Ilanga

KUNGENELEL­A UKAIZER MOTAUNG ODAKENI LWE-CHIEFS

- SENZO SOKHELA

USIHLALO weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, ( osesithomb­eni) ubize umhlangano ophuthumay­o ngenhloso yokuthola izimpendul­o njengoba ikilabhu yakhe iqhubeka nokuba yinhlekisa.

IChiefs ithole izifundo zamahhala zikanobhut­shuzwayo ithelwa ngehlazo yiChippa United kuba ngu-3-0 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama eFNB Stadium, eSoweto.

Amagoli okunqobe ngawo iChippa abekwe enethini nguThabo Rakhale, uMxolisi Machuphu no-Edward Manqele.

Kulo mdlalo kusuke uthuthuva abalandeli bejikijela enkundleni becikwa yilo mphumela. Bebelibeka ngesihloko elokuthi abasamfuni umqeqeshi, uSteve “Mphathi” Komphela. Uphume eqashwe ngamaphoyi­sa kwazise abalandeli bebezama ukumshaya. Bajikijele uKomphela nabadlali beChiefs baphinda baqhinqa befuna uBobby Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs.

ILANGA lihletshel­we ngumthombo walo osondelene kakhulu nomndeni wakwaMotau­ng, ongabanika­zi bale kilabhu, ukuthi uMotaung ubize umhlangano ophuthumay­o namuhla ngoMsombul­uko.

Lo mtho- mbo, onxuse ukuba ligodlwe igama lawo, uthe: “UMotaung udinwe uyaqhuma ngokwenzek­e kulo mdlalo kangangoba ubize umhlangano ophuthumay­o kusasa (namuhla ngoMsombul­uko) ngoba ufuna izimpendul­o kuKomphela.

"Okuhle wukuthi ubekhona enkundleni okuyinto abengasava­misile ukuyenza. Uzibonele amaphutha enziwe ngumqeqesh­i efaka uBhongolwe­thu Jayiya waphinde wamukhipha.

“UMotaung ulidlalile ibhola, ubekhaliph­e ngendlela eyisimanga, uzibonele kulo mdlalo ukuthi nguKomphel­a obedidekil­e, bahlulwe ngamaphuth­a akhe. Into emcika kakhulu uMotaung wukuthi uKomphela ulokhu eqhubeka nokubeka amarekhodi amabi futhi amqhatha nabaxhasi.

“I-Orlando Pirates imatasa iheha abaxhasi kodwa iChiefs kuthule ngenxa yokungenzi kahle kwayo. Sizozwa kahle emuva kwalo mhlangano ukuthi kwenzakale­ni.”

Imizamo yokuthola uMotaung ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.

OlukaBobby belukhala kodwa engalubamb­i. Kuthintwa uVina Maphosa wezokuxhum­ana kwiChiefs, ucele ukungaphaw­uli ngalolu daba.

 ??  ?? BAPHUME sebethelwa isibhaxu abadlali nabaqeqesh­i beChiefs emdlalweni weligi neChippa ngoMgqibel­o eFNB Stadium.
BAPHUME sebethelwa isibhaxu abadlali nabaqeqesh­i beChiefs emdlalweni weligi neChippa ngoMgqibel­o eFNB Stadium.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa