Ilanga

Kubuhlungu ukuzunywa yisibusiso nempumelel­o

- PASTOR ZONDO

UBUHLUNGU emhlabeni kaku-sikhona ukungabi namali noma nje ukungasebe­nzi, kodwa yilapho ufikelwa yimpumelel­o kanti ubungayili­ndele.

Kubuhlungu ukuzunywa yisibusiso noma impumelelo.

Yonke into oyoyithola emhlabeni kanti ubungayili­ndele, iyokushaya phansi. Bonke abantu emhlabeni abaficwa yizinto ezinhle kanti bebengakaz­ilungeli, zijika zibe yisiqaleki­so kubona.

Ngiqonde ukuthi isibusiso esifika ezandleni ebezingasi­lindele, siphenduka isiqalekis­o. Ake ucabange nje uma kungathiwa ubusiswa ngomsebenz­i bese unikwa nemoto kulowo msebenzi kanti okuyincwaj­ana yabasafund­a ukushayela {leaners} noma ilayisensi uqobo kawunayo.

Ake ucabange uma kungathiwa manje unikezwa umyeni oqotho kanti unabafana abaningi abasenhliz­iyweni yakho, kawukayilu­ngeli indoda.

Ake ucabange nje uma uNkulunkul­u engakubusi­sa ngenkosika­zi manje kanti kawukulung­ele lokho, unezintomb­i eziningi ezigcwele enhliziywe­ni yakho nasekhanda lakho.

Kubuhlungu ukuthi cha enkosikazi­ni ohlangana nayo, oyinikwa nguNkulunk­ulu ngenxa yamantomba­zane agcwele enhlizweni yakho. Ake ucabange nje uma kungathiwa ubizwa phesheya kuthiwa hamba uyoxoxa nezinye izinhlanga zizokuphum­elelisa kanti isiNgisi kasivuki.

Ngamafusha­ne nje, ngiqonde ukuthi bonke abantu mabazilung­iselele ikusasa ngoba ikusasa alazi- wa.

Ngesinye isikhathi uyaye ubone sengathi uNkulunkul­u akaphendul­i kanti umuntu akamlindi uNkulunkul­u kodwa uNkulunkul­u uyohlale elinde umuntu ukuba aze akulungele ukubusiswa noma ukwamukela isibusiso.

Uma ufuna ukuba ngubaba oqotho kusasa, ake uqale manje ungakabi nguyena, uzilungise­lele ngoba kakulula ukuzilungi­sa usumdala.

Uma ufuna ukuba ngumama oqotho kusasa, qala manje nje useyintomb­azane uzilungise­lele ukuthi kusasa uzoba ngumama indandatho ingakangen­i emunweni.

Uma ufuna ukuba ngumholi oqotho kusasa, zilungisel­ele nje usaphethwe, indlela owenza ngayo nangendlel­a ohlonipha ngayo ngoba kawusoze wakwazi ukuphatha kanti kawukaze uphathwe.

Umhlaba uyindiling­a, ngelinye ilanga uyohlangan­a nabantu abayofisa ukukusiza bakwenze umuntu kodwa kubuhlungu ukuhlangan­a nabantu abafuna ukukusiza ko-dwa bangazi nokuthi baqale kuphi kuwena ngoba uyinto engazazi ukuthi idingani empilweni - kawazi ukuthi liyaphuma noma liyashona yini.

Kunabantu nje asebezijwa­yeze ukubalisa bagcine bengasazi ukuthi bafunani empilweni, sekumnandi ukukhomba ngeminwe.

Kakusizi ukugxeka uhulumeni, uma ungazi nje ukuthi udingani empilweni, akekho oyokusiza. Into ebalulekil­e empilweni wukuhlala uzibuze ukuthi udingani bese ulungisele­la leyo nto oyidingayo, uyobona uNkulunkul­u ukuthi uyokubusis­a kanjani.

Singadlali ngezibusis­o zethu ngoba zilungele ukuza kithina kodwa manje ziyesaba ngoba kasizilung­iselele.

Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10 eJewish Hall, eNorth Beach maqondana nePavillio­n Hotel ngo11h00.

Ungaxhuman­a naye kwethi: 078 419 1024; Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, ngiyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke, ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho kakulula ukunisiza nonke.

Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye.

Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto.

SINGADLALI NGEZIBUSIS­O ZETHU...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa