Nomasipala uzothatha imali yama-rate nokunye. Njengoba nasetshwal­eni nogwayi intela inyukile, abaphuzayo nababhemay­o, bazobhobok­a amaphaketh­e, okungenza lo mndeni ukhokhe intela engaphezu kuka-R100 ngalokhu - okungenza ugcine ushoshela ku-R17 000 ekukhokhen­i intela.

Siba sibi kakhulu-ke isimo emndenini lapho kusebenza oyedwa kwabashadi­le, ehola imali elinga-niselwa ku-R60 000 ngenyanga, intela ayikhokhay­o imba kakhulu eqolo, ingagcina inyuka ngoR3 000 kulo R17 000 okhokhwa ngababili abasebenza­yo - ohola u-R40 000 no-R20 000 ngokwahluk­ana.

Cishe lena yiyona into eyenza abantu abaningi bakhale kakhulu uma uhulumeni uxhaphaza imali yabakhokhi bentela.

 ?? ISITHOMBE NGABE: THE BALANCE ?? MKHULU umthwalo othwelwe yizakhamiz­i zaseNingiz­imu Afrika ngenxa yentela, okungethus­i uma ezinye zivuka inja ebomvu uma kuvela izindaba zokuxhasha­zwa kwayo yizikhulu zikahulume­ni.
ISITHOMBE NGABE: THE BALANCE MKHULU umthwalo othwelwe yizakhamiz­i zaseNingiz­imu Afrika ngenxa yentela, okungethus­i uma ezinye zivuka inja ebomvu uma kuvela izindaba zokuxhasha­zwa kwayo yizikhulu zikahulume­ni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa