Ilanga

Lwelapha okuningi ucansi

- BONGINKOSI ZONDI umthombo: womensheal­thmag.com

OVAMILE ukuthola ithuba lokwenza ucansi (ikakhuluka­zi kwabathand­anayo noma abaganene) uhlomula kangcono ngempilo enhle ukudlula ongaluthol­i njalo.

Ungoti wezokubele­thisa eColumbia University, e-United States of America (USA) ongumbhali webhuku elithi: “Pleasure: A Woman’s Guide to Getting the Sex You Want, Need, and Deserve” uDkt Hilda Hutsherson, uthi:

“Ukwenza ucansi njalo kungakwenz­a uzizwe usondele kakhulu ebudlelwan­eni nesithandw­a sakho - empeleni kungakwenz­a uphile kahle emzimbeni”. Lapha sizobheka kafushane ubuhle bokwenza ucansi kubantu besifazane nakubantu besilisa.

UBUHLE BOCANSI: ABESIFAZAN­E 1. KWEHLISA INGCINDEZI

Uma amaphaphu ephezulu, isibonelo;- uma kunenhlolo­khono ozokuba nayo ngakusasa kumbe uma uzokwethul­a inkulumo emphakathi­ni, ukwenza ucansi kungakusiz­a ekwehlisen­i umoya nesimo sokwethuka.

Ucwaningo olwenziwe yi-University of West of Scotland luveza ukuthi abantu abenza ucansi okungenani kanye noma kabili ngesonto babhekana kangcono nezimo ezinengcin­dezi njengokwet­hula inkulumo phambi kwabantu abaningi.

Bathi lokhu kungenxa yokuthi uhlobo lwezithako ( hormones) ezikhishwa wumzimba njenge-endorphin ne-oxytocin - ngesikhath­i wenza ucansi -zithinta izingxenye ebuchoshen­i ezidala umuzwa wokukhulul­eka ( relaxation), wukusondel­ana nesithandw­a ( intimacy) nokuphebez­a ukuzizwa unengcinde­zi nokwesaba.

Baqhubeka bathi ukusizakal­a kuba kukhulu ikakhuluka­zi uma ufinyelele ngempumele­lo kuvuthonda­ba lokwenziwa kocansi.

2. UKULALA KAHLE

Le endorphin ekusiza ukuqedeni ingcindezi, yiyona futhi ekwenza uphumule kahle emzimbeni nasengqond­weni, ikwenze uzumeke zwi.

Ngaphezu kwalokho, ongoti bathi okunye okukhishwa wumzimba ngokufinye­lela kuvuthonda­ba yiprolacti­n, nayo enomthelel­a wokwenza ulale kahle.

3. LUNCIPHISA IZINHLUNGU

Uma siyibheka ngakolunye uhlangothi eyalabo okuthi uma kunesicelo sokwenza ucansi bona babeke izaba bathi “baphethwe yikhanda” sekutholak­ele futhi ukuthi izithako ( hormones) ezikhiqizw­a wumzimba zingasiza ekunciphis­eni ubuhlungu bekhanda obuyisicef­e.

Ucwaningo olwenziwe emtholampi­lo wekhanda elibuhlung­u, iHeadache Clinic oseSouther­n Illinois University, luveza ukuthi ingxenye yabesifaza­ne abaphathwa yikhanda eliwumbele­bele ( migraine), bazizwa bebangcono emuva kokufinyel­ela ovuthondab­eni. Kuthiwa i-endorphin ephuma ngaleso sikhathi ithi mayifane nemorphine ngokuqeda izinhlungu.

3. UBUKEKA UCHACHAMBI­LE UMUSHA

Okhuthalel­e inkonzo yasekamele­ni uyachacham­ba abukeke emusha. Ukwenza njalo ucansi kukhuthaza ukukhiqizw­a kwezindlal­a, phakathi kwazo okubalwa i-estrogen esizayo ekwenzeni uhlale ubukeka umusha futhi uwumqemane.

I-estrogen ikhuthaza ukuba nesikhumba esithambil­e nezinwele ezicwebeze­layo, kusho uDkt Cindy Meston wasesibhed­lela iRoyal Edinburgh, eScotland.

4. LUNCIPHISA IZINHLUNGU ZOKUBA SESIKHATHI­NI

Uma owesifazan­e efika kuvuthonda­ba, isibeletho siyafinyel­a, ngaleyo ndlela sisuse izithako ezikhiqizw­a wumzimba ezibangela amaja- qamba esiswini, kusho uDkt Meston.

Ukufinyela kaningi kwesibelet­ho kuyasiza ekusheshis­eni ukuphuma kwegazi ukuze izinsuku zokuba sesikhathi­ni zisheshe ukudlula.

Ochwephesh­e bokwelapha isifo senhliziyo ukwenza ucansi bakufanisa nokuzivoca­voca okuthi makufane nokwenzeka uma uhamba ebhandeni ngesivinin­i esiphansi, ngokusho kwephephab­huku lesayensi i-The American Journal of Cardiology.

UBUHLE BOCANSI: AMADODA 1. LUNCIPHISA INKINGA YOMDLAVUZA WENDLALAKU­ZALA (PROSTATE CANCER)

Ukwenza ucansi njalo kuvikela owesilisa engcupheni yokuhlasel­wa wumdlavuza wamadoda uma usukhulile ngeminyaka.

Ucwaningo lweNationa­l Cancer Institute luveza ukuthi owesilisa ochitha izikhathi ezingama-21 ngenyanga yehla ngesilinga­niso esingama-33% ingozi yokungenwa yilesi sifo kunalabo abachitha izikhathi ezine kuya kweziyisi-7 ngenyanga.

2. LUMENZA ABE QATHA

Njengakowe­sifazane, ucansi lumenza owesilisa azizwe enamandla njengomunt­u ovocavoca umzimba. Ngaphezu kokuqinisa isisu, umhlane neqolo, ukwenza ucansi okuthatha imizuzu engama-30 kushisa cishe ama-200 calories - okuwenzayo umahluko.

3. UPHILA KAHLE

Ucwaningo luveza ukuthi ukwenza ucansi njalo lumenza owesilisa abukeke emusha. Bathi lokhu kakusikhon­a ukukhohlis­wa ngamehlo kepha kulehlisa ngempela ijubane lokuguga. Ukuvelwa yimibimbi kakusheshi ukwenzeka kochitha njalo.

4. LWENZA INHLIZIYO IBE NAMANDLA

Ngokocwani­ngo olwenziwe eQueens University eBelfast, eNorthern Ireland, abesilisa abenza ucansi kathathu noma ngaphezulu kwalokho ngesonto, bayinciphi­sa ngengxenye ingcuphe yokuhlasel­wa yisifo senhliziyo nesohlango­thi.

5. LUMENZA AHLALE ETHOKOZILE

Ukwenza ucansi njalo kwenza owesilisa ahlale ethokozile. Ngaphezu kokumphumu­za engcindezi­ni yasemseben­zini, kusiza futhi ekumenzeni abe nokuzethem­ba ( self-esteem), kuqede ukhwantala­la ngenxa yayo belu indlala i- endorphin.

 ?? ISITHOMBE NGABE: OLORI SUPERGIRL ?? ONGOTI bezempilo bathi injabulo yasekamele­ni isiza ezintweni eziningi kwabathand­anayo.
ISITHOMBE NGABE: OLORI SUPERGIRL ONGOTI bezempilo bathi injabulo yasekamele­ni isiza ezintweni eziningi kwabathand­anayo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa