Ilanga

UBONA INGOZI UMQEQESHI WE-PIRATES

- SENZO SOKHELA

UBONA ingozi kwizimbang­i uMilutin “Micho” Sredojevic ( osesithomb­eni) ongumqeqes­hi we-Orlando Pirates engakaliph­onsi ithawula ngesicoco seAbsa Premiershi­p.

IBucs izobhekana neSuperSpo­rt United kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesith­athu ngo-19h30 eMbombela Stadium, eNelspruit.

IBucs iya kulo mdlalo nje, ihambela phezulu njengoba imiphumela iyivuma.

Emidlalwen­i yayo eyisihlanu eyedlule isayinqobe yonke. Ibhekene neSuperSpo­rt edo- nsa kanzima njengoba iphikwa yimiphumel­a.

USredojevi­c, oqokwe njengomqeq­eshi oqavile wenyanga kaNdasa (March), uthi iSuperSpor­t izokuba yingozi.

“Kunzima ukudlala nekilabhu edonsa kanzima ngoba abadlali bakho bavele bayeye bese bezithola besengozin­i. Kuzofanele sikhohlwe yifomu yeSuperSpo­rt sidlalele ukufa nokuphila kulo mdlalo. Eyesicoco seligi angifuni ukukhuluma ngayo kakhulu, angifuni ukufakela abadlali bami ingcindezi engenasidi­ngo. Asidlale nje thina sinqobe imidlalo sizobona ukuthi siphele- laphi,” kusho uSredojevi­c.

UKaitano Tembo obambe izintambo zokuqeqesh­a kwiSuperSp­ort, uthi sinzima isimo ababhekene naso.

“Indawo esihleli kuyona kwilog ayiyinhle neze, yenza isimo sethu sibe nzima. Lo mdlalo wePirates kuzofanele sizame ngawo wonke amandla ukuwunqoba ngoba asiphephil­e kwathina ezembeni,” kusho uTembo.

Komunye umdlalo we-Absa Premiershi­p, i-Ajax Cape Town izobhekana neBidvest Wits ngoLwesith­athu ngo-19h30 e-Athlone Stadium, eCape Town.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa