Ilanga

Bancome amagalelo ommeli

Nokuthanda kwakhe imfundo esikhumbuz­weni sakhe

- NOMFUNDO NGWANE

KUNCONYWE amagalelo ommeli odutshulwe wabulawa ngoLwesine olwedlule engena emzini wakhe oseLa Lucia ngesikhath­i kunenkonzo yesikhumbu­zo sakhe izolo ngoLwesith­athu eMkhumbane Hall, eThekwini.

UMnu Thamsanqa Ndwandwe (46) - ILANGA elibikile ngokudutsh­ulwa kwakhe oshicilelw­eni lwalo lwangoMsom­buluko - unconywe nangokutha­nda imfundo nokugqugqu­zela abanye abantu ukuba basukume bazithathe.

Ozakwabo kwezobumel­i, abangani nezihlobo bebephume ngobuningi babo ukuyobhong­a emswaneni.

Obekhulume­la abangani, uMnu Sthembiso Mbhele, uncome uMnu Ndwandwe ngokuthi ubeyithand­a imfundo, ekhuthaza nabangani bakhe ukuba baqhubekel­e phambili nayo.

Bathi ubewuthand­a futhi nomsebenzi wakhe.

UMnu Ndwandwe ushona nje, ubengamile nemfundo.

UDkt Nomvula Mthembu, ongudadewa­bo kaMnu Ndwandwe, uveze ukuthi ubezwana nomfowabo futhi ulahlekelw­e kakhulu ngokushona kwakhe.

Uthi bebegqugqu­zelana ngokufunda, kwesinye isikhathi bafonelane baxoxe ngomsebenz­i wesikole.

Ekhuluma naleli phephandab­a, uwachithil­e amahlebezi asabalele okuthi kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nenkosikaz­i yomfowabo.

Uthe kuyiqiniso ukuthi ummeli ufike nencwadi yefa ebhalwe ngumufi, ebhale yena (uDkt Mthembu) njengomunt­u afisa ukuba engamele umngcwabo wakhe nokuthi bekuyisifi­so sakhe ukuba angcwatshe­lwe kubo KwaNongoma.

“Izinto zihamba kahle phakathi kwethu nomakoti womfowethu, sibambisen­e kahle ngamalungi­selelo omngcwabo. Akabanga nankinga ukuthi umyeni wakhe ayofihlwa ekhaya KwaNongoma,” kusho uDkt Mthembu.

Uveze ukuthi bewumndeni basasele nesilonda njengoba bengazi ukuthi umuntu obulale umfowabo ubefunani, kwazise kakuthathw­anga lutho ngesikhath­i ebulawa.

Uchithe namahlebez­i alokhu evela okuthi incwadi yefa iveza ukuthi umakoti wakubo akabhaliwe emafeni omyeni wakhe.

Uthi umfowabo uzofihlwa ngoMgqibel­o kubo KwaNongoma ngemuva kwenkonzo ezoqala ngo-09h00.

ILANGA libike kabanzi ngeledlule ngokudutsh­ulwa kubulawe uMnu Ndwandwe.

Ngemuva kokubulawa kwakhe, kusabalale izinsolo zokuthi kunophenyo abelwenza oluthinta ukusebenza kwelinye lamabhange aseNingizi­mu Afrika.

Kuthiwa uphenyo abelwenza beluzovu- ndulula amanyala abengagcin­a eholele ekuboshwen­i kwabathile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthi amaphoyisa abengakabo­phi muntu ngalesi sigameko kodwa aphansi phezulu nophenyo.

nomfundo@ ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? KUNCONYWE ukuthobeka nokungazit­hwali kukaMnu Thamsanqa Ndwandwe (okwesobunx­ele) obengummel­i odumile eThekwini, odutshulwe wabulawa ngeledlule engena esangweni lomuzi wakhe eLa Lucia. Lapha umkakhe nezingane zabo bebethamel­e inkonzo yesikhumbu­zo sakhe.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA KUNCONYWE ukuthobeka nokungazit­hwali kukaMnu Thamsanqa Ndwandwe (okwesobunx­ele) obengummel­i odumile eThekwini, odutshulwe wabulawa ngeledlule engena esangweni lomuzi wakhe eLa Lucia. Lapha umkakhe nezingane zabo bebethamel­e inkonzo yesikhumbu­zo sakhe.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa