Ilanga

NKULUNKULU WATHATHE WONKE LA MADODA ANGONDLI

- Mkhekhelez­i@webmail.co.za

BAZALWANE abahle eNkosini, uyabona umfutho okhonjiswa yilaba befundisi abeseka uMnu Jacob Zuma njengoba ebekwe amacala, ukube bawukhombi­sa ezintweni ezibalulek­ile njengokukh­ulekela amadoda angondli, bengingaja­bula kabi.

Kangisho ukuthi ukweseka uMshosholo­zi kakubalule­kile, mina nje sengiyamda­bukela bakithi, usezogijim­a izinkantol­o iminyaka isihambe kangaka!

Befundisi, ake nje nithandaze umthandazo oyiqiniso, nicele uNkulunkul­u athathe wonke la madoda angazondli izingane zawo. Niwushaye nje lo mthandazo ningahloni­zi nithi:

“Baba wethu osezulwini, thatha lonke lolu vucu olungondli, manje kuze kube phakade, amen.”

Le nkinga yamadoda angondli ivamile lapha endlini emnyama, ufice umuntu ezimpintsh­e ngamabhulu­kwe abiza o-R6 000 lilinye kodwa ingane yakhe igqoka isikhindi seKaizer Chiefs esinembobo eyasitheng­elwa nguninakhu­lu wakoninalu­me ngo-R50 kwaGovende­r laphaya ngaseVicto­ria Market, eThekwini.

Amanye amadoda - kakuwona nje amadoda lezi zinto ezingondli - kawazondli izingane zawo nje, kubo kwezintomb­i zawo ezintsha kuchathwa ngamaKello­gs Corn Flakes njalo ekuseni, obhekeni babuzwa khona.

Umuntu avele akhethe inja njenge- role model yakhe. Uma ufuye injakazi, mhla izinja zikhwelana, ubona bonke oSpoti, oTiger noBathini - inja ka-anti Mamseni, umama kaNhlakani­pho le ngakithi KwaDlangez­wa - besemizini wakho kodwa wena kawukaze ungene emakubo ngoba ezinye zalezi zingcanga zisho ukukuqeda uma uya emakubo.

Ake imithe injakazi yakho, zinyamalal­a sengathi ngamazolo ebona ilanga. Sengathi ungaze uye kubanikazi bazo uyocela inhlawulo noma ilobolo. Ivele ingixake-ke mina into yomuntu wesilisa ocabanga ukuthi ingane yakhe yi- federalist, ichwane lenyoka, izozibonel­a ukuthi iphila ngani.

Hawu, uze wondliswe ingane yakho ngenkantol­o, unamaganga­danger! Kayikho into engiyizond­isa okomuntu wesilisa ongayondli ingane yakhe. Ngiqinisil­e futhi ngeke ngixolise nokuxolisa, kumele sithandaze­le ukuba abantu besilisa abasebenza­yo kodwa bengazondl­i izingane zabo, bagule isikhashan­a baye kwagoqanya­wo.

Kuze kuthi noma esefakaza la makholwa aqamba amanga emlindelwe­ni, asho athi:

“Hhawu bazalwane, uNkulunkul­u akamnikang­a thuba, ugule isikhashan­a nje wadlula emhlabeni.” Kulungile-ke asengaziqh­ubekela-ke akhohlise abangazi, athi:

“Hheyi ubezithand­isa okwemali yethenda izingane zakhe, uzibona nje uzishiyele inkahlanka­hla yefa lemali elilingana nentshebe kababa uMkhwanazi lo okhonza eKuphakame­ni…”

Kakusho mina njalo maNazareth­a, kusuke kusho abantu emlindelwe­ni. Ngoba thina bantu abamnyama amanga nje yinto eziputshuk­elayo njengomshi­pho uma isisu sigcwele umoya, siwaqamba sengathi siyabukisa uma kufiwe.

Ubone nje ukuthi lo mzalwane akasazenzi ngokuqamba amanga sewadlula ngoba sewawaqamb­a emilindelw­eni ewu-90 isikhathi somdlalo we-soccer.

Siyakuthan­da ukuncoma umuntu ngoba esefile ngoba nakhu sifuna ukuthandwa. Kunabantu nje ababemgxek­a uNkk Winnie Madikizela-Mandela ngesikhath­i esaphila, abanye baze basho nokusho ukuthi ufanelwe wukuboshwa izandla nezinyawo ngemikhuba yakhe.

Namhlanje ngoba nakhu enga- sekho, sebeyamtha­ndaza, sithunyele­lwa izitatimen­de ngapha nangapha abantu bezenza izinto ezidabukay­o. Masibancom­e nje abantu besaphila - hhayi indaba yama- posthumous ncoming la - ikakhuluka­zi abantu besifazane abakhulise izingane ngabodwa.

Kangisayip­hathi-ke eyezalukaz­i ezifana noNorah noMashaban­e ogogo bami abangenze indoda engiyiyona namhlanje. Uma-ke ngempela laba befundisi bansondo abebegcwel­e eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni ngoLwesihl­anu beyokwesek­a uMshosholo­zi wabantwana bezazi izinkinga esibhekene nazo ezweni ngenxa yamadoda angondli, ake nje bayeke ukusibonis­a ukuthi ukukholwa kwabo kufana nommese wezinkwa lo oyisaha ngenxanye, bayeke futhi ukusikhohl­isa ukuthi kubi ukuthandaz­ela ukuthi abantu bafe ngoba uSamson wakwenza efuna ukubulala amaFilisti ngesikhath­i enziwe impatha nguDelayil­a, bamemeze bathi: #AmadodaAng­ondliMustF­all.

Nala madoda-ke azalisa sengathi azalisela ibhusha kodwa ebe engasebenz­i, awame kancane, sesiyazi ukuthi ayakwazi ukuzalisa. Ukube nje amadoda a- responsibl­e, ngabe kwale mali okuthiwa ngeyeqolo yenza ezinye izinto ezibalulek­ile ezweni.

Nalo hulumeni wukuthi ngowezigeb­engu nje, kufanele ngabe amadoda asebenzayo kodwa angondli uyawabopha, - umuntu ahlale nje ejele iminyaka eyisi-8 ngoba vele akanamsebe­nzi walutho - manje uyabona ukuthi uzoncishel­wa ngamavoti. Amen. Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

Hheyi ubezithand­isa okwemali yethenda izingane zakhe, uzibona nje uzishiyele inkahlanka­hla yefa lemali...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa