Kusemnyama ngezifiso zeSascoc
Bazibekele umgomo wezindondo ezingama-45 emidlalweni yamaCommonwealth
AMFILIBA amathuba okuba kufezeke iphupho leSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc) lokuba iqembu leNingizimu Afrika libuye nezindondo ezingama-45 kumaCommonwealth Game aqale ngoLwesine kuze kube yiSonto elizayo lomhla zili-15 kwephezulu eGold Coast, e-Australia.
Ngesikhathi sokuloba izolo ngeSonto, elakuleli bese liqoqe izindondo eziyisi-9, ezegolide ezine, isiliva elilodwa nezethusi ezine. Abadlali abasaphakamise ifulegi lakuleli ngokuthola izindondo nguChad le Clos ozuze igolide kwi50m butterfly kwathi uRyan Coetzee wathola eyethusi ebangeni elifanayo.
UChad uphinde wazuza elinye igolide kwi-200m Butterfly kanti ubesethola indondo yesithathu kule midlalo.
Lo mbhukudi waKwaZulu-Natal angase aqophe umlando ngokuba nezindondo eziningi ukubedlula bonke abadlali emhlabeni kule midlalo njengoba esenezili-15. Umsubathi oneziningi uneziyi-18.
Inhlanhla yeNingizimu Afrika ivulwe nguHenri Schoeman othole igolide lokuqala kwiTriathlon. Omunye osezuze izindondo nguCameron van der Burgh.
Kuyaziwa ukuthi emidlalweni yalolu hlobo izinhlangano ezenza kahle kujwayele ukuba ngezokubhukuda nezokugijima.
U-Akani Simbine okubhekwe lukhulu kuyena, ukwazile ukudlulela kowamanqamu kwi-100m.
Uzogijima owamanqamu namuhla ngoMsombuluko.
Abanye abasubathi okubhekwe ukuba benze kahle nguCaster Semenya okubhekwe ukuba abuye nezindondo ezimbili njengoba ezokube egijima i-800m ne-1500m, kube yingqwele yomhlaba kwiLong Jump, uLuvo Manyonga, okubhekwe ukuba aqhubeke nokuqoqela izwe izindondo kule midlalo.
Elakuleli lihambe nombandela wokubuya nezindondo ezingama-45 kwazise emidlalweni edlule labuya nezingama-40 eScotland.