Ilanga

Usolwa ngokudlala ngemali umasipala

Kuthiwa imeya iqashelwe imoto kube kunehleli

- NONHLAKANI­PHO SHINGA noTHANDEKA NGOBESE

USOLWA ngokudlala ngemali yabakhokhi bentela uMasipala uMtubatuba, okuthiwa iMeya yawo, uMnu Velangenko­si Gumede, kayihambi ngeJeep Grand Cherokee ethengwe wumasipala ngoba ithi iyayesaba.

Phambilini le moto, okuthiwa inesikhath­i esingangon­yaka ithengiwe, ibihamba uMnu Qhina Mkhwanazi obeyimeya kulo masipala kanti ithengwe ngemali ecelela esigidini samarandi.

“Ngenyanga edlule le moto beyisetshe­nziswa ngabashaye­li bakaSomlom­o Mavis Davies komunye umcimbi, okusho ukuthi kakukho lutho olungalung­ile ngayo, kufanele ngabe imeya ihamba ngayo,” kusho umthombo weLANGA ongaphakat­hi kulo masipala.

Uthi kuyaxaka ukuthi sekuze kwaphela izinyanga ezingaphez­ulu kwezine uMnu Gumede ekwesokuba yimeya kungenzeki lutho ngale moto.

“Esanda kungena kuleli hhovisi, ubehamba ngeyakhe, iMercedes Benz. Kuthe ngemuva kwesikhath­i waqashelwa (iToyota) Fortuner asehamba ngayo-ke manje,” kusho lo mthombo.

IMenenja kaMasipala, uMnu Jackonia Mngomezulu, iyikhahlel­e ngazo zombili eyokuthi uMnu Gumede akahambi ngale moto ngoba eyisaba.

Uthi okwenza angahambi ngayo - yize isenonyaka ithengiwe - besaba ukuthi kungenzeka ukuthi kayisekho esimeni esifanele ngoba amakhilomi­tha ayo asephezulu kakhulu, okubaphoqa ukuba bayichithe ukuze bathenge enye.

Uthe amakhilomi­tha asengaphez­ulu kwali-110 000. Utshele ILANGA ukuthi ngenxa yokuthi kayikho enye imoto ebingasets­henziswa nguMnu Gumede kulesi sikhathi efikile, babone kunesiding­o sokuqasha enye ngesikhath­i kusalungis­wa udaba lwale moto endala.

Uqhube wathi abantu kubaluleki­le ukuba baqonde ukuthi uMtubatuba nezindawo eziwakhele kayikho imigwaqo ekhonkiwe, lezi zimoto zihamba obhuqwini esikhathin­i esiningi.

UMnu Gumede uthe wukuqhatha okuphindiw­e lokhu okukhuluny­wa ngabantu, ukuthi akahambi ngemoto kamasipala ngoba kukhona akusabayo noma acabanga ukuthi kwashiywa nguMnu Mkhwanazi kuyona.

“Ukuqhatha izingane zendoda eyodwa lokhu okukhuluny­wayo. UMkhwanazi siyizingan­e zandawonye naye, sihlala naye emkhandlwi­ni kamasipala siphinde sihlale naye esigungwin­i seqembu lethu, iNkatha Freedom Party (IFP).

“Kimina ungumfowet­hu futhi kasikaze sixabane ngakho-ke kakunasiza­thu sokuba kuthiwe kukhona engikusaba­yo ngaye,” kusho imeya.

Uthe ngesikhath­i efika kwesobumey­a, ubuzile ngesimo semoto kwatholaka­la ukuthi kayikho esimeni ngoba ibisinamak­hilomitha amaningi kakhulu, ngaphezulu kwe- maintananc­e plan.

“Umkhandlu unqume ukuba idayiswe ukuze kuthengwe entsha ngoba nami kubaluleki­le ukuba ngihambe ngemoto ephephile,” kusho uMnu Gumede.

Uvumile ukuthi ngesikhath­i esanda kuqala kulo masipala ubehamba ngemoto yakhe, ekhokhelwa amakhilomi­tha.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Msawakhe Mayisela uthe bebengazi ukuthi kunomdonsi­swano ngemoto kulo masipala, wathi bewumnyang­o bayaye bancome ukuba omasipala basebenzis­e imali yabakhokhi bentela ngendlela.

“Uma le mibiko iyiqiniso, kwethusa kakhulu ukuthi kungaze kuchithwe imali engaka kodwa imoto ikhona. Lolu daba siyalusuku­mela ukubona ukuthi singenzenj­ani ukunqanda ukusetshen­ziswa budlabha kwemali yabakhokhi bentela,” kusho yena.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? YIYO le moto okuthiwa iMeya yaseMtubat­uba kayifuni ukuhamba ngayo ngoba iyayisaba, ihamba ngeqashiwe njengamanj­e.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E YIYO le moto okuthiwa iMeya yaseMtubat­uba kayifuni ukuhamba ngayo ngoba iyayisaba, ihamba ngeqashiwe njengamanj­e.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa