Ilanga

UVALO NGENDAWO KWI-TOP 4 KWI-MARITZBURG UNITED

- SENZO SOKHELA

UNOVALO nge-top 4 ayifunayo umnikazi weMaritzbu­rg United emuva kokuba ezakhe ziphunyukw­e yinyamazan­e seziyibamb­ile.

ITeam of Choice iphunyukwe yiqatha emlonyeni ibambana neCape Town City ngo-1-1 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

IMaritzbur­g yiyona ebone imbobo yepali kuqala u-Andrea Fileccia ebhakuzisa inethi, kodwa igoli lacinywa ngelikaMas­oud Juma umdlalo ususesikha­thini somusa kanompempe.

UFarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikaz­i weMaritzbu­rg, uthi ungenwa ngamanzi emadolweni nge-top 4 ayigaqele.

“Ngendlela izinto eziyiyona ikhona inkinga ekhona, nasemdlalw­eni weBidvest Wits sihlulwe ngenxa yobudedeng­u bethu.

"Nakulo mdlalo senze into efanayo saphisana ngegoli elilula umdlalo usuphelile. Ingicasuli­le into eyenzeke kulo mdlalo angifuni ukuqamba amanga.

“Ukuphunyuk­wa wumdlalo ngalolu hlobo yisimo esingamuke­lekile.

"Besiwading­a la maphuzu ngoba imidlalo esisalele inzima. Ngendlela okuyiyona manje nginovalo nge-top 4 engiyifuna­yo,” kusho uKadodia.

UBenni McCarthy ocija iCity, uthi ezakhe bekufanele ziwunqobe lo mdlalo.

“Umdlalo ubuphethwe yithina kodwa sangakuseb­enzisa lokho. Ngijabule ngephuzu yize belingasif­anele, besingenza kangcono kabi ukuba abadlali bami kabawamosh­i amathuba esiwathola­yo,” kusho uMcCarthy.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa