Ilanga

Udalula izingqinam­ba zokudlalis­a kwiPSL

Uyazigqaja ngokudlali­sa iGhana neNigeria

- PHILANI NCALANE philanin@ilanganews.co.za

UDALULA izingqinam­ba abhekana nazo u-Akhona Makalima ongunompem­pe wesifazane odlalisa imidlalo yePremier Soccer League (PSL) neyeConfed­eration of African Football Associatio­n (Caf).

U-Akhona ubecobelel­a ngolwazi lwalo mkhakha onompempe abadlalisa esigabeni seSAB League abebenzelw­e umcimbi wokubavale­lisa ngoLwesihl­anu emini eTshwane.

Uthi uma ungunompem­pe wesifazane kumqoka ukuzethemb­a nokubekeze­la ngoba iyashisa insimbi.

“Ngokwendal­o abantu besilisa kabathandi ukutshelwa ngumuntu wesifazane. Nakimina kuba nzima ngoba ngidlalisa amadoda. Kwesinye isikhathi kawafuni ukulandela imiyalelo yami.

“Lokhu kabakwenzi ngoba kungangifa­nele ukudlalisa esigabeni esikhulu kodwa kudalwa wukuthi ngingumunt­u wesifazane. Kwesinye isikhathi abaqeqeshi bakuchapha ngenhlamba ngenhloso yokukucasu­la ukuze wenze amaphutha noma uthathe izinqumo ezivuna amakilabhu abo.

“Ngijabule ngoba kulolu hlelo lweSAB League baningi onompempe besifazane kunabesili­sa. Nami ngikhiqizw­e yiyona imidlalo yeSAB League. Ngiyafisa baqhubekel­e phambili bangabheki emuva. Nami angifuni ukugqama ngedwa njengonomp­empe wesifazane.

“Ngiyadinga nje kube nonompempe esizoxoxa naye ngezinto zabesifaza­ne ezindlini zokushints­hela,” kusho lo nondweba odabuka e-Eastern Cape.

U-Akhona uthi akulula ukuthi onompempe besilisa bamcindeze­le nganoma yingaluphi uhlobo.

“Ngiyahleka kodwa angingenek­i kalula. Ngiyawuhlo­nipha umsebenzi wami. Ngisho ngiyodlali­sa kude, akekho noyedwa unompempe wesilisa oke aso- ndele kimina. Ngenhlanhl­a ngisebenza nabantu abahloniph­ayo futhi abawazisay­o umsebenzi wami. Nokho-ke sike sibone onompempe beshada futhi baphile kahle. Okumqoka wukungahla­nganisi izinto zangasese nomsebenzi,” kusho u-Akhona obedlala ibhola ngaphambi kokungena emkhakheni wokudlalis­a.

Uthi yize iminingi imidlalo asebe yingxenye yayo kodwa kukhona angasoze ayikhohlwa.

“Umdlalo wami wokuqala kwiAbsa Premiershi­p ubuphakath­i kwe-University of Pretoria neMpumalan­ga Black Aces. Angisoze ngawukhohl­wa. Ngidlalise iFree State Stars nePlatinum Stars kanti omunye ogqamile kimina ubuphakath­i kweMamelod­i Sundowns nePlatinum.

“Ngiphinde ngehlelwa yinhlanhla yokudlalis­a iGhana neNigeria,” kusho u-Akhona obhekise amabombo e-Uganda lapho eyodlalisa khona.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGU-AKHONA Makalima ongunompem­pe wemidlalo yePremier Socer League ozwakalise ukuthi ziningi izinselelo asedlule kuzona njengonond­weba wesifazane emkhakheni okugcwele kuwona abesilisa.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGU-AKHONA Makalima ongunompem­pe wemidlalo yePremier Socer League ozwakalise ukuthi ziningi izinselelo asedlule kuzona njengonond­weba wesifazane emkhakheni okugcwele kuwona abesilisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa