ABDUL MILAZI
KUTHIWA ipolitiki kayisafani -uma-ke siboleka esishweni seDA eminyakeni emibili edlule lapho yayidelela khona i-ANC kwesinye sezikhangiso zayo ezivele kumabonakude.
Leli qembu likamedemu Zille lalithi i-ANC kayisafani kunalokhu eyayiyikho kusaphethe uMnu Nelson Mandela owayengumengameli wayo.
Ngithi ipolitiki yonkana nje, kayisafani. Phela namuhla abantu sebelandela abantu, kabasalandeli amaqembu. Abalandeli bamaqembu ezepolitiki sebeyazifanela nje nabalendeli bezokungcebeleka.
Abaholi bezepolitiki sebeyazifanela nje noZodwa Wabantu noKim Kardashian, umehluko nje wukuthi bona kabakawakhumuli amabhulumasi noma bafake izinqe zokufakelwa, kodwa-ke ngeke sazi.
Ipolitiki yacishe yafika ezinqeni ngesikhathi ungqongqoshe thizeni - esingeke sambiza ngegama ukuze singamembuli izinqe - ethi bazimisele ngokuvikela uMnu Jacob Zuma ngezinqe zabo.
Cha, yena unazo impela. Kusho ukuthi uZodwa Wabantu noBabes Wodumo sebeyodlela ogageni ngoba phela naba abaholi sebefikile nezinqe zabo, futhi bazimisele ngokuzisebenzisa.
NgeSonto ngihlangene nentokazi yangakithi le eSayidi ethe yona ihamba noZuma. Ngithe uma ngiyibuza ukuthi kanti kayilona yini ilungu le-ANC, yathi yona uZuma ungumengameli wayo.
Kunensizwa yaseLimpopo engitshele ukuthi yona ihamba noCyril Ramaphosa. Nayo ngiyibuze wona lowo mbuzo, kodwa nayo yathi uRamaphosa ungumengameli wayo.
Bobabili laba bantu ngibabuzi- le ukuthi kanti ukuxhasa i-ANC sekuhamba ngezibongo yini, kodwa kabazange banginike impendulo ecacile. Yingakho nje nabesifazane sebedidekile nje ukuthi umzabalazo wesiketi uya kuphi. Njengoba sekushone uWinnie Madikizela-Mandela, kukhona oqale umkhankaso wokuthi abesifazane mabathwale umnqwazo njengophawu lokukhumbula leli qhawekazi.
Lo mshikashika uqale kwi- social media. Phela yilapho kuqala khona izinto eziningi kulezi zinsuku.
Ngicishe ngamosha umshado wenye insizwa yangakithi uKhandaleveni, uma ngiyitshela ukuthi abesifazane kabathandi ukucindezelwa.
Emasontweni amathathu edlule ibuye kimi yathi le nto ebengiyitshela yona wumbhedo nje, kanti kayizange isebenze kwakhe. Ithi phela iyekile ukumcindezela umama wasekhaya, kodwa emuva kwamasonto amabili owakwakhe umbuzile ukuthi kungabe usethole omunye yini asehlekisana naye.
Ubesemtshela ukuthi yena uzwe ngoMilazi ukuthi abantu besifazane kabasathandi ukucindezelwa, washo nokuthi kungakho engasamcindezeli nje.
Uthi owakwakhe umtshele ukuthi imigubho yabesifazane yinto yangaphandle, kodwa embhedeni yena uyathanda ukucindezelwa.
Uthe: “Baba lapha ekhaya nguwena indoda, ngicela ungicindezele. Nakhu sengilele, ngicindezele baba”.
Kwale noma sengimchazela ukuthi lokhu kucindezela akhuluma ngakho kakukhona lokhu ebengimtshela ngakho, wathi ngeke aphinde alalele izifundiswa ezifana nami ngoba angaze alahlekelwe ngumfazi.
Phela uthe yena kwakhe uyisilomo, kanti owakwakhe uhamba naye njengoba abanye behamba noZuma noRamaphosa nje. Nayoke iDA kayisafani.
Phela engqungqutheleni yayo yokukhethwa kwabaholi kuleli sonto, izimpukane eziluhlaza zingitshele ukuthi umfazi womholi wabo uMmusi Maimane, uvunyelwe ukuba agonyuluke phambi kwezihlwele encoma indoda yakhe.
Kusho ukuthi uMaimane umcindezela kahle ngoba phela ubengeke akhulume kahle ngaye kanje uma ingcindezelo ibingenzeki ekhaya.
Abanye bathi lona wesifazane uvunyelwe ukuba akhulume ngoba engowebala elimhlophe, kodwa-ke mina kangizingeni ezepolitiki, ngizihambela noZodwa Wabantu.