Ilanga

IZululand izokweseka osomabhizi­nisi bendawo

Bagqugquze­lwe ukuzithuth­ukisa ukuze bezohlomul­a

- BONGINKOSI ZONDI

IBUYISE ithemba kosomabhiz­inisi abangaphan­si kukaMasipa­la wesiFunda iZululand, iMeya Thulasizwe Buthelezi - engakaqedi sikhathi esingakana­ni ihola lo masipala.

Emhlanganw­eni obusehhote­la elisoNdini, ngoMsombul­uko, imeya yethembise osomabhizi­nisi ukuthi itshe lizogaya ngomunye umhlathi kusukela ngoNtulika­zi (July) nonyaka njengoba umasipala umatasa nokwenza izinguquko zenqubo yawo, ikakhuluka­zi ebudlelwan­eni bawo nosomabhiz­inisi.

Ithe noma iyiphi indawo ithuthuka ngokuphume­lela kosomabhiz­inisi bayo, yathi kuzophela nya obekwenzek­a phambilini eZululand lapho bekuhlomul­a osomabhizi­nisi abavela ngaphandle kwalesi sifunda ngoba kuphambene nenqubo kahulumeni, ethi lowo nalowo masipala kumele uthuthukis­e indawo engaphansi kwawo. “Kuwuhlelo lwethu njengeqemb­u elibusayo (kulo masipala - okuyiNkath­a Freedom Party) ukubonisa ukuthi lesi yisikhathi sokuba sinikeze amandla kosomabhiz­inisi balesi sifunda.

“Sidumele ukubona ukuthi umnotho wale ndawo kawufukuli amabhizini­si ayo.

“Sifuna ukuba isabelomal­i esiwuR1,1 billion sitshalwe khona lapha kulesi sifunda," kusho iMeya uButhelezi, ewumfundis­i ogcotshiwe.

Ithe kakunabo ubulungisw­a ukuba nxa kunomseben­zi, isibonelo;ka-R100 000 000 bese ithenda yawo inikezwe inkampani eyodwa.

Ibe isichazela osomabhizi­nisi ukuthi okwamanje mine imikhakha abazoqala kuyo: Ezolimo, ezokuvakas­ha, ezobuchwep­heshe nezamanzi nengqalasi­zinda yokukhucul­ulwa kwendle.

Igcizelele ukuthi osomabhizi­nisi kumele bazilungis­elele ukuze bahlomule, kungathi nxa kuphuma ithenda bese uma kufunwa ubufakazi bokuthi uzokwazi yini ukuwenza bese ethembisa ukuthi uzolekelew­a ngosiphece­lengwana abathile futhi okungebona abangaphan­si kwalo masipala.

Ibe isibeka izifiso zikamasipa­la njengokugq­ugquzela ezokuvakas­ha - okungase kuholele ekusetshen­zisweni kwesikhumu­lo sezindiza esisoNdini kanye nokwakha indawo yemihlanga­no yezinga eliphezulu.

Kalusalang­a udaba lwamanzi - njengoba eyinkinga kulesi sifunda - imeya ithe bahlela imali yokululung­isa.

Icele osomabhizi­nisi ukuba bacabange ngendaba yokubumba inhlangano yabo, i-business chamber ngolwasemz­ini - ukuze ihleleke kahle indlela yabo yokusebenz­isana nomasipala.

Benikwa ithuba osomabhizi­nisi, babeke izinsolo zokuthi kukhona okushaya amanzi ngeziseben­zi zehhovisi elikhipha amathenda, bathi sengathi yilapho bebanjwa khona ngophondo.

Babuze ukuthi uma abantu abaphuma ngaphandle kwaseZulul­and beveza imininingw­ane yokuthi bahlala kulesi sifunda, iyoxazulul­wa kanjani leyo nkinga. Imeya yethembise ukuthi konke lokhu umasipala uzokusukum­ela.

Sidumele ukubona ukuthi umnotho wale ndawo kawufukuli amabhizini­si ayo. Sifuna ukuba isabelolom­ali esiwuR1,1 billion sitshalwe khona lapha kulesi sifunda...

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? YIMEYA yaseZulula­nd, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ikhuluma nosomabhiz­inisi abangaphan­si kukamasipa­la wayo oNdini, ngoMsombul­uko.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E YIMEYA yaseZulula­nd, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ikhuluma nosomabhiz­inisi abangaphan­si kukamasipa­la wayo oNdini, ngoMsombul­uko.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa