Makaziphendulele uKhuzani ngokushiwo uDlubheke engomeni
MHLELI: Kuke kubekuhle ukhuluma ngento oyaziyo nonobufakazi bayo. Indaba kaKhuzani (Mpungose ) noDlubheke (Khuzwayo) isithanda ukushuba futhi isithanda ukwethusa ngoba sekungena negama leNdidane (Mtshengiseni Ngcwensa) futhi kalingeni ngendlela ejabulisayo kepha lingena bese usala nemibuzo.
Uma ulalele iCD kaDlubheke, kakuyona eyokuqala le ayikhiphile lapho athi uma egadla kuKhuzani besekungena igama leNdidane. Uma ngingaphazami, kulena ethi “Kwazondimbuka” sengathi uDlubheke uthi uKhuzani wathi iNdidane inomona.
Kulena ephumile, ngicabanga ukuthi ithi “Asemaningi Amagwala” nakuyona uveza ukuthi uKhuzani wathi iNdidane izofa nini ukuze athole udumo.
Ngabe mfo kaKhuzwayo okushoyo ukusho ngoba kuliqiniso noma nje wenzela ukuwisa uKhuzani? Uthini ngomndeni weNdidane engicabanga ukuthi mhlawumbe namanxeba abesephola kepha lokhu okuvezayo kuzowuthunuka? Ngabe uma kuwukuthi kuliqiniso, wena wawuphendula uthini kulezi zinkulumo othi zashiwo nguKhuzani? Mfo kaMpungose, ngicabanga ukuthi kulezi zinsolo ezibhekiswe kuwena nguDlubheke, uma kuwukuthi iqhawe lakoNdimande (iNdidane) wawulithanda ngokweqiniso, kumele uphawule ngazo ngoba akuwona umdlalo, ekugcineni ungazithola ungasakhululekile kahle ngoba kakuseyikho ukungcweka le nto eyenzekayo. Mina ngoba ngikukhonzile mfo kaMpungose, kungakuhle ukuba uye emaphephandabeni noma yikuphi lapho wena ongazama khona ukuhlanza igama lakho. Yebo omunye uzothi hhayi kawungene wena lapho, nguDlubheke okhuluma ngokufa kukaGcwensa, kepha okumele ukwazi wukuthi igama lakho lihuduleleka phansi futhi kuzokwenza nabalandeli beNdidane, abalandeli bonke bakamaskandi nabomndeni balubuke ngamanye amehlo lolu daba. Mfo kaKhuzwayo, uma kungelona iqiniso okushoyo, yazi ukuthi baningi abantu obalimazile. Ngisho noma ngabe kuyilona iqiniso kepha lokho ngicabanga ukuthi bekungamele uze ucule ngakho, umuntu unomndeni wakhe, unabalandeli bakhe abezwa ubuhlungu egula bemfisela ukwelulama, bethandaza bese kuzoqhamuka inkulumo enje kumuntu othathwa njengoyisibonelo esihle entsheni.