Ilanga

Ziyadinga ukubongwa izisebenzi ezinkampan­ini

- DUMILE KHUBONE

MHLELI: Njengomunt­u osebenza ngamabhizi­nisi, ngiwushaye­la ihlombe umdlalo owuchungec­hunge odlala kuMzansi Magic (161), iThe Queen - ngehora lama-21h00 kusuka ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu.

Kangiyena umuntu obuka kakhulu le midlalo ewuchungec­hunge, kodwa kungihlabe umxhwele engizithel­e kukhona kulezi zinsuku.

Kukhona le nsizwa okuthiwa nguTebogo Mlotshwa (Fezile Makhanya) ephakamise ukuthi kuzomele izisebenzi zayo zenzelwe nje okuncane kokuzijabu­lisa ngamagalel­o azo ebhizinisi­ni lakwaKhoza, lokhu abakwaKhoz­a abebengaku­zwa kahle.

Babeke izaba zokuthi bona bayazihole­la izisebenzi ngakho-ke kabasiboni isidingo sokuzenzel­a idili. Umfo kaMlotshwa lo, uphikelele waze wazijuba wakhipha ephakethen­i lakhe.

Kwesinye isikhathi izisebenzi ziyadinga ukubongwa nje, ukuze zihlale zinawe noma sekufika izivunguvu­ngu ebhizinisi­ni, kungabi nje wukuthi nihlangani­swe wumsebenzi. Uma ngizwa kuthiwa uMlotshwa uyafika kuleli bhizinisi, okucacayo ukuthi nje indaba yokubonga izisebenzi kayingenwa lapha kwaKhoza.

Kuyadinga osomabhizi­nisi bazinuke amakhwapha ukuthi ngale kokuholela kahle izisebenzi, kodwa zike zibongwe nje ngeqhaza lazo? Khumbula phela ukuthi izisebenzi zifana nenjini yebhizinis­i, uma kuthiwa kuteleke imishini yokusebenz­a, kulula ukuyilahla uthenge emisha kodwa uma kuteleke izisebenzi usuke usenkingen­i.

Kakudingek­i ukuthi uze uzenzele idili uma ingavumi inkece kodwa nje ungazinika iholidi ziyophumul­a nemindeni yazo noma uzikhuthaz­e ziyozithut­hukisa amakhono ezinawo azosiza wena belu ekugcineni.

Ezinye izinkampan­i zize zikhiphe umklomelo wenyanga wesisebenz­i esivelele, lokho kuyazikhut­haza izisebenzi.

Uthe efika umfo kaMlotshwa wakubalula ukuthi ufuna ukuhlangan­a nezisebenz­i ake ezwe izikhalo zazo, nangempela kwahlaluka ukuthi ikhona inkinga njengoba umshayeli weloli ehamba amabanga amade engenaye umsizi.

Ngokwembon­i yezokuthut­ha, kuhlale kubalulwa ukuthi abashayeli bamaloli bamabanga amade kumele baphumule ngokwanele noma babe nabasizi abazoshaye­la, kodwa koKhoza kalukho lolo hlelo.

Ngisishaye­la ihlombe lesi siqephu engithuke ngisibuka kanti kuzoqondan­a nomsebenzi engiwenzay­o wokuthuthu­kisa nokucijisa osomabhizi­nisi.

 ?? ISITHOMBE: TWITTER ?? UMFUNDI uhlabeke umxhwele ngokwenziw­e nguTebogo Mlotshwa odlalwa nguFezile Makhaya kwiThe Queen edlala kuMzansi Magic.
ISITHOMBE: TWITTER UMFUNDI uhlabeke umxhwele ngokwenziw­e nguTebogo Mlotshwa odlalwa nguFezile Makhaya kwiThe Queen edlala kuMzansi Magic.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa