Ilanga

Zizitshelw­ani izinkulumo ezicwasayo zikaMalema

-

SEKUWUMLAN­DO manje ukuthi umzamo we-EFF ne-ANC wokuketula esihlalwen­i iMeya yaseNelson Mandela Bay (NMB), e-Eastern Cape, uMnu Athol Trollip, ubuye wehluleka futhi ngoLwesibi­li kungavotwa­nga nokuvotwa emkhandlwi­ni wedolobha ozinze ePort Elizabeth.

Kuzokhumbu­leka ukuthi lona bekuwumzam­o wesibili wokuzama ukuxosha ngevoti lokungamet­hembi uMnu Trollip omele iDA, okuyilona qembu elithole izihlalo eziningi kulo masipala okhethweni lohulumeni basekhaya ngowezi-2016.

Kulolu khetho iDA kayikwazan­ga ukuthola izihlalo ezingaphez­u kwama-50%, okuyiphoqe ukuba isebenzisa­ne namaqembu amancane - okubalwa lapha i-EFF - ukuze ikwazi ukuphatha umasipala. I-EFF manje isivukele iDA esiswini njengotshw­ala kulo masipala, osekubeke isikhundla sikaMnu Trollip engcupheni emkhandlwi­ni.

Imizamo yokumketul­a ibaselwa ngumholi we-EFF, uMnu Julius Malema, othi ucasulwe wukuthi iDA yenqaba ukuvotela isiphakami­so seqembu lakhe ephalamend­e likazwelon­ke sokuba kudliwe umhlaba kubanikazi bamapulazi ngaphandle kokukhokhw­a kwesinxeph­ezelo.

Kufanele sikusho lokhu; kuvumeleki­le ngaphansi kwenqubo yombuso wentando yeningi ukuzama ukuketula ngevoti iqembu eliphethe noma umholi walo esihlalwen­i sokuphatha. Ngakho kuyilungel­o layo iEFF ne-ANC ukwakha umbimbi, bazame ukukhomba uMnu Trollip indlela.

Okungezwak­ali kahle yizizathu zabo zokuthatha lesi sinqumo, ikakhuluka­zi i-EFF. Leli qembu lithi ngaphandle nje kokuthi lihlose ukufundisa isifundo iDA ngenxa yokuthi kayisivote­langa isiphakami­so sayo sokudliwa komhlaba, ifuna kuxoshwe uMnu Trollip ngoba engumlungu. Lesi sizathu se-EFF kasamukele­ki ngoba sibandlulu­la ngokwebala, okuyinqubo abantu bakuleli abalwe nayo iminyaka eminingi kusaphethe uhulumeni wabamhloph­e bodwa, yaze yanqotshwa ngowe-1994 ngesikhath­i kuthatha uhulumeni wentando yeningi.

Akesenze isibonelo: uma usopolotik­i ongumlungu, oyilungu leDA, engatshela izwe ukuthi kufanele umengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa axoshwe esikhundle­ni ngoba ungumuntu onsundu, bangathini abantu abampishol­o? Ngeke yini kusuke umsindo, kuthiwe lowo mlungu uyabandlul­ula, kufanele aphenywe yikhomishi­ni yamalungel­o abantu, amangalelw­e nakwi-Equality Court? Yingani pho izinkulumo zokucwasa ngokwebala ezikhuluny­wa nguMnu Malema zinganakwa, futhi angathathe­lwa izinyathel­o zomthetho?

Sekuyisikh­athi sokuba wonke amaqembu akuMasipal­a waseNMB ayeke ukudlala ipolitiki eshibhile, kodwa abhekane ngqo nokuphucul­a impilo yabantu bakuloya masipala. Uma uMnu Trollip kuwukuthi akawupheth­e ngendlela ehlelekile umasipala, makaxoshwe, kodwa makungaset­shenziswa ubandlulul­o kuthiwe makaxoshwe ngoba emhlophe ngebala. Lokho kungaba wubuwula obusibuyis­ela emuva njengezwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa