Umlando kuqokwa u-Abbot womdabu
Kungokokuqala kwenzekeka lokhu eNingizimu Afrika
AMABOMBO azobe ebheke eVryheid, KwaZulu-Natal kubazalwane bebandla lamaRoma eliKhatholika njengoba mhla zingama-21 kuMbasa (April) ngele-10 ekuseni kuzobe kunenkonzo ekhethekile yemisa lokubusiswa kwendela yesithathu emlandweni weminyaka engama-96 wemishini yaseNkamana ukuba ngu-Abbot.
Ozobe ebekwa kulesi sikhundla nguFata John Paul Mwaniki OSB (51), ozokuba ngowokuqala ompisholo ukuba kulesi sikhundla - okuyingqophamlando njengoba ababili abamandulele bekungabamhlophe.
Le nkonzo izokwenzelwa endlini yaleli bandla, iSacred Heart Church lapho phakathi kwezihambeli eziqavile kulindelwe omele uphapha engxenyeni eseningizimu ne-Afrika, u-Archbishop Peter B. Well, uCardinal Wilfrid Napier ongumbhishobhi omkhulu waseThekwini kuleli bandla, ababhishobhi bonke baleli bandla eNingizimu Afrika, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, iMeya yesiFunda iZululand uMfu Thulasizwe Buthelezi nabanye. Engxoxweni emfushane ILANGA elibe nayo nomzalwane, uMnu Leonard Dlamini omele u-Abbot ozobekwa, uthe ophethe lesi khundla uba nezivatho zenkonzo ezifanayo nezombhishobhi kodwa yena akakwazi ukugcoba abaphristi - njengombhishobhi. Ungumuntu owengamele izindela zesilisa njengaye.
ENingizimu Afrika zintathu kuphela izindawo zalolu hlobo (ezinjengeNkamana) okuyiSubiaco esePolokwane, eLimpopo; uMaria Umame weThemba yebandla lamaSheshi eliseGrahamstown, e-Eastern Cape nayo-ke Inkamana.
Inkonzo yalolu hlobo yenzeka cishe kanye emuva kweminyaka engama-25. Eminyakeni engama-96 imishini yaseNkamana ikhona, kungokokuqala ukuba kugcotshwe u-Abbot omnyama, okwenza lenkonzo ibe ekhethekile impela. UFata Mwaniki OSB uzalwe mhla zingama-29 kuNhlaba (May) we-1967 eKitale D Kitale eKenya. Wamukele ubizo lobundela ngoMasingana we-1994. Ufunde eMakongeni West Primary School nase-Aquinas High School eNairobi, eKenya.
Ngeminyaka yowe-1986-87, ufunde imfundo yamabanga aphezulu eTindinyo College wathola iKenyan Advanced Certificate of Education. Ngowe-1988 ufunde e-University of Nairobi kwathi ngowe-1991 wathweswa iziqu zeBA (Sociology and Religious Studies).
Ngowe-1994 ufunde eCatholic University of Eastern Africa waphothula ngamalengiso i-Post Graduate Diploma in Education ngowe-1995. Uvolontiye njengothisha eQueen of Apostles Junior Seminary eNairobi.
Ngowe-1998-2001 ufunde eSt Joseph’s Theological Institute (ngaleso sikhathi ebingaphansi kwe-Urbania Pontifical University yaseRome, e-Italy) wathola iDiploma in Theologial Studies, kamuva neBachelor of Sacred Theology e-Urbaniana Pontifical University.
NgoNcibijane wonyaka wezi-2000, ufunge njengendela eTigoni, eKenya kwathi ngoZibandlela (December) walowo nyaka waba ngu- deacon wesigodlo sase-Nkamana. Zili-15 kuZibandlela wezi-2015, ugcotshelwe kwesokuba ngumphristi eTigoni, eKenya.
Kusukela ngowezi-2002 kuya kowezi-2005 ube ngumphathi wesigodlo sezindela eBenedictine Monastery eTigoni.
Ngowezi-2009 uthunyelwe eBenedictine Study House eCedara, eMgungundlovu, maphakathi neKwaZuluNatal kwathi ngowezi-2011 wadlulela eNkamana lapho amukelwe khona ngesasasa.
Ngowezi-2011 waba ngumsizi ka-Abbot ekuphathweni kwesigodlo sase-Nkamana phansi kobengu-Abbot uGodfrey Sieber OSB - lapho ezibonakalise khona kwaze kwaphela ihlandla lika-Abbot Sieber.
Mhla zili-10 kuNhlolanja (February) wezi2018, uFata John Paul Mwaniki ukhethwe ukuba ngu-Abbot wesithathu waseNkamana nguMengameli wo-Abbot, uJeremias Schroder OSB.
Inkonzo yokubusiswa kwakhe izokwenganyelwa ngumbhishobhi wendawo, uThaddeus X Kumalo wedayosi laseShowe, enyakathompumalanga yeKwaZuluNatal.