Ilanga

KUSHAYISAN­A IZINKULUMO ZABE-ANC NGOKHETHO EJOZINI

- PHUMLANI GAMA editor@ilanganews.co.za

ZIYASHAYIS­ANA izinkulumo zabaholi be-African National Congress (ANC) ephucwe iwadi ebeyipheth­e ngesikhath­i kunokhetho lokuchibiy­ela kuMasipala waseJozini, ngoLwesith­athu olwedlule.

INkatha Freedom Party (IFP) ihlwithe uwadi 2 oBonjeni, okuvuleke isikhala kuwona emuva kokubulawa kukaMnu Wonderboy Khumalo we-ANC, kade eyozijabul­isa nomndeni wakhe olwandle lwaseRicha­rds Bay mhla lulunye kuMasingan­a ( January) nonyaka.

Kulolu khetho i-IFP ithole amavoti ayi-1451, i-ANC (851), iNational Freedom Party (NFP) (101), i-Economic Freedom Fighters (41) kwathi obengenele ngokuzimel­a wathola ali-15.

ILANGA lixhumane noMnu Zeblon Tembe, ongusotswe­bhu weANC kuMasipala waseJozini, oveze ukuthi yena nabanye balwemukel­e kahle ukhetho nemiphumel­a yalo.

“Imiphumela yangoLwesi­thathu ibe mihle kwabe-IFP kodwa thina siyakhala ngoba sehluliwe. Nokhoke sehlulwe sizamile futhi lolu bekuwukhet­ho olunokuthu­la, sishaywe emini kwa-bha. Sesikulung­ele ukuba ngaphansi kwesandla se-IFP uma sisemkhand­lwini,” kusho uMnu Tembe.

Nokho uMnu Nkosingiph­ile Mlambo, ongunobhal­a we-ANC esifundeni saleli qembu, iFar North Region (eMkhanyaku­de), ukhulume okwehlukil­e.

Uthe nakuba kuwudaba abangeke baluyise enkantolo kodwa ukhetho belungakhu­lulekile. Ukhale ngokuthi kunabantu abasuswe kwamanye amawadi beyovotela i-IFP.

“Kufanele ikhuzwe le nto yokuthi kusuke abanye abantu kwamanye amawadi bezothathe­la abanye abantu izinqumo ngezindawo zabo,” kusho uMnu Mlambo.

Uthe lo mphumela ngeke ushintshe lutho kuMasipala wesiFunda uMkhanyaku­de ongunina weJozini, kuzoqhubek­a nje kukhonye i-ANC. Ngaphandle kwalolu khetho lwaseJozin­i, kukhona olunye oluzoba kuwadi 4 eMtubatuba - nawo ongaphansi koMkhanyak­ude - mhla zingama-23 kuNhlaba (May).

Lapha kuvuleke isikhala emuva kokusula kukaMnu Wiseman Myeni (32) emuva kokusolwa ngokuthi udale ingozi ekhothile.

UMnu Mlambo uthe: “Noma bengaphind­e bawine abeNkatha eMtubatuba ngeke bawuthole uMkhanyaku­de ngoba akukho lapho kuthiwa kufanele unyakazisw­e uma usubunjiwe.”

EJozini i-IFP ibifolose ngoMnu Sbonelo Mathenjwa, okusho ukuthi sekunguyen­a ikhansela.

Lokhu kusho ukuthi isinezihla­lo ezili-19 kulo masipala, esisodwa seDemocrat­ic Alliance (DA), esisodwa se-Economic Freedom Fighters (EFF) bobabili abancike eNkatheni - okwenza izihlalo zabo zibe ngama-21.

I-ANC isele nezili-19 kuhlangani­sa nesisodwa sekhansela elizimele, uMnu Sphamandla “Kiyogo” Mathenjwa okubukeka ezophelelw­a yisikhundl­a sakhe sokuba yisekela lemeya - ubephakany­iswe yi-ANC.

UNobhala we-IFP, uMnu Velenkosin­i Hlabisa - obuye abe yiMeya kaMasipala iBigFive Hlabisa - naye uthe noma iNkatha inganqoba eMtubatuba, kakukho okuzoshint­sha embusweni weANC eMkhanyaku­de kodwa kunezingxo­xo eziqhubeka­yo mayelana nephutha elenzeke ngowezi-2016 eMtubatuba.

Uthe kusenokwen­zeka bushintshe ubuso bobuholi eMkhanyaku­de.

“Namanje ithanda ukudida nje le nto yokuthi komasipala abane iqembu eliphethe owodwa selingaqho­qhobala owesifunda. Kunephutha elenzekile okumanje siphezu kwalo. Uma kuya ngokuthi liyalungis­eka, kuyobe kusho ukuthi kuphelile nge-ANC kulo masipala (uMkhanyaku­de).

“Thina siphethe uMtubatuba, iJozini neBigFive Hlabisa, yona iphethe KwaMhlabuy­alingana wodwa,” kusho uMnu Hlabisa.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? WUSIZI lodwa kuNkz Senzeni Deliwe Nzuza ohlala exhokovane­ni elingawa noma yinini. Nokho kunosomabh­izinisi othembisay­o ukuthi uzomsiza.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA WUSIZI lodwa kuNkz Senzeni Deliwe Nzuza ohlala exhokovane­ni elingawa noma yinini. Nokho kunosomabh­izinisi othembisay­o ukuthi uzomsiza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa