Ilanga

Makaziphen­dulele uKhuzani ngokushiwo uDlubheke engomeni

- Mpha Shabalala EMNAMBITHI

MHLELI: Kuke kubekuhle ukhuluma ngento oyaziyo nonobufaka­zi bayo. Indaba kaKhuzani (Mpungose ) noDlubheke (Khuzwayo) isithanda ukushuba futhi isithanda ukwethusa ngoba sekungena negama leNdidane (Mtshengise­ni Ngcwensa) futhi kalingeni ngendlela ejabulisay­o kepha lingena bese usala nemibuzo.

Uma ulalele iCD kaDlubheke, kakuyona eyokuqala le ayikhiphil­e lapho athi uma egadla kuKhuzani besekungen­a igama leNdidane. Uma ngingaphaz­ami, kulena ethi “Kwazondimb­uka” sengathi uDlubheke uthi uKhuzani wathi iNdidane inomona.

Kulena ephumile, ngicabanga ukuthi ithi “Asemaningi Amagwala” nakuyona uveza ukuthi uKhuzani wathi iNdidane izofa nini ukuze athole udumo.

Ngabe mfo kaKhuzwayo okushoyo ukusho ngoba kuliqiniso noma nje wenzela ukuwisa uKhuzani? Uthini ngomndeni weNdidane engicabang­a ukuthi mhlawumbe namanxeba abesephola kepha lokhu okuvezayo kuzowuthun­uka? Ngabe uma kuwukuthi kuliqiniso, wena wawuphendu­la uthini kulezi zinkulumo othi zashiwo nguKhuzani? Mfo kaMpungose, ngicabanga ukuthi kulezi zinsolo ezibhekisw­e kuwena nguDlubhek­e, uma kuwukuthi iqhawe lakoNdiman­de (iNdidane) wawulithan­da ngokweqini­so, kumele uphawule ngazo ngoba akuwona umdlalo, ekugcineni ungazithol­a ungasakhul­ulekile kahle ngoba kakuseyikh­o ukungcweka le nto eyenzekayo. Mina ngoba ngikukhonz­ile mfo kaMpungose, kungakuhle ukuba uye emaphephan­dabeni noma yikuphi lapho wena ongazama khona ukuhlanza igama lakho. Yebo omunye uzothi hhayi kawungene wena lapho, nguDlubhek­e okhuluma ngokufa kukaGcwens­a, kepha okumele ukwazi wukuthi igama lakho lihudulele­ka phansi futhi kuzokwenza nabalandel­i beNdidane, abalandeli bonke bakamaskan­di nabomndeni balubuke ngamanye amehlo lolu daba. Mfo kaKhuzwayo, uma kungelona iqiniso okushoyo, yazi ukuthi baningi abantu obalimazil­e. Ngisho noma ngabe kuyilona iqiniso kepha lokho ngicabanga ukuthi bekungamel­e uze ucule ngakho, umuntu unomndeni wakhe, unabalande­li bakhe abezwa ubuhlungu egula bemfisela ukwelulama, bethandaza bese kuzoqhamuk­a inkulumo enje kumuntu othathwa njengoyisi­bonelo esihle entsheni.

 ??  ?? UMFUNDI ukhala ngamazwi athi asengomeni kaDlubheke (ongakwesob­unxele) ashiwo nguKhuzani (ongakwesok­udla) mayelana neNdidane (ephakathi).
UMFUNDI ukhala ngamazwi athi asengomeni kaDlubheke (ongakwesob­unxele) ashiwo nguKhuzani (ongakwesok­udla) mayelana neNdidane (ephakathi).
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa