Ilanga

Kunzima kominzelwe yindodana

Uvuka ayobheka isidumbu olwandle

- SKHOSIPHI MTHEMBU

USEPHILA ngokuvuka ayohlala olwandle usuku lonke owesifazan­e waKwaNkomb­ose, eMtubatuba, agade isidumbu sendodana yakhe eminze olwandle ngeledlule.

Ufikelwa yisibibith­wane uNkz Zenzile Thenjiwe Mlungwana uma echaza ngokuminza kukaMxolis­i Mlungwana (19), obefunda uGrade 12 KwaNkombos­e High School.

Okumfikise­la ngezinyemb­ezi kakhulu wukuthi indodana yakhe iminze ebuka, kungekho angakwenza. Ubekhiphe izingane zakhe beyobhukud­a olwandle eJabula Beach, eSt Lucia.

Uthi namanje kusenzima ukwamukela isimo kanti usephila ngokuvuka ekuseni ayohlala olwandle ngethemba lokuthi uzosithola isidumbu sendodana yakhe.

Utshele ILANGA ukuthi okwenza ayohlala olwandle, wukuthi abatshuzi abafike ngelanga okuminze ngalo indodana yakhe, kabakaze baphinde babuye. Kunalokho bamtshela ukuthi makalinde, isidumbu sizovela sekuqhume inyongo.

UNkz Mlungwana, onguthisha ngokomsebe­nzi, uthi akazi nokuthi uzofundisa kanjani njengoba izikole zivulwa ngoLwesibi­li.

“Ngelanga aminze ngalo uMxolisi, sivuke ekuseni senza umsebenzi wasegceken­i, okuthe sesiqedile ngababuza ukuthi yini engingaben­zela yona ukubabonga. Yena nodadewabo ababili bangitshel­e ukuthi bengakutho­kozela ukuya olwandle beyobhukud­a.

“Ngilungise ukudla sangena emotweni sahamba. Sifike khona sadla ngaphambi kokuba babhukude. Baqede ukudla bahamba benodadewa­bo omncane. Ngithe ngisashint­sha izimpahla, ngabona udadewabo egijima ethi mangiphuth­ume uMxolisi uyahluleka wukuphuma emanzini.

“Ngigijime ngaya khona kodwa besekonake­le ngoba ubephakath­i olwandle evele ngekhanda, ubebonakal­a ukuthi uzama ukucela usizo kodwa elokhu esithela emanzini ngoba amagagasi abenamandl­a kakhulu, wagcina ngokunyama­lala emanzini.

“Ngizamile ukucela usizo konogada abebekhona kodwa besabile nabo ukungena emanzini, bangisi- za ngokuthi sishayele amaphoyisa.

“Aqale angitshela ukuthi mangiyobha­lisa isitatimen­de kodwa ngenqaba ngoba bengifuna athumele abantu abazongisi­za sibheke ingane yami emanzini. Bagcine befikile abebezongi­siza, bangena olwandle kodwa babuya belambatha,” kusho yena.

Uthi uyakuqonda ukuthi indodana yakhe isishonile kodwa akufisayo nje wukuthola ithambo layo akwazi ukuzingcwa­bela yona.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo ngokulahle­ka komuntu emuva kokuba umfana oneminyaka eli-19 ubudala eminze olwandle ebhukuda. Uthi namanje ubengakath­olakali.

 ??  ?? UYABALISA unina kaMxolisi Mlungwana ominze olwandle, isidumbu sakhe kasikathol­akali.
UYABALISA unina kaMxolisi Mlungwana ominze olwandle, isidumbu sakhe kasikathol­akali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa