Kubuhlungu ukuzunywa yisibusiso nempumelelo
UBUHLUNGU emhlabeni kaku-sikhona ukungabi namali noma nje ukungasebenzi, kodwa yilapho ufikelwa yimpumelelo kanti ubungayilindele.
Kubuhlungu ukuzunywa yisibusiso noma impumelelo.
Yonke into oyoyithola emhlabeni kanti ubungayilindele, iyokushaya phansi. Bonke abantu emhlabeni abaficwa yizinto ezinhle kanti bebengakazilungeli, zijika zibe yisiqalekiso kubona.
Ngiqonde ukuthi isibusiso esifika ezandleni ebezingasilindele, siphenduka isiqalekiso. Ake ucabange nje uma kungathiwa ubusiswa ngomsebenzi bese unikwa nemoto kulowo msebenzi kanti okuyincwajana yabasafunda ukushayela {leaners} noma ilayisensi uqobo kawunayo.
Ake ucabange uma kungathiwa manje unikezwa umyeni oqotho kanti unabafana abaningi abasenhliziyweni yakho, kawukayilungeli indoda.
Ake ucabange nje uma uNkulunkulu engakubusisa ngenkosikazi manje kanti kawukulungele lokho, unezintombi eziningi ezigcwele enhliziyweni yakho nasekhanda lakho.
Kubuhlungu ukuthi cha enkosikazini ohlangana nayo, oyinikwa nguNkulunkulu ngenxa yamantombazane agcwele enhlizweni yakho. Ake ucabange nje uma kungathiwa ubizwa phesheya kuthiwa hamba uyoxoxa nezinye izinhlanga zizokuphumelelisa kanti isiNgisi kasivuki.
Ngamafushane nje, ngiqonde ukuthi bonke abantu mabazilungiselele ikusasa ngoba ikusasa alazi- wa.
Ngesinye isikhathi uyaye ubone sengathi uNkulunkulu akaphenduli kanti umuntu akamlindi uNkulunkulu kodwa uNkulunkulu uyohlale elinde umuntu ukuba aze akulungele ukubusiswa noma ukwamukela isibusiso.
Uma ufuna ukuba ngubaba oqotho kusasa, ake uqale manje ungakabi nguyena, uzilungiselele ngoba kakulula ukuzilungisa usumdala.
Uma ufuna ukuba ngumama oqotho kusasa, qala manje nje useyintombazane uzilungiselele ukuthi kusasa uzoba ngumama indandatho ingakangeni emunweni.
Uma ufuna ukuba ngumholi oqotho kusasa, zilungiselele nje usaphethwe, indlela owenza ngayo nangendlela ohlonipha ngayo ngoba kawusoze wakwazi ukuphatha kanti kawukaze uphathwe.
Umhlaba uyindilinga, ngelinye ilanga uyohlangana nabantu abayofisa ukukusiza bakwenze umuntu kodwa kubuhlungu ukuhlangana nabantu abafuna ukukusiza ko-dwa bangazi nokuthi baqale kuphi kuwena ngoba uyinto engazazi ukuthi idingani empilweni - kawazi ukuthi liyaphuma noma liyashona yini.
Kunabantu nje asebezijwayeze ukubalisa bagcine bengasazi ukuthi bafunani empilweni, sekumnandi ukukhomba ngeminwe.
Kakusizi ukugxeka uhulumeni, uma ungazi nje ukuthi udingani empilweni, akekho oyokusiza. Into ebalulekile empilweni wukuhlala uzibuze ukuthi udingani bese ulungiselela leyo nto oyidingayo, uyobona uNkulunkulu ukuthi uyokubusisa kanjani.
Singadlali ngezibusiso zethu ngoba zilungele ukuza kithina kodwa manje ziyesaba ngoba kasizilungiselele.
Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10 eJewish Hall, eNorth Beach maqondana nePavillion Hotel ngo11h00.
Ungaxhumana naye kwethi: 078 419 1024; Ungamshiyela nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034
Kubo bonke abafundi bephephandaba lethu ILANGA, ngiyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphendula nonke, ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho kakulula ukunisiza nonke.
Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhuluma nomunye.
Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhulekweni.
UPastor Sthembiso Zondo ngumeluleki nomethuli wezinkulumo ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinkinga zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto.
SINGADLALI NGEZIBUSISO ZETHU...