Ilanga

BASAZODUVA EZITOKISIN­I "ABABULALI" BASEGLEBE

- PAMELA ZUNGU

BAZOQHUBEK­A nokugqunyw­a ezitokisin­i abasolwa abayisi-7 abasolwa ngohide lwamacala okubalwa kuwona awokuzama ukubulala nawokwakha itulo lokubulala abantu ehostela iGlebeland­s, eMlazi, njengoba kulindelek­e ukuba iNkantolo yeMantshi eThekwini ikhiphe isinqumo mayelana nebheyili yabo mhla zingama-26 kuMbasa (April).

NgoLwesibi­li kuvele kule nkantolo uKhayelihl­e Mbuthuma (28), uMnu Wonderboy Hlophe (45), uMnu Bhekukwazi Mdweshu (37), uMnu Ncomekile Ntshangase (34), uMnu Mondli Mthethwa (35), uMnu Mbuyiselwa Mkhize (30) noMnu Vukani Mcobothi (30).

U-Adv Howse utshele iMantshi, uMnu Siphiwe Hlophe ukuthi uMnu Hlophe, uMnu Mdweshu, uMnu Ncomekile noMnu Ntshangase kumele badedelwe ngebheyili ngoba umphenyi wecala, uLt Col Bhekumuzi Sikhakhane, akanabo ubufakazi obuqandula ikhanda.

“Amakilayen­ti ami akukho akwaziyo mayelana namacala athweswe wona. Uma ephuma ngebheyili ngeke ayiphule imibandela ezobe ibekwe yinkantolo futhi ngeke enze into ephambene nomthetho.

“Engibamele baboshwe ngoZibande­la (December) nyakenye, kodwa kuze kube yimanje kayikho incazelo yokuthi kungani uphenyo lungaphoth­ulwa. Njengoba begqunywe ngaphakath­i, balahlekel­wa yimali kanti bonke bayasebenz­a,” kusho u-Adv Howse.

Umshushisi, u-Adv Dorian Paver, utshele inkantolo ukuthi leli cala kakumele lithathwe kalula ngoba libucayi.

“Inkantolo kumele ibheke ukuthi ofakazi ngeke babe sengcuphen­i yokusocong­wa yini nokuthi ngabe abamangale­lwa bazobuya yini enkantolo uma bededelwa ngebheyili.

“Inkantolo kumele iqonde ukuthi leli cala kalilula kanti lidinga uphenyo olunzulu. Uma bededelwa ngebheyili bazophazam­isa uphenyo futhi ofakazi bazobulawa,” kusho u-Adv Paver.

Utshele imantshi ukuthi useqashe onogada abazomqaph­a mihla namalanga ngenxa yobucayi becala. Uthe uqale ukugadwa kusukela ngoMgqibel­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa