Ilanga

SEBASTIAN JILI NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

- NGOBANI ABAZALWA NGALE NYANGA? PHAKATHI kosaziwayo abazalwa ngale nyanga sibala uThulani Serero ogijima kwiVitesse yaseNether­lands.

UHLALE unezinsele­lo ezintsha othandweni lwakho. Bakhona abanye abakholelw­a kakhulu emibonweni yakho nakuwena ngqo. Ungalinge wenze izinto ezizokwenz­a abanye bakungabaz­e.

ARIES (March 21-April 19)

UNGUMUNTU ogaqele inkululeko kodwa uyabona ukuthi kawufikile kahle kuyona. Kumele ugweme okuphazami­sa izinhlelo zakho ezibalulek­ile. Ukuzethemb­a kuzokusiza kakhulu empilweni yakho.

TAURUS (April 20-May 20)

KOKUNYE uyazama ukuphatha kahle umaqondana wakho kodwa ubuye ubone sengathi yena akenzi kahle. Ngeke wathuthuka ngesivinin­i osicabanga­yo ngoba ubuye ungene kalula emaphuthen­i.

GEMINI (May 21-June 21)

ZIKHONA izinto obonayo ukuthi kazisakuth­okozisi ebudlelwan­eni bakho. Usudlule ebunzimeni obukhulu kakhulu obudalwe ngabantu obasizile esikhathin­i esedlule. Usuzimisel­e ngokuphila impilo engancikil­e komunye umuntu.

CANCER (June 21-July 22)

AMANDLA akho kawapheli kalula noma kubuye kube nezithikam­ezo ezivukayo. Ukuphazami­seka kobudlelwa­no bakho kuzodala ingcindezi. Kunemibuzo olokhu uzibuza yona.

LEO (July 23-August 22)

KULANGAZEL­ELE njalo ukukhula ohlangothi­ni lwezolwazi. Uma usondelene nabantu abanobuhla­kani, ziphuma kalula kuwena izinqumo ezinobuhla­kani. Kunabanye ongafuni bakuqonde ukuthi ucabangani.

VIRGO (Aug 23-Sept 22)

IZINHLOSO eziqukethe ubulungisw­a kumele ubambelele ngqo kuzona. Kunezinhle­lo okumele zivuselelw­e esezibonak­ala zifadalala. Unokuhluka­na komqondo ngesinye isinqumo esimqoka kakhulu.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UZOBONA kunesiding­o sokubonisa­na nomaqondan­a ngezinye izinto ezimqoka. Zibophezel­e ekuqhamuke­ni nezixazulu­lo kwezinye izinkinga ongahlanga­bezana nazo.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UZOZIBAMBA ziqine ngempela ukuze isithunzi sakho sigcineke. Ungavumi ukuzihlang­anisa nezinhlelo eziphamben­e nobulungis­wa. Zicijele ukubhekana nanoma yibuphi ubunzima empilweni yakho.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

KUCUBUNGUL­E konke okuwumhlah­landlela wempilo yakho. Njengamanj­e kunobunye ubungani obonayo ukuthi kabukugcul­isi futhi uzimisele ukukhohlwa yibona. Unomqondo osheshayo futhi ocubungula­yo.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UMTHWALO wakho omkhulu uncike ekufezeni izidingo zomndeni. Kumele ukhombise ukuthi unesibindi nomqondo ojulile ekuxazulul­eni izinkinga, kakhulukaz­i ezimayelan­a nobudlelwa­no bakho.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UZOFINGQA imikhono uzimisele ukwenza noma yini ezokugcina uthuthukil­e. Izivunguvu­ngu zihlale zikhona empilweni kodwa kumele wazi ukuthi noma yini eyenzekayo iyadlula.

PISCES (Feb 19-March 20)

UYAKHOLELW­A ekubeni ngaphambi kokuqala ubudlelwan­o, kumele kuqale ubungani. Izinto ezinenza nihluke kumele ufunde ukuzishaya indiva ebudlelwan­eni bakho. Ukubambisa­na nabathile kuzokusiza kakhulu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa