Ilanga

Usizi lodwa ezinganeni ezingenaba­zali

Sezesaba ngisho ukuya esikoleni ngoba ziyahlekwa

- PHUMLANI GAMA

ABUYE esabe ngisho ukuya esikoleni amantombaz­anyana amathathu aseMboza, KwaMhlabuy­alingana, KwaZulu-Natal - esingeke siwadalule ukuwavikel­a - ngoba ecasulwa wukuhlekwa ngozakwabo ngenxa yokuthi asuke engagqokil­e umfaniswan­o ophelele kwazise isimo kasisihle kubo njengoba nendlu ahlala kuyona ingawa noma yinini.

Lezi zingane eziphakath­i kweminyaka eyisi-6-9 ubudala, zishonelwe ngunina ngowezi-2015. ILANGA lithole lolu daba ngoMnu Johnson Gwala oyikhansel­a lakwawadi 13 KwaMhlabuy­alingana, ecela ukuba lisize liwuhlabe liwulawule ukuze kusizakale lezi zingane.

ILANGA livakashel­e lezi zingane ngeledlule lafika zihlaliswe nguNkz Zethu Gumede ongunina omncane. Uthe uhleli nje nazo kodwa naye ubhekene nolwakhe utalatiya lwezingane ezine okufanele abhekane nezidingo zazo.

Uveze ukuthi izingane zikadadewa­bo zizalwa ngoyise abehlukene abangaziwa nokuthi bakuziphi izinkalo njengoba unina wazo edlule emhlabeni engafuni ukucacisa ngabo.

Leli phephandab­a lithole ukuthi lezi zintandane zike zisinde komakhelwa­ne ngokuya ngasethunj­ini kodwa abakuphele­zela ngama- ganyana angemahle kwesinye isikhathi.

Lithole nokuthi ziyayithol­a imali yesibonele­lo sikahulume­ni kodwa kaziyazi ukuthi iphelelaph­i njengoba ziholelwa ngothile wakoninalu­me.

“Inzima kakhulu impilo yalapha ekhaya, silala singadlile. Izingane kazinawo umfaniswan­o wesikole ophelele, indlu yokulala kayikho, sicela noma ngubani ukuba angenelele kule nkinga ukuze kusizakale lezi zingane.

“Singathoko­za kakhulu uma kungaba noxhaso lwendawo yokuhlala futhi ephephile,” kusho uNkz Gumede. UMnu Gwala unxuse umphakathi ukuba ufundise izingane zawo emakhaya ukuba zi- ngazihleki eziswele ngoba imizi kayifani.

“Lubi kakhulu usizi olubhekene nalezi zingane. Okungizwis­a ubuhlungu kakhulu wukuthi zinoyise kodwa unina wayengafun­i ukuchaza ngemvelaph­i yazo. Siyacela kunoma ngubani ukuba elule isandla - aphonse esivivanen­i - ukuze kusizakale le miphefumul­o engenacala.

“Ngiyacela nakubazali emakhaya ukuba bayale izingane zabo zihlukane nokuhleka eziphuma emindenini engamile kahle,” kusho uMnu Gwala othi eMboza kunabantu abaningi abangenabo omazisi, yizitifike­ti zokuzalwa nokunye okuningi okubalulek­ile.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? AHLALA kule ndlu nodadewabo kanina amantombaz­anyana amathathu ashonelwe ngunina ngowezi-2015.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA AHLALA kule ndlu nodadewabo kanina amantombaz­anyana amathathu ashonelwe ngunina ngowezi-2015.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa