Ilanga

BASHAYA AMAKHALA NGOFE EYE ENTOMBINI

- MTHOBISI SITHOLE LANGA, mthobisis@ilanganews.co.za

SITHOLWE emhosheni yilungu lomphakath­i, sesonakele isidumbu sowesilisa waseZinkun­zini, eNkandla, obese kuphele amasonto amabili enyamalele kade eyobona intombi yakhe. Ngokuthola kwe

uMnu Sandile Vilakazi (32) ( osesithomb­eni), uhambe eyobona intombi yakhe kwaze kwaphela isonto engabuyeli­le kubo.

Kuze kwabikwa emaphoyise­ni ngoba sekunezins­olo zokuthi kukhona okushaya amanzi.

Ilungu lomndeni kamufi, uMnu Mpheni Vilakazi, litshele ILANGA ukuthi bekuwusuku lokuqala eyobonana nale ntokazi.

Uthi okubadide kakhulu wukuthi emuva kokuba sebezwile ukuthi umufi unyamalele, le ntokazi ibalekile yaya KwaNongoma.

“Okuxakayo wukuthi ibalekiswa yini le ngane. Le yonto ishiya imibuzo engaphendu­leki kodwa sesithembe amaphoyisa ukuba aluphenye lolu daba, kubekhona oboshwayo ngoba ukufa kukaSandil­e kushayisa amakhala,” kusho uMnu Vilakazi.

Uthe kayikho ingxabano abayaziyo phakathi kwendodana yabo nalona wesifazane ebihlekisa­na naye ngoba uhambe ejabule kwazise bekuwusuku lokuqala eyobonana nayo.

Utshele leli phephandab­a ukuthi banezinsol­o zokuthi indodana yabo ibulewe ngenhloso.

Ngokwemibi­ko, kuthiwa lona wesifazane uye KwaNongoma wathi uyovakashe­la uyisekazi.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbhele, uthi icala livuliwe esiteshini samaphoyis­a eKhombe mayelana nokufa kukaMnu Vilakazi, kodwa bekungakab­oshwa muntu.

Uthe amaphoyisa asaphenya.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa