UMama Winnie usifundise ukuzigqaja ngobu-Afrika
UMBASA (April) yinyanga ehlonishwayo eNingizimu Afrika ngoba yiyona abampisholo bakuleli abazuze ngayo inkululeko izwe lonkana lathola intando yeningi.
Ngithi-ke ake ngisike elijikayo ngale nkululeko esayizuzayo.
Ngifuna ukubheka ikakhukukazi ukuthi thina njengabantu bakuleli abebecindezelekile futhi bephucwe okungokwabo ngenxa yobandlululo, uma sekufike inkululeko siyisebenzisa kanjani ukuze silwele ukuba siqhakambise ubuthina nezinto ezingamagugu kithina.
Kulo nyaka ithe isanda kuqala nje le nyanga yokugubha inkululeko yethu, kwadlula emhlabeni iqhawekazi elinguNkk Nomzamo Winnie Madikizela-Mandela.
Uma ulalela umlando walo, kuningi elikwenzile lilwela le nkululeko engicabanga ukuthi uma silalela kahle, kuningi esikufundayo kulona njengomama.
Engisike kukho kakhulu empilweni kaNkk Madikizela-Mandela - okuyohlala kusemqondweni wami ngaye - wukuthi yize ebenolwazi olungaka nezinga lemfundo eliseqophelweni eliphezulu, kodwa akazange azikhohlwe ukuthi yena uyintombi yakusiphi isizwe.
Indlela abegqoka ngayo ibihloni- phekile futhi ihlale ikuveza ukuthi uyazithanda ngokwesizwe adabuka kuso futho akanakho ukuzenyeza ngemvelaphi yakhe nobuzwe bakhe.
Usimele isizwe adabuka kuso kwaze kwaba sekugcineni. Emicimbini emikhulu ubungafuniseli ukuthi ungowakusiphi isizwe ngendlela abegqoka ngayo.
Singithathile lesi senzo sakhe ngoba singivezele ukuthi inkululeko ayeyilwele imkhululile ukuba azizwe engum-Afrika wakwaXhosa oziqhenyayo, ozethembayo ongadingi ukuzenza angekhona ukuze amukeleke.
Mhlawumbe kwabanye kungabukeka kungasho lutho ukugqoka nokukhuluma ulimi lwakho ngendlela efanele, kodwa iqiniso lithi imvelaphi, wubuzwe nenkolelo yomuntu kubonakala ngendlela akhuluma ngayo nangendlela azikhombisa ngayo ngokugqoka noma ngokwenza okuthize okuhambisana nemvelaphi yakhe - njengokuqhakambisa amasiko namagugu aleso sizwe aqhamuka kusona.
Kuyaye kuvuse usinga ukubona abantu bezigqaja futhi beziqhayisa ngemvelaphi yabo nangamagugu abo. Lokho kunikeza ithemba lokuthi kusasa siyoba nesizwe esimpi-sholo esizaziyo, esizethembayo futhi esingenamahloni ngalokhu esiyikho nesikholelwa kukho.
Ngiyaye ngibuke lezi zizwe ezichazwa ngokuthi ngezabamhlophe.
Uma umuntu wakhona uke wabiza igama lakhe ngendlela okungeyona, akalokhu ehloniza, usho khona lapho bakulungise ukuthi cha ela-khe igama noma isibongo kakubi-zwa ngale ndlela osumbize ngayo.
Kuyehluka kithina, kasibukeki sinenkinga uma bona bebiza awethu amagama nezibongo ngendlela okungeyona.
Le nto ingitshela ukuthi ezinye izizwe kazixolisi futhi kazifuni ngezinto zazo, zifuna zaziswe ngendlela efanele.
Kubanga amahloni ukubona thina ebesicindezelekile sithi uma sesikhulukekile siphinde singaziqhenyi ngobuthina nangalokhu okungokwethu.
Ngiyaye ngizwe abantu bethi mazibuye emasisweni kodwa izenzo ziyaphikisana nesikushoyo. Uma sikusukumela okwethu, siyobuya isizwe sethu.
Makhosi Ndleleni uMaZulu wakwaZondo Insika yaMathiyane (Isigodlo) UThishanhloko waseMatatane Secondary School mthiyanesgs@yahoo.com Ungasithinta kwethu: 082 752 7342.
Usimele isizwe adabuka kuso kwaze kwaba ekugcineni...