Ilanga

"Abaphumele obala abafuna ukuketula umengameli"

UMabuyakhu­lu uthi uMnu Jacob Zuma akufanele athule

- BONGINKOSI ZONDI noTHANDEKA NGOBESE

I-AFRICAN National Congress (ANC) KwaZulu-Natal ifuna baphumele obala osikhwili phambana nobhoko abangamalu­ngu aleli qembu kulesi sifundazwe, abashaya indiva ubuholi bukazwelon­ke - obuholwa nguMengame­li Cyril Ramaphosa - ukuze bezothathe­lwa izinyathel­o. Lokhu kutshelwe ILANGA nguMnu Mike Mabuyakhul­u oyilungu lekomiti lesikhasha­na le-ANC KwaZuluNat­al.

Uphawula kanjena nje uMnu Mabuyakhul­u, kunodaba olusemathe­ni kulezi zinsuku kwabezinda­ba nasezinkun­dleni zokuxhuman­a lokuthi kunabathil­e abangabala­ndeli bakaMnu Jacob Zuma ababopha itulo lokuketula uMnu Ramaphosa - okungakaph­eli ngisho izinyanga ezine enguMengam­eli we-ANC.

Kuthiwa lokhu bazokwenza ngokuqheke­za ivoti okhethweni oluzayo ngokuvotel­a i-ANC KwaZuluNat­al kodwa kuzwelonke amavoti abo bawaphe iqembu elizwelana nabo.

Kunemibiko ethi abalandeli bakaMnu Zuma bacabanga phakathi kokunye ukuba basebenzis­ane nomholi weBlack First Land First, uMnu Andile Mngxitama - obonakele eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni mhla ziyisi-6 kwephezulu eyokweseka uMnu Zuma obhekene namacala ali-16 enkohlakal­o.

Kuvela nezithi umholi weTwelfth Apostles Church in Christ, uMphostoli Caesar Nongqunga - ongumlande­li kaMnu Zuma - usesungule iqembu elisha lezepoliti­ki i-African Transforma­tion Congress, okuthiwa uthole isibusiso kuMnu Zuma sokwenza lokho.

Kuthiwa abaholi bebandla babe nomhlangan­o eMgababa, eThekwini, lapho kufundwe incwadi ebhalelwe i-ANC ukuyazisa ngesinqumo sokusungul­a iqembu elisha.

Ngokombiko wephephand­aba lesiNgisi eliphuma ngeSonto, iSunday Times, abanye abaholi beANC KwaZulu-Natal bathi miningi imihlangan­o eyinguyaza­na eyenziwe kulesi sifundazwe lapho abeseka uMnu Zuma bakhe khona itulo lokugudluz­a uMnu Ramaphosa esikhundle­ni.

Phakathi kokunye wukuba kwenziwe isiqinisek­o sokuthi uMnu Sihle Zikalala uyakhethwa futhi njengosihl­alo we-ANC KwaZuluNat­al uma isifundazw­e sesikhetha ubuholi baleli qembu engqungqut­heleni okulindele­ke ukuba ibe sekuphelen­i kwenyanga.

Emuva kwalokho-ke kuthiwa isigungu esiholwa nguMnu Zikalala siyocela umhlangano singakasha­yi isikhathi seNational General Council ye-ANC bese uguqulwa ube ngowokheth­o lobuholi ukuze kugudluzwe uMnu Ramaphosa.

ILANGA lithinta uMnu Mabuyakhul­u izolo ngoLwesith­athu, uthe bona njenge-ANC KwaZulu-Natal bayabuhlon­ipha ubuholi baleli qembu kuzwelonke, obukhethwe eNasrec, eGoli engqungqut­heleni ebimhla zili-16-20 kuZibandle­la (December) wezi-2017.

“Uma kukhona abagqugquz­ela ukuba bushaywe indiva lobu buholi obukhethiw­e, kufanele baphumele obala ukuze bathathelw­e izinyathel­o zokuqondis­wa izigwegwe ngoba lokhu abakwenzay­o kuphambene nenqubomgo­mo ye-ANC.

“UMnu Zuma ngumholi esimhlonip­hayo futhi esimthatha njengenjul­abuchopho kwezepolit­iki, sili- ndele ukuba naye angathuli nje abukele uma ezwa la mahlebezi athinta igama lakhe kodwa asukume abakhuze laba abafuna ukungcolis­a igama lakhe.

“Siyakholel­wa kakhulu ebuholini bakhe njengoba eseke waba yiphini likanobhal­a-jikelele enhlanganw­eni waphinde waba ngumengame­li wayo i-ANC.

“Kangikholw­a ukuthi angathula kukhona abafuna ukudala uqhekeko eqenjini besebenzis­a igama lakhe,” kusho uMnu Mabuyakhul­u.

USolwazi Bongile Mayaba wenkampani yabameli iBMM Incorporat­ed, ethintwa yiLANGA, uthe ukhona umsuka wala mahlebezi avele emaphephan­dabeni.

“Okokuqala obengumeng­ameli, uMnu Zuma unobuhlobo obuhle nalo mfundisi weThe Twelfth Apostles, kakwethusi ukuzwa ukuthi uzosungula iqembu lepolitiki elizwelana­yo noMnu Zuma.

“Okwesibili ngesikhath­i kunomlinde­lo e-Albert Park eThekwini, uMnu Zuma ezovela enkantolo, ku- khona abanye abebememez­a bethi: ‘Phansi ngoRamapho­sa’. Phakathi kokunye babethi makuhlanga­ne iNational General Council ngokujwaye­lekile ehlangana ngoba kubuyekezw­a ukuthi ubuholi buyehlulek­a yini noma buyaphumel­ela ukwenza obukuthuny­iwe.

“Akekho noyedwa kwabathint­ekayo kula mahlebezi oseke wawuphikis­a umbiko ophume emaphephan­dabeni, ngisho noMnu Zuma imbala,” kusho uSolwazi Mayaba.

Kuthiwa nxa abalandeli bakaMnu Zuma bengaphume­leli ukuthola iningi lamalungu e-ANC, bahlela ukushaya indiva ubuholi bukaMnu Ramaphosa basebenze njenge-ANC ezimele KwaZulu-Natal.

Ethintwa yiLANGA uMnu Zikalala, uthe malibheke uvo lwabo kumyalezin­yazi (online). Ekhuluma ekhasini labo leFacebook elithi: ANC KwaZulu-Natal, uthe kungamanga aluhlaza okushiwoyo, wathi abezindaba mabayeke ukukhuluma izinto eziyinzwab­ethi, ezingenasi­sekelo ngoba badukisa abantu.

Kuvele omunye obemphikis­a ethi makangacas­hi ngesithuph­a ngoba le nto abayenzayo icacile ukuthi balwela uMnu Zuma.

“Kahle ukukhuluma ilumbo uqambele abamapheph­a amanga. Uma usukhohliw­e, sizokukhum­buza, bekuyilo iphephanda­ba elaqala ukuveza udaba lukaKhwezi Khuzwayo nalapho nasho okufanayo nathi singawakho­lwa amaphepha anamanga.

“Gwiqiqi, sabona nina futhi senithi niyameseka umsolwa. Amaqabane akuleso sifundazwe kumele azibuze aziphendul­e ukuthi kungani uma niphika ukuthi neseka uMsholozi kodwa nilokhu niqhubeka nokuwanika izikibha ezinobuso bukaMnu Zuma, hhayi obukaMnu Ramaphosa.

“Uyophuphut­hekisa ingcosana, hhayi thina sonke. Kuyangijab­ulisa ukuthi bakhona abantu bakuleso sifundazwe asebebonil­e ukuthi bathelwa ngodaka emehlweni,” kusho omunye wabebephaw­ula.

Omunye uthe: “Ngizovotel­a iqembu lami i-ANC uma sekuvotwa, kodwa ngeke ngilivotel­e kuzwelonke.”

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMHOLI weBlack First Land First, uMnu Andile Mngxitama no-Edward Zuma oyindodana kaMnu Jacob Zuma bephethe izinqwembe ezithi makayekwe uMnu Zuma.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMHOLI weBlack First Land First, uMnu Andile Mngxitama no-Edward Zuma oyindodana kaMnu Jacob Zuma bephethe izinqwembe ezithi makayekwe uMnu Zuma.
 ??  ?? UMHOLI weBlack First Land First uMnu Andile Mngxitama ongakwesob­unxele emi eduze kukaMnu Sihle Zikalala ngesikhath­i uMnu Jacob Zuma evela enkantolo ngoLwesihl­anu olwedlule.
UMHOLI weBlack First Land First uMnu Andile Mngxitama ongakwesob­unxele emi eduze kukaMnu Sihle Zikalala ngesikhath­i uMnu Jacob Zuma evela enkantolo ngoLwesihl­anu olwedlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa