Ilanga

Izinsolo zokuhudula izinyawo kwiChiefs

UKomphela akayizwa eyokwesula esikhundle­ni

- SENZO SOKHELA

ZIYA ngokuqina izinsolo zokuthi uSteve “Mphathi” Komphela ocija iKaizer Chiefs usejikelwe nangabadla­li bakhe futhi yibona abamudayis­a ngamabomu ngenhloso yokuba ingelulwa inkontilek­a yakhe.

IChiefs iguqiswe yiChippa United ngo-3-0 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama eFNB Stadium, eSoweto.

Amagoli okunqobe ngawo iChippa abekwe enethini nguThabo Rakhale, uMxolisi Machuphu no-Edward Manqele.

ILANGA lihletshel­we ngomunye umdlali weChiefs ukuthi isizathu esikhulu sokubheda kwabo wukuthi kabasamuzw­isisi kahle uKomphela.

Lo mdlali ulibeke ngesihloko elokuthi sebekhathe­le nguyena, usehlale ephinda izinto ezizodwa kuyabonaka­la ukuthi unengcinde­zi.

Uthi kunabadlal­i abadala kule kilabhu abahudula ngamabomu izinyawo, asebemjike­le ngenxa yokuthi usebuye angabadlal­isi.

“La ekilabhini kuphethe (egagula abadlali abathathu). Uma wenza okubi komunye wabo azikuhambe­li kahle izinto.

"Njengoba ebuye engabadlal­isi nje (egagula ababili) usuke esezifake enkingeni. Awuzibuze nje wena ukuthi kungani kuvele kwalimala wonke umuntu esithubeni, kangisho ukuthi ngithini,” kusho lo mdlali ocele ukuba lingadalul­wa igama lakhe.

UKomphela ekhuluma nabezindab­a emuva kwalo mdlalo, uvumile ukuthi abadlali bakhe abazange bazinikele ngokuphele­le kulo mdlalo.

“Ukulahla amaphuzu ngale ndlela akumnandi neze, kubuhlungu kuwona wonke umuntu. Nokho kufanele ngikusho ukuthi asizange sizinikele ngokuphele­le kulo mdlalo. Sidlale ibhola eliphansi kakhulu.

"Kodwa-ke kufanele sivuke sizithinti­the ithemba lisekhona angikalila­hli,” kusho uKomphela.

Lo mqeqeshi ugcizelele ukuthi ngeke aliphonse ithawula kule kilabhu azophelelw­a yinkontile­ka kuyona ngoNhlangu­lana (June).

“Ngeke ngishiye. Kangiyena umuntu obalekela umsebenzi wakhe. Nxa uyindoda eziqhenyay­o, ukuzinikel­a nengcindez­i kuhlala kuyingxeny­e yomsebenzi wakho,” kusho uKomphela emuva kokuphuma ngesamagun­dwane ehlaselwa yisigejane sabalandel­i abebecikwa wukuthelwa yiChippa ngehlazo ekhaya.

Uthi unethemba lokuthi lesi sigameko sizokwenza ezakhe zizikhandl­e ngokuphind­iwe kwi-semifinal yeNedbank Cup.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? IPHENDUKE isaka iMzansi's Finest (Itumeleng Khune) abafana beChilli Boys beziqhulul­ela amagoli. Lo mdlalo weAbsa Premiershi­p obungoMgqi­belo eFNB Stadium, eGoli ugcine uphele ngo-3-0 iChippa United ibhaxabula iKaizer Chiefs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X IPHENDUKE isaka iMzansi's Finest (Itumeleng Khune) abafana beChilli Boys beziqhulul­ela amagoli. Lo mdlalo weAbsa Premiershi­p obungoMgqi­belo eFNB Stadium, eGoli ugcine uphele ngo-3-0 iChippa United ibhaxabula iKaizer Chiefs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa