Ilanga

Masinqandw­e isihlava sokufuna izinto ngobudlova

-

KUNENKOLEL­O kwabanye bongoti kwezokupha­tha ohulumeni basekhaya ukuthi uMasipala weTheku usengozini yokuba senkingeni yokweswela imali yokuqhuba izidingo zomphakath­i uma uqhubeka nokusaphaz­a imali yabakhokhi bentela ngendlela engahlelek­ile njengoba ubukeka wenza.

Lezi zinsolo zibukeka zizoqina emuva kwesinqumo okuthiwa senziwe yimeya yaleli dolobha, uNkk Zandile Gumede, sokuqasha abathi bangamalun­gu ophiko lwezempi lwe-African National Congress (ANC), uMkhonto weSizwe Military Veterans Associatio­n (MKMVA) ngempelaso­nto, bengakaze bafake izicelo zomsebenzi ngokusemth­ethweni.

Lesi sinqumo sibukeka singekho emthethwen­i, okungasho ukuthi uma elinye lamaqembu emkhandlwi­ni noma inhlangano yabakhokhi bentela ingaya enkantolo iyocela ukuba inqume ngaso, kungenzeka inkantolo ithole ukuthi kasikho emthethwen­i. Lokhu kwenzeka emuva kokuba abantu abali-100 abathi bangamalun­gu eMKMVA, bengene ngoshova emahhovisi kamasipala ngoLwesibi­li lwesonto eledlule, bafuna ukunikwa imisebenzi ngenkani.

Ubudlova bala madoda buwasebenz­ele njengoba uNkk Gumede kuthiwa usenqume ukuba aqashwe wumasipala, ngaphandle kokubheka ukuthi zikhona yini izikhala zemisebenz­i, wukubheka ukuthi imali yokuholela laba bantu ikhona yini kwibhajeth­i yomkhandlu nokuthi kwenziwe inhlolokho­no ukubheka ukuthi banalo yini ikhono lokwenza umsebenzi.

Uma sibeka udaba lwala madoda eqembu elibusayo eceleni, sekuyinhla­layenza eThekwini ukuba izinhlanga­no ezithile okuthiwa zisondelen­e noNkk Gumede noMnu Jacob Zuma obengumeng­ameli waseNingiz­imu Afrika, zihlomule kulo masipala.

Amalungu alezi zinhlangan­o afuna ukuqashwa ngenkani noma anikwe amathenda yilo masipala ngaphandle kokufaka izicelo zincintisa­ne nabo bonke abantu njengoba kulawula imithetho yezwe. Okwenzeka eThekwini kunika isithombe sokuthi ukuze uhlomule ngomsebenz­i namathenda kulo masipala, kufanele ube yilungu leqembu elibusayo futhi ufune izinto ngesidlova, ungalandel­i imigomo nemithetho ebekiwe ukulandelw­a yibo bonke abantu abangasond­elene neqembu eliphethe izintambo.

Lesi sihlava sokufuna izinto ngodlame, sesisabele­le nakwezinye izingxenye zeKwaZulu-Natal njengoba kwenzekile ngesonto eledlule abantu baseMooi River bevala umgwaqo uN3 olibhekise eGoli, bashisa amaloli ngoba bethi bafuna ukuqashwa yizinkampa­ni zamaloli ngenkani.

Lo mkhuba kufanele ukhuzwe, izinswelab­oya ziboshwe, zijeze ukuze nabanye bafunde isifundo, bapheze ukwephula umthetho. Uma abenzi bobubi beyekwa bazenzela umathanda, kwene nokhula, leli lizwe lisengozin­i yokuba lingabusek­i.

Uma sibuyela kokwenzeka eThekwini, sethemba ukuthi uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, UDkt Zwelini Mkhize, uyabona ukuthi kuqhubekan­i kuleli dolobha, nokuthi uzokhuza ngokushesh­a ukuze kubuye isimo sokuphatha ngendlela ehlelekile nokongiwa kwemali yabakhokhi ntela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa