LUYASHUBA OLOKUDAYISWA KWEZIKHALA ZOTHISHA
INHLANZI izoshelwa ngamanzi ezikhulwini zemfundo amagama azo avela ophenyweni lwenkohlakalo yokuthengiswa kwezikhala zothisha KwaZulu-Natal, obelujutshwe nguNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga - mayelana nezinsolo ezibhekiswe kwiSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu).
Lolu phenyo beluholwa nguSolwazi John Volmink, esebenzisana noMnyango wezeMfundo eyiSisekelo kuzwelonke.
Okhulumela lo mnyango, uMnu Elijah Mhlanga, uthi uphenyo olunzulu ngalo mbiko sekusele ukuba ludluliselwe emaphoyiseni bese kucaca ukuthi kwenzekani ngabathintekayo.
Ngokuthola kweLANGA, kukhona namagama abaqondisi bezifunda zezemfundo avelayo kulo mbiko.
ISekela-mengameli leNational Teachers' Union (Natu), uMnu Allen Thompson, lithe basakhala namanje ngokuthi kayikho isekhula ekhishwe wumnyango yahanjiswa ezikoleni ukuze ba- phumele obala bonke othisha ababhekane nenkinga yokugwaziswa bese kuvezwa nokuthi bazovikeleka kanjani uma sebethule ubufakazi.
“Uphenyo luhamba kancane ngoba kubanjelelwe ebufakazini obumbalwa. Ngikhuluma nje kusenothisha abakhokhayo namanje ababenikezwe izikhala eminyakeni edlule. Izinyunyana yizona ezihlangana nabathile kudayiselwane izikhala.
“Kasizange seneliseke nangesikhathi kuqalwa uphenyo ngoba othisha kababizwanga kwazise baningi abantu abanobufakazi obuqanda ikhanda ngale nto. Sifuna baboshwe bonke abagangayo ngoba basibulalela imfundo,” kusho uMnu Thompson.
UNobhala weSadtu KwaZuluNatal, uNkz Nomarashiya Caluza, uthi umthetho kumele wenze umsebenzi wawo bashushiswe abathintekayo, ukuze abantu bezoyeka ukwenza izinto ezimbi bese becasha ngale nyunyana.
“Nathi silindele umbiko wokugcina ozocacisa konke, kodwa engikwaziyo wukuthi igama leSadtu limsulwa kule nto,” kusho uNkz Caluza.
Kwenzeka lokhu nje kusule emsebenzini uMnu Bheki Ntuli obengumqondisi ehhovisi lezemfundo esifundeni uMlazi, ekhala ngokuthi kukaningi ebikela uMnyango wezeMfundo KwaZuluNatal ngokusatshiswa kwakhe yiSadtu, imphoqelela ukuba kuthengiswe izikhala.
Okunye okuvelile ukuthi kuhlaselwe umndeni wakhe, waphinde wesatshiswa ngokuthi kuzothunjwa ingane yakhe.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Mthandeni Dlungwana, ukuchithile esithangamini sabezindaba abekade esibize eThekwini emasontweni edlule, wathi nguyena ophethe lo mnyango, akekho umuntu owulawulayo.
“Bonke abantu abayizisulu ekudayiselweni izikhala, kumele babike kuthina noma emahhovisi ethu aseduzane kumbe emaphoyiseni. Wonke amacala abikiwe kithina siyawaphenya bese sithatha isinqumo sokuqondiswa kwezigwegwe," kusho uMnu Dlungwana.