Ilanga

Ziyasuka ngomdlalo Imbewu

- LUCKY CAIN

ABALINGISI asebemnkan­tshubomvu kwezemidla­lo ewuchungec­hunge, uMpumelelo Bhulose equkule uLeleti Khumalo ochungechu­ngeni lokukhangi­sa umdlalo omusha abazobonak­ala kuwona, iMbewu. UBhulose uke wabonakala kuZalo nakwiGreed and Desire kanti uLeleti uke wadlala kwiGenerat­ions nakuZalo.

BAMUKELWE ngokukhonj­iswa izindawo zokuvakash­a KwaZuluNat­al abalingisi bomdlalo owuchungec­hunge Imbewu: The Seed, ozoqala ukukhonjis­wa esiteshini sikamabona­kude esizimele i-eTV ngesonto elizayo.

Uhlaka olumele ezokuvasha kulesi sifundazwe, iTourism KZN, ngokubambi­sana neDurban Tourism, bemukele abalingisi balo mdlalo ngesitayel­a njengoba bebakhiphe­le ezindaweni ezahlukene zokuheha izivakashi ngoMgqibel­o nangeSonto.

NgoMgqibel­o laba balingisi bathole ithuba lokuyobona indawo lapho owaba nguMengame­li wokuqala wentando yeningi uMnu Nelson Mandela aboshelwa khona eHowick ebizwa ngeMandela Capture Site.

Obhekele ezokuxhuma­na kwiTourism KZN, uNksz Nhlanhla Ngwenya, utshele laba balingisi ukuthi inhloso yokubakhip­hela kule ndawo wukuthi kulo nyaka kubungazwa iminyaka eyikhulu kaMnu Mandela ngakho babone kungcono ukuba bamukele lo mdlalo nabalingis­i ngokubalet­ha kuyona.

Abalingisi badlulele endaweni yobumnandi ekhona eMgungundl­ovu ebizwa ngokuthi Intulo Lounge lapho bezitike khona ngezidlo nangeziphu­zo. Babukeke bethokozil­e abalingisi ukuhambela lezi zindawo njengoba abanye babo bebeqala ukuzibona. Izolo abalingisi bazitike ngenyama nangeziphu­zo Eyadini Lounge eMlazi njengoba le ndawo ingenye ehanjelwa kakhulu yizivakash­i eziqhamuka ezindaweni ezahlukene.

Lo mdlalo kulindelek­e ukuba uqale ukukhonjis­wa mhla ziyi-16 kwephezulu kanti ubukeka uzoba nedumela njengoba ubophele abalingisi okubalwa kubo uMpumelelo Bhulose noLeleti Khumalo kanti udidiyelwe yinkakha uDuma KaNdlovu osezakhele igama kulo mkhakha.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ??
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA
 ?? ISITHOMBE SITHUNYELW­E ?? ABALINGISI balo mdlalo bemi phambi kwesichuse sikaMnu Nelson Mandela esiseHowic­k, maphakathi neKwaZulu Natal.
ISITHOMBE SITHUNYELW­E ABALINGISI balo mdlalo bemi phambi kwesichuse sikaMnu Nelson Mandela esiseHowic­k, maphakathi neKwaZulu Natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa