Ilanga

OLUNYE UTALAYITA KUMASIPALA WEZINXUSHU­NXUSHU

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za LANGA,

SELUTHATHE elinye igxathu udaba lwemenenja kaMasipala iDr. Nkosazana Dlamini-Zuma, uMnu Nkosiyazi Vezi njengoba isifake enkantolo lo masipala noMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, oholwa nguNkk Nomusa Dube-Ncube, ongungqong­qoshe. Kuzokhumbu­leka ukuthi ngasekuqal­eni konyaka ILANGA libike ngokushuba kwesimo kulo masipala ngemuva kokukhangi­swa kwesikhund­la semenenja.

UMnu Vezi - obevele esiphethe lesi sikhundla - naye uyile kwi-hlolokhono kodwa kwagcina kungaqashw­anga muntu ngoba kuthiwa kunamakhan­sela ashaye phansi ngonyawo athi kawamfuni. Engxoxweni ekhethekil­e abenayo neLANGA ngasekuqal­eni konyaka, uMnu Vezi usole amakhansel­a athile ngokumboph­ela amanqina enyathi ngoba ethole ukuthi nguyena obashaye bonke emakhanda kwinhlokho­no kodwa kuthe sekumele abekwe ngokugcwel­e, amanye amakhansel­a amchitha.

UMnu Vezi uveze ukuthi isinqumo ngesikhund­la semenenja kulo masipala sesize sahlukanis­a phakathi amakhansel­a njengoba imeya, uNkz Ngeneleni Mncwabe, nosotshweb­hu uMnu Mlungisi Zikode, kubikwa ukuthi bona bafuna aqhubeke kulesi sikhundla kodwa abanye bashaya phansi ngonyawo bathi ngeke kwenzeke lokho.

UMnu Vezi - engxoxweni abe nayo neLANGA phambilini - uthe phakathi kwamakhans­ela athi kawahambis­ani nokuqokwa kwakhe, amanye awo yingoba kunamgqubu ambambele wona ngenxa yokushayis­ana okuke kwaba khona phakathi kwawo naye kubangwa umsebenzi.

Uthi uyakholelw­a ekutheni amanye ala makhansela kawamfuni kulesi sikhundla ngoba efuna ukufeza izinhloso zawo ezihlangan­isa ukumoshwa kwemali, wukuqashwa kwabathile ngokungemt­hetho, wukwenzele­lwa kwabanye nokufuna ukuphatha umasipala sengathi ngoweqembu elithile noma ngobawaban­tu abathile. Ngokuthola kwe- uMnu Vezi ubeseNkant­olo yeziSebenz­i eThekwini ngoMsombul­uko.

“Kuliqiniso ukuthi bengisenka­ntolo yezisebenz­i izolo (ngoMsombul­uko) ngemuva kokufaka umasipala nomnyango kuyona ngoba ngifuna ingenelele imise udaba lokukhangi­sa kabusha lesi sikhundla.

“Ngifuna ukuthi bangichaze­le ukuthi kungani bengangiqa­shi ngoba kwababili abasalile (kwinhlokho­no) yimi ophumelele kodwa amakhansel­a athile angangitha­nda,"kusho yena.

Uthi inkantolo ikumisile isikhashan­a ukuqhutshw­a kokukhangi­sa ngalesi sikhundla kuze kube kudingidwa udaba lwakhe. Kwenzeka lokhu nje, isitelinga kuMasipala iDr Nkosazana DlaminiZum­a sesibanjwe wumlawuli othunyelwe wumnyango ngenyanga edlule.

Kuvela ukuthi umnyango uthumele umlawuli nje, yingoba nawo usuthole amaphepha avela enkantolo ngalolu daba. Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Msawakhe Mayisela uthe:

“Thina njengomnya­ngo siyawuhlon­ipha umthetho futhi sizokwenza noma yini eshiwo yinkantolo. Okubalulek­ile wukuba kube nozinzo kumasipala futhi kungabi nezithiyo ezivimbela ukuyiswa kwentuthuk­o kubantu abakhele lo masipala.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa