Ilanga

AKASABUTHI QUTHU OSATSHISWA NGUMFOWABO

- PHUMLANI GAMA

AKASABUTHI quthu ubuthongo owesilisa waseHluhlu­we, onebala elimhlophe othi usongelwa ngumfowabo ngokumyisa kwagoqanya­wo ukuze ezothengis­a ngezicubu zakhe zomzimba athole izishaqane zemali.

UThabani (32) (okungelona igama lakhe langempela) uthi usehlafuna ejeqeza kuhle kwenyamaza­ne ngenxa yezinsongo zomfowabo - ILANGA elinalo igama lakhe.

Uthi sekukaning­i umfowabo ethi uzombulala ukuze athengise ngezicubu zakhe kubelaphi bendabuko ukuze ezoceba kwazise kunabantu abahlala bembuza ukuthi kungani ehlupheka ekubeni ehleli neQuantum egcekeni (esho umfowabo).

Uthi useke walubika emndenini udaba lokusongel­wa ngumfowabo.

“Njengoba bekugujwa iPhasika, bengingakh­ululekile ngenxa kamfowethu obengitshe­la kwezikabho­qo ukuthi ufuna ukuthenga amatekisi ngemali yezicubu zomzimba wami.

“Ngilala isikhashan­a emuva kwalokho ngiphume ngibheke ngaphandle ukuthi akukho yini okunginyon­yobelayo,” kusho uThabani.

Ethintwa umfowabo, uthe kakulona iqiniso okushiwo nguThabani, yena usuke emdlalisa.

Uxwayise leli phephandab­a ngokuthi liphume liphele ezindabeni zokudlalis­ana kwakhe nomfowabo.

ILANGA lixhumane noMnu Maxwell Thabethe, ongusihlal­o we-Albinism Society KwaZuluNat­al, othe kuyishwa ukuthi namanje kusenabant­u abangadlal­isa abanye ngokufa.

“Ngibona sisikhulu isidingo sokuba kushaywe umthetho obhekelela ukuvikelwa kwabantu abanebala elimhlophe ngoba lokhu kuyinkomba yokuthi abantu bakwenza ngoba bazi ukuthi kakukho lapho bezoshushi­swa khona.

“Baningi abantu ababulewe ngenxa yale nkoleloze. Lolu wudaba okufanele lusukunyel­we,” kusho uMnu Thabethe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe uMnu Thela kumele ayobika udaba enkantolo lapho azofike enzelwe incwadi yesivimbel­o, ekhuza umfowabo ukuba ayeke ukumsabisa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa