UMBONO WOMHLELI:
OKUSHIWO nguMnu Bheki Ntuli ofake incwadi yokwesula kwesokuba ngumqondisi wezemfundo esifundeni saseMlazi ngeledlule ngoba ekhala ngokuthi uhlukunyezwa yiSouth African Democratic Teachers’ Union (Sadtu), kuyethusa kakhulu.
Uma kuyiqiniso, kubuye kwenze umuntu azibuze ukuthi ngabe uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, nakuzwelonke, uthule uthini imfundo yezingane zethu ibulawa isidana ngabantu okufanele ngabe basebenzela ukuyifukula, bayenze ibe ngcono kodwa babukeka bengogombela kwezabo.
UMnu Ntuli uthe uqome ukwesula emsebenzini ngenxa yokuhlukunyezwa nokwesatshiswa ngamalungu nezikhulu zeSadtu, athi bafuna ukuba kukhale esabo isicathulo. Uthi le nyunyana ibimtshela ekhaleni ukuthi makaxoshe abahloli abathile bezemfundo, futhi anyusele ezikhundleni othishanhloko nabanye abathandwa yiSadtu.
UMphemba uthi unqume ukwesula emu- va kokwesatshiswa ngokuthi yena nezingane zakhe kabaphephile. Udalule nokuthi yena nezinye izikhulu zomnyango sebeke bavalelwa emahhovisi kahulumeni ngamalungu eSadtu amahora amaningi, kuthiwa mabagunyaze izinto ezithile ezifunwa yila malungu.
Uthi kukho konke osekwenzekile, izikhulu zomnyango bezigoqe izandla, zingenzi lutho ukumvikela yena nomndeni wakhe. Uma akushoyo kuliqiniso, kuyamangalisa ukuthi amaphoyisa akangenelelanga ngani, abopha izigilamkhuba ngoba okwenzeka lapha yicala elibomvu. Ziziphendulela, izikhulu zeSadtu, zithi uMnu Ntuli usenga ezimithiyo, akushoyo kungamampunge.
Kuzokhumbuleka ukuthi izinsolo zokwenzelela amalungu eSadtu, anikwe izikhundla ngetiye nokuthengwa kwezikhundla ezikoleni njengezobuthishanhloko, ukwenza isibonelo, yindaba endala kulesi fundazwe.
Empeleni sekwake kwaba nophenyo emu- va kokuba elinye lamaphephandaba azinze eGoli - eliphuma ngeSonto - libhale kabanzi ngaleli hlazo, kodwa udaba lwashaywa indiva, kwangathathwa zinyathelo ezinqala.
Izingqapheli zibona ukuthi okudala kucwebe iziziba wukuthi iSadtu yakhe umbimbi neqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC), yingakho uphenyo oluke lwenziwa luphelele emoyeni, kwabikwa ukuthi lezi zinsolo kazinasisekelo.
Yebo, kungenzeka ukuthi kakusikho konke okushiwo nguMnu Ntuli okuliqiniso, kodwa noma ingxenye yakho iyilona, lokho kukho-mba ukuthi izinto kazihambi ngendlela efa-nele emnyangweni wezemfundo kulesi sifu-ndazwe, okuyisimo esingaba nomthelela omubi emfundweni yezingane zethu, neku-sasa lazo.
Empeleni seziziningi kakhulu izinsolo zobugebengu ezithinta le nyunyana ezinika isithombe sokuthi kukhona okushaya amanzi lapha. Kubukeka sengathi kunobugebe- ngu obuhleliwe obesabekayo, inhloso yabo okuwukucebisa abathile abadlelana neSadtu ngokwabelana ngezikhundla ezikoleni nasemnyangweni wezemfundo imbala.
Okuqeda ithemba wukuthi kubukeka sengathi abaphethe umnyango wezemfundo bayayesaba le nyunyana noma-ke bahlulwa wumsebenzi wokuphatha umnyango.
Sesifikile isikhathi sokuba okwenzekayo kungenelelwe wuhulumeni omkhulu ukuze kuhlengwe imfundo yezingane zethu.
Kudingeka uphenyo olunzulu lapha, oluholwa yithimba elijutshwe wuhulumeni omkhulu, eliqhamuka ngaphandle kwalesi sifundazwe ukuphenya le mikhuba ebikwayo.
Sinxusa umengameli uMnu Cyril Ramaphosa, ojwayele ukuqhakambisa ukubaluleka kwemfundo, ukuba angenelele kulolu daba.