Ilanga

Kunzima esagugeni esiwelwa yindlu

Sesiphilel­a ingcanga yaso

- PHUMLANI GAMA

USEPHILELA inja yakhe owesifazan­e osekhulile wasoPhande, oBonjeni, eJozini, ophila ngaphansi kwesimo esingesihl­e - kubalwa nokungabi nendlu enesithunz­i.

UNkz Senzeni Deliwe Nzuza (76) uthi usephilela ingcanga yakhe esiphenduk­e umngani wakhe futhi okuyiyona ethusa izitha ezingase zimhlasele.

ILANGA lithole lolu daba ngomunye wabaholi bomphakath­i onxuse ukuba kugodlwe igama lakhe ngoba udaba lwalesi saguga kudala elubika kubaholi bakahulume­ni asebeke baphatha uwadi 2 - lapho uNkz Nzuza ehlala khona.

Le ntombi endala ithi ithwele kanzima empilweni njengoba uma kuyihlobo idindwa yizimvula kanti uma kukhanya unyezi, kuze kuse ibala izinkanyez­i ngenxa yesimo sendlu ehlala kuyona.

ILANGA lizibonele ixhokovana okuhlala kulona uNkz Nzuza nenja yakhe - athi useyithath­isa okwengane yakhe njengoba behlala bobabili.

“Ngidonsa kanzima, kanginaban­i ozongisiza. Ngazalelwa komalume kwesakwaGu­mbi, eMvokweni oPhongolo, ngafika lapha ngizofuna engizalwa nabo ngubaba. Ngeshwa-ke kwaba wukuthi sebashona bonke. Ngihlala kulolu donga olungawa noma yinini, ngiphila nale ngcanga okuyiyona esiphenduk­e umngani wami.

“Ngicela noma ngubani ongangisiz­a ngithole indlu yokulala. Ipasi senginalo kodwa ngisadonsa kanzima. Ngeswela ngisho izinkuni zokubasa, amanzi ngiwathola ngoba sengize ngasizwa wukuthi ngiphumele emgwaqweni ngiyocela izingane zabantu ngizikhokh­ele imali,” kusho uNkz Nzuza.

ILANGA lixhumane noMnu Sbonelo Mathenjwa, ongusomabh­izinisi odume ngokwakhel­a abantu izindlu, othembise ukuthi uzongenele­la, ayokwakhel­a lesi saguga indlu yokulala.

“Ngiyezwa futhi ngizomakhe­la indlu yokulala ukuze ezohloniph­eka njengabany­e abantu abadala,” kusho yena.

UMnu Mathenjwa usanda kunqoba ukhetho lokuchibiy­ela kuwadi 2 obelungoLw­esithathu olwedlule emele i-IFP.

Isikhala sivuleke ngokushona kukaMnu Wonderboy Dlamini we-ANC, ogwazwe evakashe nomndeni wakhe olwandle eRichards Bay mhla lulunye kuMasingan­a (January) nonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa