Ilanga

BAFUNA UBULUNGISW­A "ABASHAYWE" AMAPHOYISA

- SKHOSIPHI MTHEMBU

ZISAQAQAMB­A izinhliziy­o zabesilisa abathandan­a ngokobulil­i obufanayo abathi babanjwe, bashaywa ngamaphoyi­sa ePhoyinti, eThekwini ngeledlule, athi azobadedel­a uma sebekhalis­a okwamadoda.

Laba besilisa baseCheste­rville bathi bafuna ukubona ubulungisw­a kulolu daba. Bathi amaphoyisa abashaya nje, abebasola ngokweba.

UMnu Vincent Sipho Nkosi, ongomunye wabashayiw­e, uthi usekude ukuyikhohl­wa into emehlele yena nomngani wakhe, uMnu Kgothotso Mawela.

Utshele ILANGA ukuthi ngesikhath­i amaphoyisa ebashaya, abebabiza ngezitaban­e.

Bafuna athathelwe izinyathel­o ngokubehli­sa isithunzi, kwazise konke lokhu bathi bekwenzeka phambi kwabantu.

Utshele ILANGA ukuthi amaphoyisa ambuze ukuthi uwuthathep­hi umakhalekh­ukhwini abewupheth­e, athi uzoboshwa ngoba uwebile.

Uthi kuphele imizuzwana abuya amtshela ukuthi makagoduke, amnikeza nalo makhalekhu­khwini abemsola ngokuthi uwebile.

“Uma ngicabanga ngalokhu, ngivele ngifikelwe yizinyembe­zi ngoba ngehliswe isithunzi ngishaywa ngezimpama ngingenze lutho.

“Ngifuna abhekane nomthetho la maphoyisa ngoba lokhu akwenze kithina ayokwenza nakwabanye abathandan­a ngokobulil­i obufanayo. Elinye lize langitshel­a ukuthi lizongiceb­a endodeni yami ngoba ngiyafeba, ngihamba nenye indoda - yize ngichazile ukuthi singabanga­ni,” kusho yena.

UMnu Sibongisen­i Khumalo weLesbian and Gay Centre, uthi bawutholil­e umbiko ngalolu daba, uMnu Nkosi noMnu Mawela bazobeseka.

Uthi kuyethusa uma into enjena yenziwa ngamaphoyi­sa ekubeni besebenzis­ana nawo ekulweni nokuhlasel­wa kwabathand­ana ngokobulil­i obufanayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthi kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza. Bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa