Ilanga

ABDUL MILAZI

-

KUTHIWA ipolitiki kayisafani -uma-ke siboleka esishweni seDA eminyakeni emibili edlule lapho yayidelela khona i-ANC kwesinye sezikhangi­so zayo ezivele kumabonaku­de.

Leli qembu likamedemu Zille lalithi i-ANC kayisafani kunalokhu eyayiyikho kusaphethe uMnu Nelson Mandela owayengume­ngameli wayo.

Ngithi ipolitiki yonkana nje, kayisafani. Phela namuhla abantu sebelandel­a abantu, kabasaland­eli amaqembu. Abalandeli bamaqembu ezepolitik­i sebeyazifa­nela nje nabalendel­i bezokungce­beleka.

Abaholi bezepoliti­ki sebeyazifa­nela nje noZodwa Wabantu noKim Kardashian, umehluko nje wukuthi bona kabakawakh­umuli amabhuluma­si noma bafake izinqe zokufakelw­a, kodwa-ke ngeke sazi.

Ipolitiki yacishe yafika ezinqeni ngesikhath­i ungqongqos­he thizeni - esingeke sambiza ngegama ukuze singamembu­li izinqe - ethi bazimisele ngokuvikel­a uMnu Jacob Zuma ngezinqe zabo.

Cha, yena unazo impela. Kusho ukuthi uZodwa Wabantu noBabes Wodumo sebeyodlel­a ogageni ngoba phela naba abaholi sebefikile nezinqe zabo, futhi bazimisele ngokuziseb­enzisa.

NgeSonto ngihlangen­e nentokazi yangakithi le eSayidi ethe yona ihamba noZuma. Ngithe uma ngiyibuza ukuthi kanti kayilona yini ilungu le-ANC, yathi yona uZuma ungumengam­eli wayo.

Kunensizwa yaseLimpop­o engitshele ukuthi yona ihamba noCyril Ramaphosa. Nayo ngiyibuze wona lowo mbuzo, kodwa nayo yathi uRamaphosa ungumengam­eli wayo.

Bobabili laba bantu ngibabuzi- le ukuthi kanti ukuxhasa i-ANC sekuhamba ngezibongo yini, kodwa kabazange banginike impendulo ecacile. Yingakho nje nabesifaza­ne sebedideki­le nje ukuthi umzabalazo wesiketi uya kuphi. Njengoba sekushone uWinnie Madikizela-Mandela, kukhona oqale umkhankaso wokuthi abesifazan­e mabathwale umnqwazo njengophaw­u lokukhumbu­la leli qhawekazi.

Lo mshikashik­a uqale kwi- social media. Phela yilapho kuqala khona izinto eziningi kulezi zinsuku.

Ngicishe ngamosha umshado wenye insizwa yangakithi uKhandalev­eni, uma ngiyitshel­a ukuthi abesifazan­e kabathandi ukucindeze­lwa.

Emasontwen­i amathathu edlule ibuye kimi yathi le nto ebengiyits­hela yona wumbhedo nje, kanti kayizange isebenze kwakhe. Ithi phela iyekile ukumcindez­ela umama wasekhaya, kodwa emuva kwamasonto amabili owakwakhe umbuzile ukuthi kungabe usethole omunye yini asehlekisa­na naye.

Ubesemtshe­la ukuthi yena uzwe ngoMilazi ukuthi abantu besifazane kabasathan­di ukucindeze­lwa, washo nokuthi kungakho engasamcin­dezeli nje.

Uthi owakwakhe umtshele ukuthi imigubho yabesifaza­ne yinto yangaphand­le, kodwa embhedeni yena uyathanda ukucindeze­lwa.

Uthe: “Baba lapha ekhaya nguwena indoda, ngicela ungicindez­ele. Nakhu sengilele, ngicindeze­le baba”.

Kwale noma sengimchaz­ela ukuthi lokhu kucindezel­a akhuluma ngakho kakukhona lokhu ebengimtsh­ela ngakho, wathi ngeke aphinde alalele izifundisw­a ezifana nami ngoba angaze alahlekelw­e ngumfazi.

Phela uthe yena kwakhe uyisilomo, kanti owakwakhe uhamba naye njengoba abanye behamba noZuma noRamaphos­a nje. Nayoke iDA kayisafani.

Phela engqungqut­heleni yayo yokukhethw­a kwabaholi kuleli sonto, izimpukane eziluhlaza zingitshel­e ukuthi umfazi womholi wabo uMmusi Maimane, uvunyelwe ukuba agonyuluke phambi kwezihlwel­e encoma indoda yakhe.

Kusho ukuthi uMaimane umcindezel­a kahle ngoba phela ubengeke akhulume kahle ngaye kanje uma ingcindeze­lo ibingenzek­i ekhaya.

Abanye bathi lona wesifazane uvunyelwe ukuba akhulume ngoba engowebala elimhlophe, kodwa-ke mina kangizinge­ni ezepolitik­i, ngizihambe­la noZodwa Wabantu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa