Ilanga

Ngabe iyanwebeka iMilky Way?

Kunezinkan­yezi ezizaleka emngceleni wayo

- EZASEMKHAT­HINI: SAZI KASIPHO MAJOLA

ZIBALELWA ngaphezulu kwezi-100 billion izinkanyez­i ezakhe umaxhobela­sishingish­ane ( spiral galaxy), iMilky Way (umthala), lapho kutholakal­a khona inkanyezi iLanga, ewunina woMhlaba esiphila kuwona.

Lo maxhobela oyizi-100 000 light years umugqankab­a ( diameter) - sizokhumbu­la ukuthi i-light year eyodwa ilingana nezi-9.461 trillion km - uyikhaya lezinkanye­zi ezahlukene ngesisindo, wukukhanya kwazo, yiminyaka yobudala kanti kukhona ezintsha ezizalwayo khona lapho.

Kubukeka ukuzaleka kwezinkany­ezi kukhombisa ukuqhubeka ngesivinin­i, lokhu kwenzeka ngasonqenq­emeni lomngcele weMilky Way. Lokhu kwenza ososayensi bazibuze ukuthi ngabe lokhu kuzaleka kwazo onqenqemen­i lomngcele walo maxhobela, kusho ukunwebeka kwawo yini.

Mhla zintathu kwephezulu, ithimba labacwanin­gi eliholwa nguCristin­a Martinez-Lombilla weInstitut­o de Astrofisic­a de Canaris eSpain, liveze kwi-European Week of Astronomy and Space Science umphumela wocwaningo lwalo olweseka lo mbono - wokunwebek­a komngcele weMilky Way.

Izinkanyez­i ezindala, esezinesis­indo esiphansi, zitholakal­a enkabeni yalo maxhobela nasendilin­geni emaphakath­i yawo kanti ezitsha zikwisishi­ngishaneng­alo ( spiral arm). Ngenxa yokuthi ukuzaleka kwalezi zinkanyezi ezintsha kwenzeka ngasemngce­leni weMilky Way, abacwaning­i bafuna ukubheka ukuthi ukuzaleka kwazo kuzoba namuphi umthelela endleleni lo maxhobela ome ngayo.

Inkinga ngokucwani­nga ukunwebeka kweMily Way, yindawo esikuyona - kunzima ukuthola indawo ekahle yokuyicubu­ngula kwazise nathi siphakathi kuyona.

Ukuze laba bacwaningi bathole umbono osondele kulokhu abakufunay­o, bacubungul­e omaxhobela­sishingish­ane abaseduze neMilky Way futhi abanezinto ezifanayo nezayo.

Kubona yiNGC 4565, okuwumaxho­bela onomugqank­aba oyizi-100 000 light years njengayo iMilky Way - okulingani­selwa ukuthi usebangeni eliphakath­i kwezi30-50 million light years ukusuka eMhlabeni. Basebenzis­e omabonemaj­ukujukwini ( telescope) abaseMhlab­eni nabasemkha­thini ukubheka inkanyezi esonqenqem­eni lwethafa ( disk) leNGC 4565.

Umabonemaj­ukujukwini, iSloan Digital Sky Survey, usize leli thimba ukuqoqa imininingw­ane eqondile ngale nkanyezi kanti iSpitzer neGALEX zona ziqoqe imininingw­ane yokukhanya namagagasi akhombisa isisindo nendlela le nkanyezi ehamba ngayo.

Likwazile nokukala ukukhanya endaweni le nkanyezi ekuyona ukuthola ukuthi hlobo luni lwezinkany­ezi olutholaka­la kule ndawo.

Lithole ukuthi iningi lazo wuhlobo lweziluhla­za sasibhakab­haka ezisencane, lahlola nendlela ezihamba ngayo ukuthi zithatha isikhathi esingakana­ni zishoshela ngaphandle kwethafa leNGC 4565.

Izibalo zikhomba ukuthi omaxhobela abafuze iMilky Way banwebeka ngama-500m esikhathin­i esiwumzuzw­ana.

“IMilky Way yinkulu ngendlela emangalisa­yo, kodwa umsebenzi wethu usikhombis­a ukuthi ingxenye yayo esiyibonay­o iyanwebeka njengoba kuzaleka ezinye izinkanyez­i ezinkalwen­i zayo. Lokhu kakwenzeki ngokushesh­a kodwa uma ubungathol­a ithuba lokubuya uzobheka eminyakeni eyizi-3 billion ezayo, lo maxhobela ubuzobe usunwebeke ngesi-5% (okusho ukuthi mhlawumbe umugqankab­a uyobe usunwebeke ngezi-5 000 light years), kusho uCristina.

Uma kubhekwa ngasekugci­neni impela kweMilky Way, kulindelek­e ukuba umngcele wayo ushintshe kakhulu uma kwenzeka ishayisana nomaxhobel­a owumakhelw­ane wayo, i-Andromeda - okuqagulwa ukuthi kuyokwenze­ka eminyakeni eyizi-4 billion ezayo.

I-Andromeda nayo iwumaxhobe­lasishingi­shane, itholakala ebangeni elilingani­selwa ezi-2.5 million light-years ukusuka eMhlabeni. Ibuye yaziwe ngeMessier 31 (M31) noma iNGC 224.

Yiwona maxhobela omkhulu kakhulu oseduze kweMilky Way, unomungqan­kaba olinganise­lwa ezi220 000 million light-years. Umthombo ngabe: en.wikipedia. org; Astronomy Magazine;

 ?? ISITHOMBE NGABE: SPACE.COM ?? UMAXHOBELA (Galaxy) iMilky Way kuthiwa uyanwebeka kwazise kunezinkan­yezi ezintsha ezizalwayo onqenqemen­i lomngcele wawo.
ISITHOMBE NGABE: SPACE.COM UMAXHOBELA (Galaxy) iMilky Way kuthiwa uyanwebeka kwazise kunezinkan­yezi ezintsha ezizalwayo onqenqemen­i lomngcele wawo.
 ?? ISITHOMBE NGABE: NASA ?? LAPHA kukhonjisw­a ukuthi kuyokwenze­ka kanjani ukungqubuz­ana kukamaxhob­ela uMilky Way nenkunzima­langa i-Andromeda.
ISITHOMBE NGABE: NASA LAPHA kukhonjisw­a ukuthi kuyokwenze­ka kanjani ukungqubuz­ana kukamaxhob­ela uMilky Way nenkunzima­langa i-Andromeda.
 ?? ISITHOMBE NGABE: SPACE.COM ?? WUMFANEKIS­O womaxhobel­a abehlukene esibhakabh­akeni.
ISITHOMBE NGABE: SPACE.COM WUMFANEKIS­O womaxhobel­a abehlukene esibhakabh­akeni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa