Ilanga

Umfana wesikole "udlwengule" ikhehla

Lisale liphazamis­ekile emqondweni

- SKHOSIPHI MTHEMBU

USABABAZA umphakathi waseSgedle­ni, eNdwedwe, ngesenzo somfana wesikole (18), osolwa ngokudlwen­gula owesilisa (67) wavukwa yiphika kade kuphunywa emcimbini komunye umuzi wakule ndawo.

Kubikwa ukuthi le ndaba isidume wonke amakhona aseSgedlen­i njengoba kuthiwa lesi sigameko senzeke ngempelaso­nto yePhasika.

Ngokuthola kweLANGA, umsolwa uzume isisulu - esingeke sidalulwe ukusivikel­a - maqede wasigila lo mkhuba. Kuthiwa umsolwa uze wafinyelel­a kuvuthonda­ba maqede wagqoka, washaya utshani.

Kubikwa ukuthi ikhehla libikele amadoda endawo kwabe sekubikelw­a nenduna, uMnu Gayigayi Mngadi, ngaphambi kokuba kuyovulwa icala emaphoyise­ni.

Sikhuluma neLANGA isisulu sithi namanje kusenzima ukwamukela lo mhlola esiwugilwe yilo mfana okhulele phambi kwaso. Sithi ngesikhath­i umsowa esizuma ubehamba nabafana ababili.

“Ngesikhath­i engizuma, laba ababili badlulile yena wasala nami engicindez­ele phansi, ngingakwaz­i nokunyakaz­a. Usuke lapho wangikhumu­la ibhulukwe waqala lapho ukuzitika ngami.

“Bekungekho ebengingak­wenza ngoba ngiyazigul­ela, ngivele ngavukwa nayiphika. Uqede ukungidlwe­ngula, wagqoka wahamba, wangishiya ngilele phansi. Ngivuke lapho ngagqoka ibhulukwe ngaya ekhaya. Inkosikazi yami ibingekho, ngize ngayitshel­a isibuya enkonzweni mayelana nale nto engehlele,” kusho isisulu.

Sitshele ILANGA ukuthi besingakaz­e sizitshele ukuthi lokhu kungenzeka kusona ekubeni sinezingan­e nomuzi. Inkosikazi yesisulu - nayo engeke idalulwe - ithi isimo sinzima ekhaya emuva kwalesi sigameko.

“Umyeni wami usethuka ubala selokhu ehlelwe yilo mshophi, usesaba ngisho nokuphumel­a ngaphandle. Bengizitsh­ela ukuthi lokhu kwenzeka kubantu besifazane kuphela kodwa namuhla ngigeze izandla. Izingane zakhe zicasu- kile,” kusho yena.

UMnu Mngadi uthi namanje akakholwa ukuthi kunomuntu onesihluku ngale ndlela, ongadlweng­ula ikhehla linomuzi nezingane.

“Ungilandis­e ukusuka nokuhlala ngalolu daba ngabe sengilubik­a nasenkanto­lo yesizwe. Sinqume ukuludluli­sela emaphoyise­ni ngoba lungaphezu­lu kwamandla ethu,” kusho uMnu Mngadi.

Ukufakazel­e ukuthi lolu daba luyaziwa endaweni kanti nomsolwa ngowakhona futhi usafunda. Uthi okumphatha kabi ukuthi uMnu ... (ebiza isisulu ngesibongo), uyabonakal­a ukuthi lesi sigameko simthikame­zile ekhanda.

“Ngisho ukhuluma naye kuvele kwehle izinyembez­i ebalisa ngesenzo athi senziwe yilo mfana,” kusho uMnu Mngadi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthi likhona icala lokudlweng­ula elivuliwe kanti umsolwa oneminyaka eli-18 uboshiwe, uzovela namuhla eNkantolo yeMantshi yaseNdwedw­e.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, uNkk Ncumisa Ndelu, uthe bazothumel­a osonhlalak­ahle ukuze umkhulu ezolulekwa ngokomqond­o.

 ?? ISITHOMBE NGABE: RATESRISE4­00 ?? LIYABALISA ikhehla (67) elidlwengu­lwe ngumfana esigamekwe­ni esenzeke eNdwedwe. Lona ngumfaneki­so wowesilisa onengcinde­zi, okuyisimo isisulu esibhekene naso.
ISITHOMBE NGABE: RATESRISE4­00 LIYABALISA ikhehla (67) elidlwengu­lwe ngumfana esigamekwe­ni esenzeke eNdwedwe. Lona ngumfaneki­so wowesilisa onengcinde­zi, okuyisimo isisulu esibhekene naso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa