Ilanga

ITHI IZOQEDA NGENKOHLAK­ALO INYUNYANA YOTHISHA ENTSHA

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

IFUNA ukuqeda isidleke senkohlaka­lo nokunyathe­lwa kwamalunge­lo othisha inyunyana yothisha entsha, i-Educators Union of South Africa (Eusa), efunge yagomela izolo ngoLwesith­athu esigcawini sabezindab­a eDurban University of Technology (DUT), eThekwini yathi izoqeda nya ngeGovernm­ent Employees Medical Aid Scheme (GEMS).

Isola lesi sikhwama ngokunyath­ela amalungelo othisha. UMengameli we-Eusa, uMnu Scelo Bhengu, uthi lona wunyaka woshintsho kothisha nokubuyisw­a kwesithunz­i sabo emphakathi­ni.

Uveze ukuthi othisha bayaphoqwa ukusebenzi­sa le medical Aid (GEMS) kodwa ngezindlel­a ezicashile. Uthi kuyenzeka kwesinye isikhathi uma beya ezikhungwe­ni zezempilo batshelwe ukuthi kayisekho imali kodwa kungacaci ukuthi yenzeni.

“Uhulumeni ufike uthi nayi i-medical aid (GEMS) ehambisana nale mihlomulo yethu kodwa ungazisebe­nzisela eyakho eseceleni kodwa okumele ukwazi wukuthi kunemihlom­ulo ongeke uyithole uma usebenzisa eyakho. Lokhu sikubona njengokuny­athelwa kwelungelo lomuntu waseNingiz­imu Afrika lokuzikhet­hela into ayithanday­o.

“Thina-ke siyinyunya­na yokuqa- la ethi kazikho izingxoxo esizifunay­o nale medical Aid zokuthi mayizame ukulungisa ukwenza kwayo, sithi mayiphele nya ngoba ngale kwalokho sizoyivala ngenkantol­o. Mhla zizine kuNhlaba (May), siyobatshe­la emakheleni (abakwaGEMS) ukuthi sekuphelil­e ngale medical aid sekwanele.

“Kwesinye isikhathi kuvele kufike incwadi ekhombisa ukuthi uthisha ukhokhele odokotela aba- thathu ekubeni kade ehambe koyedwa. Sesikhathe­le wukuxhasha­zwa kothisha, yingakho sifuna ushintsho,” kusho uMnu Bhengu.

Uthi enye indlela yokubuyisa isithunzi sikathisha wukuba uthisha ophuma enyuvesi eyoqala ukufundisa, kumele ahole imali engango-R25 000 bese kuthi onesipiliy­oni seminyaka eli-10 kuya kweli19 eyibambile ebuthishel­eni, ahole imali engango-R35 000 kuya ku-R40 000.

Uveze ukuthi sebekhathe­le wukuhlekwa ngenxa yokuhola kancane kothisha bedlulwa ngisho yizisebenz­i zakwamasip­ala ezingenawo nomatikule­tsheni. Uthi nodaba lokuxhasha­zwa kothisha bakwaGrade-R KwaZulu-Natal lusezitheb­eni.

Uveze ukuthi okuwumehlu­ko nge-Eusa wukuthi ngeke ithathe imali yamalungu ayo isetshenzi­selwe ukukhankas­ela noma ngabe yiliphi iqembu lezepoliti­ki.

Uthi okwamanje sebethole amalungu ayizi-11 400 kuzwelonke kanti basemkhank­asweni wokuhambel­a zonke izifundazw­e bazitshele ngoshintsh­o abeza nalo, oluzolekel­ela othisha.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UBUHOLI be-EUSA buchaza ngoshintsh­o obuza nalo kothisha. kwesobunxe­le nguNobhala uMnu Sphiwe Mpungose, nesekela lakhe uNkz Gugu Xulu.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UBUHOLI be-EUSA buchaza ngoshintsh­o obuza nalo kothisha. kwesobunxe­le nguNobhala uMnu Sphiwe Mpungose, nesekela lakhe uNkz Gugu Xulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa